NgokukaMathewu 24:1-51

  • ISIBONAKALISO SOKUBA KHONA KUKAKRISTU (1-51)

    • Izimpi, indlala nokuzamazama komhlaba (7)

    • Izindaba ezinhle zizoshunyayelwa (14)

    • Usizi olukhulu (21, 22)

    • Isibonakaliso seNdodana yomuntu (30)

    • Isihlahla somkhiwane (32-34)

    • Njengasosukwini lukaNowa (37-39)

    • Hlalani nilindile (42-44)

    • Inceku ethembekile nenceku embi (45-51)

24  Manje lapho uJesu esehamba esuka ethempelini, abafundi bakhe basondela ukuze bambonise izakhiwo zethempeli.  Ngenxa yalokho wathi: “Niyazibona zonke lezi zinto? Ngiqinisile ngithi kini, akusoze kwashiywa lapha itshe phezu kwetshe lingadilizelwa phansi.” +  Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye ngasese, bathi: “Sitshele, ziyokwenzeka nini lezi zinto, futhi luyoba yini uphawu* lokuba khona* kwakho + nolwesiphelo sesimiso sezinto?” *+  UJesu waphendula wathi kubo: “Xwayani ukuba ningadukiswa muntu, +  ngoba baningi abayoza ngegama lami, bethi, ‘NginguKristu,’ badukise abaningi. +  Niyokuzwa ngezimpi nemibiko yezimpi. Qaphelani ukuba ningethuki, ngoba lezi zinto kumelwe zenzeke, kodwa ukuphela kuyobe kungakafiki. +  “Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso, + futhi kuyoba khona ukusweleka kokudla + nokuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo. +  Zonke lezi zinto ziwukuqala kwemihelo yokucindezeleka.  “Khona-ke abantu bayoninikela osizini + banibulale, + niyozondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami. + 10  Abaningi bayokhubeka, bakhaphelane, bazondane. 11  Kuyovela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi; + 12  ngenxa yokwanda kokwephulwa komthetho, uthando lwabaningi luyophola. 13  Kodwa lowo okhuthazele kwaze kwaba* sekupheleni uyosindiswa. + 14  Lezi zindaba ezinhle zoMbuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke* ukuze kube ubufakazi ezizweni zonke, + ngemva kwalokho ukuphela kuyofika. 15  “Ngakho-ke, lapho nibona into enyanyekayo ebangela incithakalo, njengoba akhuluma ngayo uDaniyeli umprofethi, imi endaweni engcwele + (ofundayo makasebenzise ukuqonda), 16  khona-ke labo abaseJudiya mababalekele ezintabeni. + 17  Umuntu ophezu kwendlu makangehli ayokhipha izimpahla endlini yakhe, 18  nomuntu osensimini makangabuyeli emuva ayothatha ingubo yakhe yangaphandle. 19  Maye kwabesifazane abakhulelwe nakwabancelisayo ngalezo zinsuku! 20  Thandazelani ukuba ukubaleka kwenu kungenzeki ngesikhathi sasebusika noma ngosuku lweSabatha; 21  ngoba ngaleso sikhathi kuyoba khona usizi olukhulu + olungakaze lube khona kusukela ekuqaleni kwezwe kuze kube manje, cha, futhi olungeke luphinde lube khona. + 22  Empeleni, ukube lezo zinsuku azifinyezwanga, akukho muntu obeyosinda; kodwa ngenxa yabakhethiwe lezo zinsuku ziyofinyezwa. + 23  “Khona-ke uma noma ubani ethi kini, ‘Bhekani! Nangu uKristu,’ + noma ethi, ‘Nanguya!’ ningakholwa. + 24  Ngoba kuyovela oKristu bamanga nabaprofethi bamanga + benze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso ukuze badukise + ngisho nabakhethiwe, uma kungenzeka. 25  Bhekani! Nginixwayise kusengaphambili. 