Dlulela kokuphakathi

Iyini ITorah?

Iyini ITorah?

Impendulo yeBhayibheli

Igama lesiNgisi elithi “Torah” lithathwe kwelesiHebheru elithi toh·rahʹ, elingahunyushwa ngokuthi “isiqondiso,” “imfundiso,” noma “umthetho.” a (IzAga 1:8; 3:1; 28:4) Izibonelo ezilandelayo zibonisa indlela leli gama lesiHebheru elisetshenziswe ngayo eBhayibhelini.

  • Elithi toh·rahʹ ngokuvamile libhekisela ezincwadini zokuqala ezinhlanu zeBhayibheli​—uGenesise, Eksodusi, uLevitikusi, uNumeri noDuteronomi. Lezi zincwadi zibizwa nangokuthi iPentateuch, okuyigama elithathelwe egameni lesiGreki elisho ukuthi “umqulu wezincwadi ezinhlanu.” ITorah yabhalwa uMose, ngakho ibizwa ngokuthi “incwadi yomthetho kaMose.” (Joshuwa 8:​31; Nehemiya 8:1) Ubufakazi bubonisa ukuthi ekuqaleni kwakuyincwadi eyodwa kodwa kamuva yahlukaniswa ukuze kube lula ukuyisebenzisa.

  • Elithi toh·rahʹ liphinde lisetshenziselwe ukubhekisela emthethweni owanikwa u-Israyeli ngokuphathelene nezindaba ezithile, ‘njengomthetho [i-toh·rahʹ] womnikelo wesono,’ “umthetho ophathelene nochoko,” kanye ‘nomthetho ophathelene noMnaziri.’​—Levitikusi 6:​25; 14:57; Numeri 6:​13.

  • Elithi toh·rahʹ libuye lisho isiqondiso noma imfundiso ethile, kungaba evela kumzali noma kwabahlakaniphileyo noma kuNkulunkulu uqobo.​—IzAga 1:8; 3:1; 13:14; Isaya 2:3.

Yini ebhalwe kuyiTorah noma kuyiPentateuch?

  • Umlando wendlela uNkulunkulu asebenzelana ngayo nabantu kusukela ekudalweni kwayo yonke into kuze kube sekufeni kukaMose.​—Genesise 1:​27, 28; Duteronomi 34:5.

  • Iziqondiso zoMthetho kaMose. (Eksodusi 24:3) Lowo Mthetho unemiyalo engaphezu kuka-600. Omkhulu kuyo iShema, noma isivumo sokholo samaJuda. Enye ingxenye yeShema ithi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangawo onke amandla akho.” (Duteronomi 6:​4-9) UJesu wachaza le ngxenye ‘njengomyalo omkhulu kunayo yonke futhi ungowokuqala.’​—Mathewu 22:36-​38.

  • Igama likaNkulunkulu elithi Jehova elivela izikhathi ezingaba ngu-1​800. Kunokuba iTorah ivimbele ukusetshenziswa kwegama likaNkulunkulu, iqukethe imiyalo ebonisa ukuthi kwakuyimfuneko ukuba abantu bakaNkulunkulu balibize.​—Numeri 6:​22-​27; Duteronomi 6:​13; 10:8; 21:5.

Imibono eyiphutha ngokuphathelene neTorah

Umbono oyiphutha: Imithetho yeTorah eyaphakade, ayisoze yashintshwa.

Iqiniso: Ezinye izinguqulo zeBhayibheli zibhekisela emiyalweni ethile yeTorah​—kuhlanganisa naleyo ehlobene neyeSabatha, ubupristi kanye noSuku Lokuhlawulelwa—njengezohlala “phakade.” (Eksodusi 31:16; 40:15; Levitikusi 16:33, 34, I-King James Version) Nokho, igama lesiHebheru elisetshenziswe kula mavesi lingasho okuyohlala kuze kube sesikhathini esizayo esingaziwa, hhayi ukuthi kuhlale kuze kube phakade. b Ngemva kokuthi isivumelwano soMthetho kaMose sase sineminyaka engaba ngu-900 sisebenza, uNkulunkulu wabikezela ukuthi wayezomisa “isivumelwano esisha” esikhundleni somthetho kaMose. (Jeremiya 31:31-​33) “Ngokusho kwakhe ukuthi ‘isivumelwano esisha,’ [uNkulunkulu] wenzé [isivumelwano sangaphambili] sangabe sisasebenza.” (Hebheru 8:​7-​13) Isivumelwano esisha samiswa eminyakeni engaba ngu-2​000 edlule ngenxa yokufa kukaJesu Kristu.​—Efesu 2:​15.

