Dlulela kokuphakathi

Ingabe Kulungile NgamaKristu Ukuba Asebenzise Izinto Zokuvimbela Inzalo?

Ingabe Kulungile NgamaKristu Ukuba Asebenzise Izinto Zokuvimbela Inzalo?

Impendulo YeBhayibheli

UJesu akazange ayale abalandeli bakhe ukuba babe nezingane noma bangabi nazo. Futhi akekho kubafundi bakhe owakhipha isiqondiso esinjalo. Akukho eBhayibhelini lapho kulahlwa ngokuqondile ukuvimbela inzalo. Isimiso esikweyabaseRoma 14:12 siyasebenza kule ndaba: “Ngamunye wethu uyozilandisela kuNkulunkulu.”—Roma 14:12.

Ngakho, abantu abashadile bakhululekile ukuzinqumela ukuthi bazoba yini nezingane noma cha. Bangase bazinqumele nokuthi zingaki izingane abazoba nazo nokuthi bazoba nazo nini. Uma bekhetha ukusebenzisa indlela yokuvimbela inzalo engabulali umbungu, lokho kuyindaba yabo siqu. Akekho okufanele abasole.—Roma 14:4, 10-13.