Dlulela kokuphakathi

Lithini IBhayibheli Ngokukhipha Isisu?

Lithini IBhayibheli Ngokukhipha Isisu?

Impendulo yeBhayibheli

 IBhayibheli alilisebenzisi igama elithi “ukukhipha isisu” ngomqondo wokukhipha umbungu ngenhloso. Nokho, amavesi amaningi eBhayibheli asinikeza umbono kaNkulunkulu ngokuphila komuntu, kuhlanganise nokomntwana ongakazalwa.

 Ukuphila kuyisipho esivela kuNkulunkulu. (Genesise 9:6; iHubo 36:9) Ubheka konke ukuphila njengokuyigugu, kuhlanganise nokuphila komntwana osesibelethweni. Ngakho uma othile ngamabomu ebulala umntwana ongakazalwa, lokho kuwukubulala.

 UMthetho kaNkulunkulu kuma-Israyeli wawuthi: “Uma amadoda elwa futhi alimaze owesifazane okhulelwe, azale umntwana ngaphambi kwesikhathi kodwa kungafi muntu, owonile kumelwe akhokhe inhlawulo ayinqunyelwe umyeni wowesifazane; kumelwe ayikhokhe kubahluleli. Kodwa uma kuba khona ofayo, kumelwe kukhokhwe ukuphila ngokuphila.”—Eksodusi 21:22, 23. a

 Kuqala nini ukuphila komuntu?

 UNkulunkulu ubheka ukuphila komuntu njengokuqala lapho umuntu ekhulelwa. EZwini lakhe, iBhayibheli, izikhathi eziningi uNkulunkulu ubhekisela kumntwana ongakazalwa njengomuntu ohlukile. Cabanga ngezinye izibonelo ezibonisa ukuthi uNkulunkulu akahlukanisi phakathi kokuphila komntwana osesesibelethweni nalowo osezelwe kakade.

  •   Iphefumulelwe uNkulunkulu, iNkosi uDavide yathi kuNkulunkulu: “Amehlo akho angibona ngisho ngisewumbungu.” (IHubo 139:16) UNkulunkulu wayebheka uDavide njengomuntu ngisho nangaphambi kokuba azalwe.

  •   Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wayazi ukuthi wayenenjongo ekhethekile ngomprofethi uJeremiya ngisho nangaphambi kokuzalwa kukaJeremiya. UNkulunkulu wathi kuye: “Ngakwazi ngaphambi kokuba ngikubumbe esibelethweni, ngakungcwelisa nangaphambi kokuba uzalwe. Ngakwenza umprofethi ezizweni.”—Jeremiya 1:5.

  •   Umbhali weBhayibheli uLuka, udokotela, wasebenzisa igama elifanayo lesiGreki ukuchaza umntwana ongakazalwa nalisebenzisela ukuchaza umntwana osanda kuzalwa.—Luka 1:41; 2:12,16.

 UNkulunkulu angamthethelela yini umuntu oke wakhipha isisu?

 Labo abaye bakhipha isisu bangayithola intethelelo kaNkulunkulu. Uma manje bamukela indlela uNkulunkulu abheka ngayo ukuphila, akudingeki ukuba bagajwe umuzwa wecala. “UJehova unesihe nozwela, . . . Njengokuqhelelana kwempumalanga nentshonalanga, uzibeke kude kangako izono zethu.” b (IHubo 108:8-12) UJehova uzobathethelela bonke abaphenduka ngobuqotho ezonweni zabo zesikhathi esidlule, kuhlanganise nalabo abaye bakhipha isisu.—IHubo 86:5.

 Ingabe ukukhipha isisu kubi uma ukuphila kukamama noma komntwana kusengozini?

 Ngenxa yalokho okushiwo iBhayibheli ngokuphila komntwana ongakazalwa, umuntu ngeke abeke izaba zokukhipha isisu ngenxa yengozi yezempilo engase ibe khona kumama noma kumntwana.

 Kuthiwani ngesimo esingavamile lapho ngesikhathi sokuzalwa komntwana kuba nesimo esiphuthumayo esiphoqa ukuthi kukhethwe phakathi kokusindisa ukuphila kukamama noma ukusindisa ukuphila komntwana? Esimweni esinjalo, labo abahilelekile kufanele benze isinqumo somuntu siqu ngokuthi yikuphi ukuphila okufanele bazame ukukusindisa.

a Ezinye izinguqulo zenza kubonakale sengathi kulo mthetho owawunikwe ama-Israyeli, indaba ebalulekile yilokho okwakwenzeka kumama, hhayi embungwini. Nokho, umbhalo wesiHebheru ubhekisela engozini engabulala umama noma umntwana.

b UJehova igama likaNkulunkulu njengoba lembuliwe eBhayibhelini.—IHubo 83:18.