26  Ngakho-ke, uma abantu bethi kini, ‘Bhekani! Usehlane,’ ningaphumi; ‘Bhekani! Usemagumbini angaphakathi,’ ningakholwa. + 27  Njengoba nje umbani uvela empumalanga futhi ubonakale kuze kube sentshonalanga, kuyoba njalo ukuba khona* kweNdodana yomuntu. + 28  Nomaphi lapho kukhona khona isidumbu, izinkozi* ziyobuthanela khona. + 29  “Masinyane ngemva kosizi lwangalezo zinsuku, ilanga liyoba mnyama, + nenyanga ngeke ikhanye, nezinkanyezi ziyowa ezulwini namandla amazulu ayonyakaziswa. + 30  Khona-ke isibonakaliso seNdodana yomuntu siyobonakala ezulwini, zonke izizwe zomhlaba ziyozishaya zisosizini, + futhi ziyobona iNdodana yomuntu + iza iphezu kwamafu ezulu inamandla nenkazimulo enkulu. + 31  Iyothuma izingelosi zayo ngomsindo omkhulu wecilongo, ziqoqele ndawonye abakhethiwe bayo bevela kuzo zonke izinhlangothi,* kusukela komunye umkhawulo wamazulu kuye komunye umkhawulo wawo. + 32  “Manje fundani lo mfanekiso esihlahleni somkhiwane: Lapho nje igatsha laso elisha lithamba futhi liveza amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze. + 33  Ngokufanayo nani, lapho nibona zonke lezi zinto, yazini ukuthi iNdodana yomuntu iseduze, emnyango. + 34  Ngiqinisile ngithi kini, lesi sizukulwane asisoze sadlula zingakenzeki zonke lezi zinto. 35  Izulu nomhlaba kuyodlula, kodwa amazwi ami awasoze adlula. + 36  “Ngokuphathelene nalolo suku nalelo hora akekho owaziyo, + nazingelosi zasemazulwini naNdodana, kodwa nguBaba kuphela. + 37  Njengoba nje zazinjalo izinsuku zikaNowa, + kuyoba njalo nokuba khona* kweNdodana yomuntu. + 38  Ngoba njengoba babenjalo ngalezo zinsuku zangaphambi kukaZamcolo, bedla, bephuza, amadoda eshada nabesifazane beshadiswa, kwaze kwaba usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, + 39  futhi abanakanga kwaze kwafika uZamcolo, wabakhukhula bonke, + kuyoba njalo nokuba khona kweNdodana yomuntu. 40  Khona-ke amadoda amabili ayobe esensimini; enye iyothathwa, enye ishiywe. 41  Abesifazane ababili bayobe begaya etsheni; omunye uyothathwa, omunye ashiywe. + 42  Ngakho-ke, hlalani nilindile ngoba anazi ukuthi iNkosi yenu iza ngaluphi usuku. + 43  “Kodwa yazini into eyodwa: Ukube umninindlu ubazi ukuthi isela lizokuza ngasiphi isikhathi sobusuku, *+ ubeyohlala ephapheme angavumi ukuba indlu yakhe igqekezwe. + 44  Ngenxa yalokhu nani futhi hlalani nimi ngomumo, + ngoba iNdodana yomuntu iza ngehora eningalicabangi. 45  “Ubani ngempela oyinceku ethembekile neqondayo* emiswe inkosi yayo phezu kwabendlu yayo, ukuze ibanike ukudla kwabo ngesikhathi esifanele? + 46  Iyajabula leyo nceku okuyothi lapho inkosi yayo ifika iyithole yenza kanjalo. + 47  Ngiqinisile ngithi kini, iyoyimisa phezu kwakho konke okungokwayo. 48  “Kodwa uma kwenzeka leyo nceku embi ithi enhliziyweni yayo, ‘Inkosi yami ilibele ukufika,’ + 49  bese iqala ukushaya izinceku ezikanye nayo, idle futhi iphuze nezidakwa, 50  inkosi yaleyo nceku iyofika ngosuku engalulindele nangehora engalazi, + 51  iyijezise kanzima kakhulu, iyibeke phakathi kwabangathembekile. Lapho yilapho iyokhala khona iququde amazinyo. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “isibonakaliso.”
Noma, “nolwesiphelo sesikhathi.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “okhuthazela kuze kube.”
Noma, “kuzo zonke izindawo ezinabantu.”
Ezinye izinhlobo zokhozi ziyazidla izidumbu.
NgesiGreki, “emimoyeni yomine.”
Noma, “ngamuphi umlindo.”
Noma, “nehlakaniphile.”