Dlulela kokuphakathi

Kungani OFakazi BakaJehova Bengawagubhi Amanye Amaholide?

Kungani OFakazi BakaJehova Bengawagubhi Amanye Amaholide?

 OFakazi BakaJehova banquma kanjani ukuthi iholide liyamukeleka noma cha?

 OFakazi BakaJehova bahlola iBhayibheli ngaphambi kokuba banqume ukuthi bazoligubha yini iholide elithile noma cha. Amanye amaholide nemikhosi ethile kuziphula ngokucacile izimiso zeBhayibheli. OFakazi BakaJehova abawagubhi amaholide nemikhosi enjalo. Kodwa ngokuphathelene namanye amaholide, uFakazi ngamunye uzenzela esakhe isinqumo, alwele ‘ukulondoloza unembeza ohlanzekile phambi kukaNkulunkulu nakubantu.’​—IzEnzo 24:16.

 Nansi eminye yemibuzo oFakazi BakaJehova abazibuza yona lapho benquma ukuthi bazoligubha yini iholide elithile noma cha. a

  •   Ingabe leli holide lisekelwe emfundisweni ephikisana nomBhalo?

     Isimiso seBhayibheli: “‘Phumani phakathi kwabo, nizihlukanise,’ kusho uJehova, ‘niyeke ukuthinta into engcolile.’”​—2 Korinte 6:​15-​17.

     Ukuze oFakazi BakaJehova bazihlukanise ngokuphelele nezimfundiso ezibaxabanisa noNkulunkulu noma ezingqubuzana nemiBhalo, abawagubhi amaholide alandelayo.

     Amaholide aqalwa ngenxa yokuthi abantu babekholelwa noma bekhonza abanye onkulunkulu. UJesu wathi: “NguJehova uNkulunkulu wakho okumelwe umkhonze, nguye yedwa okumelwe unikele kuye inkonzo engcwele.” (Mathewu 4:​10) Belandela lowo myalo, oFakazi BakaJehova abawugubhi uKhisimusi, ama-Easter noma i-May Day, ngoba lawo maholide aqalwa ngenxa yokuthi abantu babekhonza abanye onkulunkulu, hhayi uJehova. Ngaphezu kwalokho, abawagubhi amaholide alandelayo.

    •  I-Kwanzaa. Igama elithi Kwanzaa “livela emazwini esiSwahili athi matunda ya Kwanza, asho ukuthi ‘izithelo zokuqala’ futhi [lokhu] kubonisa ukuthi leli holide lisuselwa emikhosini yesivuno sokuqala esemlandweni wase-Afrika.” (I-Encyclopedia of Black Studies) Nakuba abanye bethi i-Kwanzaa ayiwona umkhosi wenkolo, i-Encyclopedia of African Religion iyiqhathanisa nomkhosi wase-Afrika lapho “kunikelwa [khona] izithelo zokuqala ukuze kubongwe onkulunkulu nokhokho.” Ibe isithi: “Iholide labaseMelika bomdabo okuthiwa i-Kwanzaa nalo lenziwa ngalowo moya wokubonga izibusiso ezivela kokhokho.”

      I-Kwanzaa

    •  I-Mid-Autumn Festival. Lona “umkhosi wokuhlonipha unkulunkulukazi wenyanga.” (I-Holidays, Festivals, and Celebrations of the World Dictionary) Uhlanganisa inqubo “eyaziwa ngokuthi i-kowtow ngesiShayina lapho owesifazane ophethe ikhaya ekhothamela unkulunkulukazi.”—I-Religions of the World​A Comprehensive Encyclopedia of Beliefs and Practices.

    •  I-Nauruz (i-Nowruz). Lona “omunye wemikhosi yakudala kakhulu osuselwa kubuZoroastria, ongelinye lamaholide angcwele kunawo wonke ekhalendeni yobuZoroastria lasendulo. . . . Ngokwesiko lobuZoroastria, u-Spirit of Noon owaziwa ngokuthi [u-Rapithwin], okwakucatshangwa ukuthi uxoshwa u-Spirit of Winter ngezinyanga zamakhaza, wayamukelwa ngemikhosi eyayenziwa emini ngosuku luka-Nowruz.”​—I-United Nations Educational, Scientific and Cultural Organization.