Umbono oyiphutha: Amasiko amaJuda adluliselwa ngomlomo neTalmud anegunya elifanayo neleTorah ebhalwe phansi.

Iqiniso: Abukho ubufakazi obungokomBhalo bokuthi kwaba nomthetho owawuzodluliselwa ngomlomo uNkulunkulu awunika uMose owawuhambisana neTorah yona eyayibhalwe phansi. Kunalokho, iBhayibheli lithi: “UJehova waqhubeka wathi kuMose: ‘Zilobele phansi la mazwi.’” (Eksodusi 34:27) Umthetho owawudluliselwa ngomlomo, kamuva owabhalwa phansi futhi waziwa ngokuthi iMishnah, owagcina usuyingxenye yeTalmud wawunamasiko amaJuda ayesungulwe abaFarisi. La masiko ayevame ukuphikisana neTorah. Yingakho uJesu athi kubaFarisi: “Nilenzé ize izwi likaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu.”​—Mathewu 15:​1-9.

Umbono oyiphutha: Abesifazane akufanele bafundiswe iTorah.

Iqiniso: UMthetho kaMose wawunesiqondiso sokuthi bonke abantu bakwa-Israyeli, kuhlanganise nabesifazane nezingane, kwakufanele bafundelwe wonke uMthetho. Kungani? “Ukuze balalele futhi bafunde, njengoba kumelwe bamesabe uJehova uNkulunkulu [wabo] baqaphele ukuwafeza wonke amazwi alo mthetho.”​—Duteronomi 31:10-​12. c

Umbono oyiphutha: ITorah inamazwi ayimfihlo.

Iqiniso: UMose, owaloba iTorah, wathi umyalezo okuyo ucacile futhi noma ubani angawufunda, awubhaliwe ngendlela eyimfihlo. (Duteronomi 30:11-​14) Lo mbono wokuthi kunemiyalezo eyimfihlo kuyiTorah uthathelwa enkolweni yobuKabbalah, inkolo yobuJuda yokukholelwa ezintweni eziyimfihlakalo, esebenzisa izindlela “eziklanywe ngobuciko” ukuze kuchazwe imiBhalo. d​—2 Petru 1:​16.

a Bheka iNguqulo Ebukeziwe ye-The Strongest Strong’s Exhaustive Concordance of the Bible, inombolo 8451 ngaphansi kwengxenye ethi “Hebrew-Aramaic Dictionary-Index to the Old Testament”.

b Bheka i-Theological Wordbook of the Old Testament, Umqulu 2, amakhasi 672-​673.

c Ngokuphambene nalokho okufundiswa iTorah, amasiko angokomthetho amaJuda ayevame ukwenqabela abesifazane ukuba batadishe iTorah. Ngokwesibonelo, iMishnah icaphuna uRabi u-Eliezer ben Hyrcanus ethi: “Noma ubani ofundisa indodakazi yakhe iTorah, kufana nokuthi uyifundisa into eyichilo.” (Sotah 3:4) ITalmud yaseJerusalema inamazwi akhe athi: “Amazwi eTorah angamane ashiswe ngomlilo kunokuba afundiswe abesifazane.”​—Sotah 3:​19a.

d Ngokwesibonelo, i-Encyclopaedia Judaica ichaza indlela inkolo yobuKabbalah ebheka ngayo iTorah: “ITorah empeleni ayisho lutho olutheni, nakuba eqinisweni isho izinto eziningi ezihlukahlukene ezimweni ezihlukahlukene.”—INguqulo yesibili, Umqulu 11, ikhasi 659.