Dlulela kokuphakathi

Angikujabuleli Ukuphila—Ingabe Inkolo, UNkulunkulu Noma IBhayibheli Kungangisiza?

Angikujabuleli Ukuphila—Ingabe Inkolo, UNkulunkulu Noma IBhayibheli Kungangisiza?

Impendulo YeBhayibheli

Yebo. IBhayibheli, incwadi endala yokuhlakanipha, lisinikeza izimpendulo zemibuzo ebalulekile yokuphila ezingakusiza uzizwe kangcono. Cabanga ngale mibuzo eliyiphendulayo.

  1. Ingabe ukhona uMdali? IBhayibheli lithi uNkulunkulu “wadala zonke izinto.” (IsAmbulo 4:11) NjengoMdali wethu, uNkulunkulu uyazi ukuthi yini esiyidingayo ukuze sijabule futhi saneliseke ekuphileni.

  2. Ingabe uNkulunkulu uyangikhathalela? Kunokuba lithi uNkulunkulu ukude kakhulu ebantwini, iBhayibheli lithi: ‘Akakude kulowo nalowo kithi.’ (IzEnzo 17:27) Unendaba nokuthi kwenzekani kuwe futhi ufuna uphumelele.—Isaya 48:17, 18; 1 Petru 5:7.

  3. Ukwazi uNkulunkulu kungangisiza kanjani ukuba ngizizwe ngingcono? UNkulunkulu wasidala ‘sinesidingo esingokomoya,’ isifiso sokuqonda injongo yokuphila. (Mathewu 5:3) Isidingo sethu esingokomoya sihlanganisa nesifiso sokwazi uMdali wethu nokuba nobuhlobo naye. UNkulunkulu uyakwamukela lapho uzama ukumazi, ngoba iBhayibheli lithi: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.”—Jakobe 4:8.

Abantu abaningi baye bathola ukuthi ukwakha ubungane noNkulunkulu kuye kwathuthukisa ukuphila kwabo futhi kwabenza bazizwa kangcono. Ukwazi uNkulunkulu ngeke kuziqede nyá izinkinga zakho kodwa ukuhlakanipha kwakhe okutholakala eBhayibhelini kungakusiza ukuba

Izinkolo eziningi ezisebenzisa iBhayibheli empeleni azikulaleli lokho elikufundisayo. Ngokuphambene nalokho, inkolo yeqiniso elalela lokho iBhayibheli elikushoyo izokusiza umazi uNkulunkulu.