    •  I-Shab-e Yalda. Lo mkhosi wokugubha usuku lwasebusika olude noma olufushane kunazo zonke, “ngokuqinisekile uhlobene nokukhonza uMithra,” unkulunkulu wokukhanya, ngokwencwadi ethi Sufism in the Secret History of Persia. Kucatshangwa nokuthi kungenzeka ukuthi leli holide lihlobene nokukhonza onkulunkulu belanga bamaRoma nabamaGreki. b

    •  I-Thanksgiving. Leli holide, nalo njenge-Kwanzaa, lisuselwa emikhosini yesivuno yasendulo yokudumisa onkulunkulu abahlukahlukene. Ngokuhamba kwesikhathi “la masiko asendulo aqala ukugujwa isonto lobuKristu.”​—I-A Great and Godly Adventure​—The Pilgrims and the Myth of the First Thanksgiving.

     Amaholide asekelwe enkolelweni eyize noma enhlanhleni. IBhayibheli lithi labo “abadekela unkulunkulu weNhlanhla itafula” ‘baphakathi kwalabo abamshiyayo uJehova.’ (Isaya 65:11) Ngenxa yalokho, oFakazi BakaJehova abawagubhi la maholide alandelayo:

    •  I-Ivan Kupala. Incwadi ethi The A to Z of Belarus ithi: “Ngokwenkolelo edumile, [nge-Ivan Kupala] imvelo ikhipha amandla ayo emilingo asebenza kahle kumuntu onesibindi nonenhlanhla.” Ekuqaleni, lo mkhosi wawungowabantu abangamkhonzi uNkulunkulu abagubha usuku lwasehlobo olude noma olufushane kunazo zonke. Nokho, i-Encyclopedia of Contemporary Russian Culture ithi lo mkhosi “wahlanganiswa neholide leSonto [“usuku lukasanta” uJohane umBhapathizi] lapho [abantu abangamkhonzi uNkulunkulu] beba amaKristu.”

    •  I-Lunar New Year (i-Chinese New Year noma i-Korean New Year). “Ngalesi sikhathi sonyaka ngokukhethekile, imindeni, abangane nezihlobo bakhathalela kakhulu ukuthola izinhlanhla, ukuhlonipha onkulunkulu nemimoya kanye nokufisela abanye inhlanhla onyakeni omusha.” (I-Mooncakes and Hungry Ghosts​—Festivals of China) Ngokufanayo, i-Korean New Year “ihlanganisa ukukhonza okhokho, imicikilisho yokuxosha imimoya emibi nokuqinisekisa ukuthi uNyaka Omusha uba nezinhlanhla bese kuyabhulwa ukuze kubonakale ukuthi uzoba njani uNyaka Omusha.”—I-Encyclopedia of New Year’s Holidays Worldwide.

      I-Chinese New Year

     Amaholide asekelwe enkolelweni yokuthi umphefumulo awufi. IBhayibheli likusho ngokucacile ukuthi umphefumulo ungafa. (Hezekeli 18:4) Ngenxa yalokho, oFakazi BakaJehova abawagubhi amaholide abhalwe ngezansi, akhuthaza imfundiso yokuthi umphefumulo awufi:

    •  I-All Souls’ Day (i-Day of the Dead). Ngokwe-New Catholic Encyclopedia lolu usuku “lokukhumbula bonke abathembekile asebafa. EMinyakeni Ephakathi bekuyinkolelo evamile ukuthi imiphefumulo esesihlanzweni ingafika ngalolu suku kubantu eyaxabana nabo isaphila, ibe yizipoki, abathakathi, amaxoxo emimoya noma okunye.”

    •  I-Qingming Festival (i-Ch’ing Ming) Ne-Hungry Ghost Festival. Le mikhosi emibili yenzelwa ukuhlonipha okhokho. Incwadi ethi Celebrating Life Customs Around the World​—From Baby Showers to Funerals ithi phakathi ne-Ch’ing Ming “kushiswa ukudla, iziphuzo nemali yephepha ukuze kuqinisekiswe ukuthi abafileyo ababulawa indlala noma balambe futhi baswele imali.” Le ncwadi ibuye ithi: “Phakathi neNyanga Ye-Hungry Ghost, ikakhulukazi ngobusuku lapho inyanga igcwele, [labo abagubha lo mkhosi] bakholelwa ukuthi abafileyo baxhumana kakhulu nabaphilayo ngalobu busuku kunangabonye ubusuku, ngakho kubalulekile ukuthatha izinyathelo zokushweleza kwabafileyo nokuhlonipha okhokho.”

    •  I-Chuseok. I-The Korean Tradition of Religion, Society, and Ethics ithi lo mkhosi, uhlanganisa “ukunika abafileyo ukudla newayini.” Lesi senzo sibonisa “inkolelo yokuthi umphefumulo uyaqhubeka uphila lapho umzimba usufile.”

