Dlulela kokuphakathi

Kungani OFakazi BakaJehova Bengathathi Hlangothi Ezindabeni Zezombusazwe?

Kungani OFakazi BakaJehova Bengathathi Hlangothi Ezindabeni Zezombusazwe?

 OFakazi BakaJehova abathathi hlangothi kwezombusazwe ngenxa yezinkolelo zabo ezisekelwe eBhayibhelini. Asilukhankaseli ukhetho, asiwavoteli amaqembu ezombusazwe noma abameleli bawo, asiyenzi imisebenzi ehilela ezombusazwe futhi asihileleki kunoma yisiphi isenzo sokushintsha ohulumeni. Sikholelwa ukuthi iBhayibheli lisinikeza izizathu eziqinile zokwenza ngale ndlela.

  •   Silandela isibonelo sikaJesu, owenqaba isikhundla sezombusazwe. (Johane 6:​15) Wafundisa abafundi bakhe ukuba ‘bangabi ingxenye yezwe’ futhi wakwenza kwacaca ukuthi akufanele bathathe uhlangothi ezindabeni zezombusazwe.​—Johane 17:14, 16; 18:36; Marku 12:13-​17.

  •   Siqotho eMbusweni kaNkulunkulu, uJesu akhuluma ngawo lapho ethi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe.” (Mathewu 24:14) Njengabameleli boMbuso kaNkulunkulu, abathunywe ukuba bamemezele ukuza kwawo, asithathi hlangothi ezindabeni zezombusazwe zawo wonke amazwe, kuhlanganise nezezwe esihlala kulo.​—2 Korinte 5:​20; Efesu 6:​20.

  •   Ngokuhlala singathathi hlangothi, siyakwazi ukukhuluma ngokukhululekile nabantu bakuwo wonke amaqembu ezombusazwe ngezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Sizama ukubonisa ngamazwi nangezenzo ukuthi sithembele eMbusweni kaNkulunkulu ukuba uxazulule izinkinga zomhlaba.​—IHubo 56:11.

  •   Njengoba sikugwema ukungenela kwezombusazwe, simunye njengabazalwane bomhlaba wonke. (Kolose 3:14; 1 Petru 2:17) Ngokuphambene nalokho, izinkolo ezizigaxa kwezombusazwe zidala uqhekeko phakathi kwamalungu azo.​—1 Korinte 1:​10.

 Ukuhlonipha ohulumeni. Nakuba singathathi hlangothi kwezombusazwe, siyalihlonipha igunya lohulumeni basendaweni esihlala kuyo. Lokhu kuvumelana nomyalo weBhayibheli: “Yonke imiphefumulo mayizithobe emagunyeni aphakeme.” (Roma 13:1) Siyawulalela umthetho, sikhokha izintela futhi sibambisana nemizamo kahulumeni yokunakekela inhlalakahle yezakhamuzi zawo. Kunokuhlanganyela kunoma yimiphi imizamo yokuketula uhulumeni, silalela iseluleko seBhayibheli sokuthandazela “amakhosi nabo bonke abasezikhundleni eziphakeme,” ikakhulukazi uma benza izinqumo ezingathinta inkululeko yokukhulekela.​—1 Thimothewu 2:​1, 2.

 Siphinde sihloniphe amalungelo abanye okuzenzela izinqumo ezindabeni zezombusazwe. Ngokwesibonelo, asiphazamisi lapho kunokhetho futhi asibaphazamisi labo abakhetha ukuvota.

 Ingabe ukungathathi hlangothi kwethu kuyinto entsha? Cha. Abaphostoli namanye amaKristu angekhulu lokuqala benza okufanayo emagunyeni ohulumeni. Incwadi ethi Beyond Good Intentions ithi: “Nakuba ayekholelwa ukuthi abophekile ukuhlonipha amagunya abusayo, amaKristu okuqala ayengakholelwa ekuzibandakanyeni ezindabeni zezombusazwe.” Ngokufanayo, incwadi ethi On the Road to Civilization ithi amaKristu okuqala “ayengabi sezikhundleni zezombusazwe.”

 Ingabe ukungathathi kwethu uhlangothi kuwusongo ekulondekeni kwezwe? Cha. Siyizakhamuzi ezithanda ukuthula okungadingeki ukuba amagunya ohulumeni azesabe. Cabanga ngombiko ka-2001 owenziwa yiNational Academy of Sciences of Ukraine. Lapho ukhuluma ngokungathathi kwethu uhlangothi kwezombusazwe, lo mbiko wathi: “Namuhla abanye bangase bangakuthandi ukuma koFakazi BakaJehova; yisona sizathu esenza ukuba bamangalelwe imibuso yamaNazi yobushiqela nobuKhomanisi esikhathini esidlule.” Ngisho nalapho becindezelwe umbuso weSoviet, oFakazi baqhubeka “beyizakhamuzi ezigcina umthetho. Basebenza ngokwethembeka nangokungazigodli emapulazini nasemasimini futhi abakaze nanini babe usongo embusweni wamaKhomanisi.” Lapho uphetha lo mbiko uthi ngendlela efanayo namuhla, izinkolelo nemikhuba yoFakazi BakaJehova “ayikufaki engozini ukuphepha nobuqotho banoma yiliphi izwe.”