Dlulela kokuphakathi

Kungani KwaQothulwa Isizwe? Kungani UNkulunkulu Engakuvimbelanga?

Kungani KwaQothulwa Isizwe? Kungani UNkulunkulu Engakuvimbelanga?

Abantu abaningi ababuza lo mbuzo bake bahlupheka kanzima, balahlekelwa abantu ababathandayo futhi abafuni nje izimpendulo kodwa bafuna induduzo. Abanye babheka ukuQothulwa Kwesizwe njengobubi obukhulu obake benziwa abantu, futhi bakuthola kunzima ukukholelwa kuNkulunkulu.

Imibono evamile ngoNkulunkulu nokuQothulwa Kwesizwe

Amanga: Akulungile ukubuza ukuthi kungani uNkulunkulu avumela ukuQothulwa Kwesizwe.

Iqiniso: Abantu ababenokholo ngempela babuza ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ububi. Ngokwesibonelo, umprofethi uHabakuki wabuza uNkulunkulu: “Kungani uvumela ubudlova, ukungabi namthetho, ubugebengu nesihluku kugcwale yonke indawo?” (Habakuki 1:3, i-Contemporary English Version) Kunokuba amthethise uHabakuki, uNkulunkulu wenza ukuba imibuzo yakhe ilotshwe eBhayibhelini ukuze ifundwe yibo bonke abantu.

Amanga: UNkulunkulu akanandaba nokuhlupheka kwabantu.

Iqiniso: UNkulunkulu uyabuzonda ububi kanye nokuhlupheka okubangelwa yibo. (IzAga 6:16-19) Ngezinsuku zikaNowa, uNkulunkulu “wezwa ubuhlungu enhliziyweni yakhe” ngenxa yobudlova obabugcwele emhlabeni. (Genesise 6:5, 6) Akungatshazwa ukuthi uNkulunkulu wezwa ubuhlungu obukhulu lapho kuQothulwa isizwe.—Malaki 3:6.[4]

Amanga: UkuQothulwa Kwesizwe kwakuyindlela kaNkulunkulu yokujezisa amaJuda.

Iqiniso: UNkulunkulu wavumela ukuba iJerusalema libhujiswe amaRoma ngekhulu lokuqala. (Mathewu 23:37–24:2) Nokho, kusukela ngaleso sikhathi, uJehova akazange athande isizwe esithile ngokukhethekile noma ajezise esithile esisodwa. Ngokombono kaNkulunkulu “awukho umehluko phakathi kwamaJuda nabeZizwe.”—Roma 10:12, i-Good News Translation.

Amanga: Uma uNkulunkulu enothando ngempela futhi enawo wonke amandla, ubeyokuvimbela ukuQothulwa Kwesizwe.

Iqiniso: Nakuba uNkulunkulu engalokothi abangele ukuhlupheka, ngezinye izikhathi uyakuvumela okwesikhashana.—Jakobe 1:13; 5:11.

Kungani UNkulunkulu Avumela UkuQothulwa Kwesizwe?

Isizathu sokuvumela kukaNkulunkulu ukuQothulwa kwesizwe siyefana naleso sokuvumela kwakhe konke ukuhlupheka kwabantu: ukuze kuxazululwe izimpikiswano ezaphakanyiswa kudala. IBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi njengamanje uDeveli obusa umhlaba, hhayi uNkulunkulu. (Luka 4:1, 2, 6; Johane 12:31) Nakuba lesi sihloko sidingida ngokuningiliziwe isizathu esenza uNkulunkulu avumele ukuhlupheka, kunamaqiniso amabili eBhayibheli ayisisekelo achaza ukuthi kungani uNkulunkulu avumela ukuQothulwa Kwesizwe.

  1. Ukukhetha kukabani okwabangela ukuQothulwa Kwesizwe? UNkulunkulu watshela abantu bokuqala, u-Adamu no-Eva lokho ayekulindele kubo, kodwa akazange abaphoqe ukuba bamlalele. Bakhetha ukuzinqumela bona ukuthi yini elungile nengalungile futhi bakhetha kabi—okuyinto abantu abaye bayenza kuwo wonke umlando wabo—okuyinto eyaletha abantu inhlekelele enkulu. (Genesise 2:17; 3:6; Roma 5:12) Kunjengoba nje incwadi ethi Statement of Principles of Conservative Judaism isho: “Ukuhlupheka okuningi ezweni kubangelwa ukusebenzisa kabi inkululeko yokuzikhethela esayinikwa.” Kunokuba asiphuce inkululeko yokuzikhethela, uNkulunkulu unika abantu isikhathi sokuzama ukuzilawula.

  2. UNkulunkulu uyakwazi futhi uzowususa umonakalo obangelwe ukuQothulwa Kwesizwe. UNkulunkulu uthembisa ukuvusa izigidi zabantu eziye zafa, kuhlanganise nalabo ababulawa ekuQothulweni Kwesizwe. Uyophinde aqede ubuhlungu bezinkumbulo ezesabekayo kulabo abathintwa ukuQothulwa Kwesizwe. (Isaya 65:17; IzEnzo 24:15) Uthando lukaNkulunkulu ngabantu lusiqinisekisa ngokuthi uyozigcwalisa lezi zithembiso.—Johane 3:16.

Abantu abaningi abafa nabathinteka ekuQothulweni Kwesizwe bakwazi ukulondoloza ukholo lwabo futhi bathola injongo ekuphileni ngokuqonda ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ububi nendlela ahlose ukubuqeda ngayo.