     Amaholide ahlobene nokusebenzelana nemimoya. IBhayibheli lithi: “Noma ubani . . . obhulayo, owenza umlingo, ofuna amabika, umthakathi, ophonsa abanye ngeziphonso, obuza kosebenzelana nemimoya noma kumbikezeli wekusasa, nanoma ubani obuza kwabafileyo . . . uyisinengiso kuJehova.” (Duteronomi 18:10-​12) Ukuze oFakazi BakaJehova bagweme ukusebenzelana nemimoya​—okuhlanganisa ukubhula ngokufunda izinkanyezi abayigubhi i-Halloween noma amaholide alandelayo:

    •  I-Sinhala Ne-Tamil New Year. “Izinto ezingokwesiko ezenziwa ngaleli holide . . . zenziwa ngezikhathi ezikahle ezinqunywe kusetshenziswa ukubhula ngezinkanyezi.”​—I-Encyclopedia of Sri Lanka.

    •  I-Songkran. Igama lalo mkhosi wase-Asia “lisuselwa egameni lolimi lwesiSanskrit . . . elisho ‘ukuhamba’ noma ‘ukushintsha,’ futhi [ngalo mkhosi] ilanga lisuke lingena eqoqweni lezinto ezisemkhathini elibizwa ngokuthi i-Aries.”​—I-Food, Feasts, and Faith​—An Encyclopedia of Food Culture in World Religions.

     Imikhosi eyayenziwa lapho kukhonzwa uNkulunkulu ngaphansi koMthetho KaMose, eyaqedwa umhlatshelo kaJesu wesihlengo. IBhayibheli lithi: “UKristu uyisiphetho soMthetho.” (Roma 10:4) AmaKristu asazuza ezimisweni zoMthetho KaMose owawunikezwe ama-Israyeli asendulo. Nokho, awayigubhi imikhosi esemthethweni kaMose, ikakhulukazi leyo eyayibikezela ngoMesiya, lowo amaKristu akholelwa ukuthi usefikile kakade. IBhayibheli lithi: “Lezo zinto ziyisithunzi sezinto ezazizofika, kodwa okungokoqobo kungokukaKristu.” (Kolose 2:​17) Ngenxa yalokho, njengoba eminye yemikhosi inamasiko angavumelani nemiBhalo, oFakazi BakaJehova abayigubhi le mikhosi elandelayo:

    •  I-Hanukkah. Kulo mkhosi kusuke kukhunjulwa ukunikezelwa kabusha kwethempeli lamaJuda eliseJerusalema. Nokho, iBhayibheli lithi uJesu waba uMpristi Ophakeme ‘wetende [noma ithempeli] elikhulu neliphelele ngokwengeziwe elingenziwanga ngezandla, okuwukuthi, elingelona elale ndalo.’ (Hebheru 9:​11) KumaKristu, lelo thempeli lathatha isikhundla sethempeli elaliseJerusalema.

    •  I-Rosh Hashanah. Lolu usuku lokuqala lonyaka wamaJuda. Endulo, kulo mkhosi kwakuba neminikelo ekhethekile enikelwa kuNkulunkulu. (Numeri 29:​1-6) Nokho, njengoba uJesu Kristu enguMesiya, wenza ukuba “kukhawuke umhlatshelo nomnikelo wesipho,” wawenza wangabe usamukeleka kuNkulunkulu.​—Daniyeli 9:​26, 27.

  •   Ingabe Leli holide likhuthaza ukuxubana kwezinkolo?

     Isimiso seBhayibheli: “Umuntu okholwayo uhlanganiswa yini nongakholwa? Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithixo?”​—2 Korinte 6:​15-​17.

     Nakuba oFakazi BakaJehova belwela ukuphila ngokuthula nomakhelwane babo futhi behlonipha ilungelo lomuntu ngamunye lokukhetha ukuthi yini afuna ukuyikholelwa, bayayigwema imikhosi ekhuthaza ukuxubana kwezinkolo ngalezi zindlela ezilandelayo.

     Imikhosi yokukhumbula abantu noma izinto zenkolo ezenzeka, ekhuthaza abantu bezinkolo ezihlukene ukuba bahlangane ukuze bakhonze ndawonye. Lapho uNkulunkulu eholela abantu bakhe kwelinye izwe elinabantu bezinkolo ezihlukile kweyabo, wathi kubo: “Ningasenzi isivumelwano nabo noma nonkulunkulu babo. . . . Uma kwenzeka nikhonza onkulunkulu babo, nakanjani kuyoba ugibe kini.” (Eksodusi 23:32, 33) Ngakho-ke, oFakazi BakaJehova abawagubhi amaholide afana nalawa alandelayo.

