Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Kungani Kufanele Ngithandaze?

Kungani Kufanele Ngithandaze?

 Ucwaningo olwenziwa eMelika lwabonisa ukuthi amaphesenti angu-80 entsha ayathandaza, kodwa ngamaphesenti angu-50 kuphela ayo athandaza zonke izinsuku. Kungenzeka abanye bayo bayazibuza, ‘Ingabe ukuthandaza kumane nje kuyinto engenza ngizizwe ngcono?’

 Uyini umthandazo?

 Umthandazo uyindlela yokukhuluma noMdali. Cabanga nje ukuthi kusho ukuthini lokho! UJehova uphakeme kunathi sonke, kodwa ‘akakude kulowo nalowo kithi.’ (IzEnzo 17:27) Eqinisweni, sithola lesi simemo eBhayibhelini: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.”—Jakobe 4:8.

 Ungasondela kanjani kuNkulunkulu?

  •   Ngomthandazo—okuyindlela okhuluma ngayo noNkulunkulu.

  •   Ngokutadisha iBhayibheli—okuyindlela uNkulunkulu akhuluma ngayo nawe.

 Ukuxhumana ngale ndlela noNkulunkulu, ngomthandazo nangokutadisha iBhayibheli, kungakusiza wakhe ubungane obuqinile naye.

 “Ukukhuluma noJehova, oPhezukonke, kuyilungelo elingenakuqhathaniswa aliphe abantu.”—UJeremy.

 “Ukutshela uJehova imizwa yami ejulile lapho ngithandaza, kungenza ngisondelane nakakhulu naye.”—UMiranda.

 Uyalalela yini uNkulunkulu uma ngithandaza?

 Kungase kube nzima ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu ulalele lapho uthandaza, ngisho noma ukholelwa kuye. Noma kunjalo, iBhayibheli libiza uJehova ngokuthi ‘uMuzwi womthandazo.’ (IHubo 65:2) Lize likumeme ukuba ‘uphonse zonke izinkathazo zakho phezu kwakhe.’ Kungani? ‘Ngoba uyakukhathalela.’—1 Petru 5:7.

 Ongacabanga ngakho: Uyasenza yini isikhathi sokukhuluma nabangane bakho njalo? Ungenza okufanayo nangoNkulunkulu. Thandaza kuye njalo, usebenzise igama lakhe elithi, Jehova. (IHubo 86:5-7; 88:9) IBhayibheli likumema ukuba ‘uthandaze ungaphezi.’—1 Thesalonika 5:17.

 “Umthandazo uyingxoxo eba phakathi kwami noBaba wami osezulwini, futhi ngimthululela sonke isifuba.”​—UMoises.

 “UJehova ngimxoxela izinto ezijulile, ngendlela engingenza ngayo uma ngikhuluma nomama noma nomngane engimethembayo.”​—UKaren.

 Yini engingayithandazela?

 IBhayibheli lithi: “Kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga.”—Filipi 4:6.

 Ingabe lokho kusho ukuthi kulungile ukutshela uNkulunkulu izinkinga zakho? Yebo! Empeleni, iBhayibheli lithi: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, yena uyokusekela.”—IHubo 55:22.

 Nokho, lapho uthandaza kuNkulunkulu akufanele ukhulume ngezinkinga zakho kuphela. Osemusha obizwa ngokuthi uChantelle uthi, “Bengingeke ngibe nobungane obuhle noJehova uma bengihlale ngicela usizo kuphela. Ngicabanga ukuthi into ebalulekile ukubonga, futhi kuningi okufanele ngimbonge ngakho.”

 Ongacabanga ngakho: Yiziphi izinto ezenzeke ekuphileni kwakho ongabonga ngazo? Ungacabanga yini ngezinto ezintathu ongambonga ngazo uJehova namuhla?

 “Ngisho nezinto ezincane, njengembali enhle, zingakwenza ufise ukubonga uJehova.”—U-Anita.

 “Zindla ngento ethile oyithanda kakhulu endalweni kaNkulunkulu noma ngevesi elithile elikuthinta inhliziyo, bese ubonga uNkulunkulu ngakho.”—UBrian.