    •  I-Loy Krathong. Phakathi nalo mkhosi waseThailand, “abantu bahlela izimbali zibe indilinga, bazifake amakhandlela noma izinduku eziyimpepho bese bezidedela emanzini zihambe. Kukholelwa ukuthi lezi zimbali zihamba namabhadi. Empeleni lo mkhosi uwukukhumbula izinyathelo ezingcwele ezashiywa uBuddha.”​—I-Encyclopedia of Buddhism.

    •  I-National Repentance Day. Ngokwesikhulu sikahulumeni esicashunwe ephephandabeni elibizwa ngokuthi i-The National lasePapua New Guinea labo abahlanganyela kulo mkhosi basuke “bevumelana ngezimfundiso ezibalulekile zobuKristu.” Lesi sikhulu sikahulumeni sithi lolu suku “lwenza abantu ezweni bakhumbule izimiso zobuKristu.”

    •  I-Vesak. “Leli iholide elingcwele kunawo wonke enkolweni yobuBudda, okukhunjulwa ngalo ukuzalwa kukaBuddha, ukuthola kwakhe ulwazi, ukufa kwakhe nokufinyelela i-Nirvana.”​—I-Holidays, Festivals, and Celebrations of the World Dictionary.

      I-Vesak

     Imikhosi esekelwe emasikweni enkolo angavumelani neBhayibheli. UJesu wathi kubaholi benkolo: “Nilishaya indiva izwi likaNkulunkulu ngenxa yamasiko enu.” Wabuye wathi yayingavumeleki indlela abakhonza ngayo ngoba babefundisa “imiyalo yabantu njengezimfundiso.” (Mathewu 15:​6, 9) Ngenxa yokuthi oFakazi BakaJehova babheka lesi sixwayiso njengesibaluleke kakhulu, kunamaholide amaningi enkolo abangawagubhi.

    •  I-Epiphany (i-Three Kings’ Day, i-Timkat noma i-Los Reyes Magos). Labo ababa khona kulo mkhosi basuke bekhumbula isikhathi lapho ababhula ngezinkanyezi bevakashela uJesu noma lapho ebhapathizwa. Ngaleli holide “imikhosi yasentwasahlobo eyayigujwa abantu abangamkhonzi uNkulunkulu eyayenzelwa ukuhlonipha onkulunkulu bamanzi ahambayo, abemifula nabemifudlala iye yenziwa yaba eyobuKristu.” (I-The Christmas Encyclopedia) I-Timkat, okuyiholide elifana naleli, “isekelwe kakhulu emasikweni.”​—I-Encyclopedia of Society and Culture in the Ancient World.

    •  I-Feast of the Assumption of the Virgin Mary. Abantu abeza kuleli dili bakholelwa ukuthi unina kaJesu wenyukela ezulwini ngomzimba wenyama. I-Religion and Society​—Encyclopedia of Fundamentalism ithi: “Le nkolelo yayingaziwa emasontweni asendulo futhi akukho ndawo emBhalweni lapho kukhulunywa khona ngalokhu.”

    •  I-Feast of the Immaculate Conception. “Imfundiso yokuthi [uMariya] wayengenaso isono lapho ezalwa ayifundiswa ngokucacile emBhalweni . . . Iyisinqumo esenziwe iSonto.”​—I-New Catholic Encyclopedia.

    •  I-Lent. Ngokwe-New Catholic Encyclopedia, le nkathi yokuzisola nokuzila ukudla yaqalwa “ngekhulu lesine.” Kwase kudlule iminyaka engaphezu kuka-200 iBhayibheli laqedwa. Mayelana nosuku lokuqala lwe-Lent, i-encyclopedia ithi: “Lo mkhuba wokuba abathembekile banikezwe umlotha nge-Ash Wednesday ubulokhu wenziwa emhlabeni wonke kusukela ngo-1091 emva koMhlangano Wabefundisi eBenevento.”

    •  I-Meskel (noma, i-Maskal). Mayelana nalo mkhosi waseTopiya, i-Encyclopedia of Society and Culture in the Medieval World ithi kusuke kukhunjulwa usuku “okwatholakala ngalo i-True Cross (okuyisiphambano uKristu abethelwa kuso)”; bazifakele bona abakaki. Ugujwa ngokubasa imililo ngaphandle nangokudansa kuzungezwe umlilo. Nokho, oFakazi BakaJehova abasisebenzisi isiphambano lapho bekhonza.

  •   Ingabe leli holide liqhakambisa umuntu othile, inhlangano ethile noma uphawu lwesizwe?

     Isimiso seBhayibheli: “Yilokhu uJehova akushoyo: ‘Iqalekisiwe indoda ethembela kubantu encika emandleni abantu, enhliziyo yayo ifulathela uJehova.’”​—Jeremiya 17:5.

     Nakuba oFakazi BakaJehova bebancoma abanye abantu baze ngisho babathandazele, abahlanganyeli kumaholide noma emikhosini elandelayo:

     Amaholide okuhlonipha umbusi noma umuntu othile odumile. IBhayibheli lithi: “Ngenxa yokuphila kwenu, yekani ukuthembela kumuntu, owumoya nje osemakhaleni akhe. Uzonizuzisa ngani?” (Isaya 2:​22) Ngenxa yalokho, oFakazi BakaJehova abawagubhi amaholide anjengosuku lokuzalwa kombusi.

     Imikhosi yokuhlonipha ifulege lesizwe. OFakazi BakaJehova abayigubhi i-Flag Day. Kungani? Ngenxa yokuthi iBhayibheli lithi: “Ziqapheni ezithixweni.” (1 Johane 5:​21) Abanye abantu namuhla abacabangi ukuthi iflag liyisithixo​—noma okuthile okukhonzwayo​—kodwa isazi-mlando u-Carlton J. H. Hayes wabhala wathi: “Ifulege liyinto ebalulekile lapho isizwe sikhonza futhi liwuphawu lwaso.”

     Amaholide noma imikhosi yokuhlonipha osanta. Kwenzekani lapho indoda eyesaba uNkulunkulu ikhothamela umphostoli uPetru? IBhayibheli lithi: “UPetru wamphakamisa, wathi: ‘Vuka; nami ngiwumuntu nje.’” (IzEnzo 10:25, 26) Njengoba uPetru nabanye abaphostoli bengazange bavume ukuhlonishwa ngokukhethekile noma ukukhonzwa, oFakazi BakaJehova abahlanganyeli emikhosini yokuhlonipha osanta, njengale elandelayo:

    •  I-All Saints’ Day. “Idili lokuhlonipha bonke osanta . . . Akwaziwa ukuthi kwaqala kanjani ukuba kwenziwe leli dili.”​—I-New Catholic Encyclopedia.

    •  I-Fiesta of Our Lady of Guadalupe. Lo mkhosi owokuhlonipha “usanta ovikela i-Mexico,” abathile abakholelwa ukuthi nguMariya, unina kaJesu. Kuthiwa wabonakala ngokuyisimangaliso kumuntu ohluphekayo ngo-1531.​—I-The Greenwood Encyclopedia of Latino Literature.

      I-Fiesta of Our Lady of Guadalupe

    •  I-Name Day. Incwadi ethi Celebrating Life Customs Around the World​—From Baby Showers to Funerals ithi: “I-Name Day iyidili likasanta okuqanjwe ngaye ingane lapho ibhapathizwa noma iqiniswa.” Inezela nangokuthi “kwenziwa kakhulu izinto zenkolo ngalolu suku.”

     Amaholide ezinhlangano zepolitiki noma zomphakathi. IBhayibheli lithi: “Kungcono ukuphephela kuJehova kunokuthembela kubantu.” (IHubo 118:​8, 9) Ukuze oFakazi BakaJehova bagweme ukubonakala sengathi bathembela kubantu kunakuNkulunkulu ekuxazululeni izinkinga zomhlaba, abayigubhi i-Youth Day noma i-Women’s Day esekela imikhankaso yezepolitiki noma yomphakathi. Ngenxa yesizathu esifanayo, abayigubi i-Emancipation Day noma amanye amaholide afana nayo. Kunalokho bathembela ekutheni uMbuso kaNkulunkulu yiwo ozoxazulula izinkinga zobandlululo nokuphathwa kwabantu ngokungalingani.​—Roma 2:​11; 8:​21.

  •   Ingabe leli holide lenza uhlanga noma izwe elithile libukeke lingcono kunelinye?

     Isimiso seBhayibheli: “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo nowenza okulungile uyamukeleka kuye.”​—IzEnzo 10:34, 35.

     Nakuba oFakazi BakaJehova abaningi beyithanda indawo abakhulele kuyo, bayakugwema ukugubha amaholide aphakamisa uhlanga noma izwe elithile ngezindlela ezichazwe ohlwini olulandelayo.

     Imikhosi yokuhlonipha ibutho lezempi. Kunokuba uJesu agqugquzele impi, wathi kubalandeli bakhe: “Qhubekani nithanda izitha zenu, nithandazela nalabo abanishushisayo.” (Mathewu 5:​44) Ngenxa yalokho, oFakazi BakaJehova abawagubhi amaholide okuhlonipha amasosha, okuhlanganisa nalawa alandelayo:

    •  I-Anzac Day. “Igama elithi Anzac limelela i-Australian and New Zealand Army Corps” futhi “i-Anzac Day iye yaya ngokuya iba usuku lokukhumbula labo abafa empini.”​—I-Historical Dictionary of Australia.

    •  I-Veterans Day (i-Remembrance Day, i-Remembrance Sunday noma i-Memorial Day). Ngala maholide kuhlonishwa “labo abasebenza isikhathi eside emabuthweni ezempi noma abafa ezimpini zezwe.”​—I-Encyclopædia Britannica.

     Amaholide okugubha umlando noma inkululeko yezwe. Lapho uJesu ekhuluma ngabalandeli bakhe, wathi: “Abayona ingxenye yezwe, njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe.” (Johane 17:16) Nakuba oFakazi BakaJehova bekujabulela ukufunda ngomlando wezwe, abahlanganyeli emikhosini elandelayo:

    •  I-Australia Day. I-Worldmark Encyclopedia of Cultures and Daily Life, ithi ngaleli holide kusuke kukhunjulwa “usuku lwango-1788 lapho amasosha amaNgisi aphakamisa khona ifulege lawo amemezela ukuthi i-Australia isingaphansi kombuso wawo.”

    •  Guy Fawkes Day. Lolu “usuku izwe eligubha noma elikhumbula ngalo ukuhluleka kukaGuy Fawkes namaKatolika ayemsekela ukukhipha esikhundleni uKing James I kanye nePhalamende [laseNgilandi] ngo-1605.”​—I-A Dictionary of English Folklore.

    •  I-Independence Day. Emazweni amaningi, lolu “usuku umphakathi okhumbula isikhathi izwe elakhululeka ngalo.”​—I-Merriam-Webster’s Unabridged Dictionary.

  •   Ingabe ngaleli holide kwenziwa imikhuba engcolile noma ebonisa ukungazithibi?

     Isimiso seBhayibheli: “Sanele isikhathi esidlule enisichithe nenza intando yezizwe lapho niqhubeka ezenzweni zokuziphatha kabi okuhambisana nendelelo, inkanuko engalawuleki, ukuphuza ngokweqile, imicimbi exokozelayo, imicimbi yokuzitika ngotshwala nokukhonza izithombe okunyanyekayo.”​—1 Petru 4:3.

     Ngokuvumelana nalesi simiso, oFakazi BakaJehova bayayigwema imicimbi exokozelayo nokuphuzwa kuyo ngokweqile. Bayakujabulela ukuba nemibuthano nabangane futhi uma kwenzeka bekhetha ukuphuza utshwala, baphuza ngokusesilinganisweni. Benza konke okusemandleni ukuze balalele lesi seluleko seBhayibheli: “Kungakhathaliseki ukuthi niyadla noma niyaphuza noma nenza noma yini enye, zonke izinto zenzeleni inkazimulo kaNkulunkulu.”​—1 Korinte 10:31.

     Ngakho, oFakazi BakaJehova abahlanganyeli emikhosini yokuzijabulisa noma eminye efana nayo ekhuthaza ukuzijabulisa okulahlwa yiBhayibheli. Lokhu kuhlanganisa nomkhosi wamaJuda obizwa ngokuthi yi-Purim. Nakuba nge-Purim bekulokhu kukhunjulwa ukukhululwa kwamaJuda ngo-5 B.C.E., incwadi ethi Essential Judaism ithi: “Kungase kufaneleke manje ukuyichaza kalula ngokuthi i-Mardi Gras noma uMkhosi Wokuzijabulisa wamaJuda.” Abantu abathanda ubumnandi, bathi i-Purim “ihlanganisa ukuvunula (ngokweqile), ukuxokozela, ukuphuza ngokweqile nokubanga umsindo.”

 Ingabe oFakazi BakaJehova bayayithanda imindeni yabo njengoba bengawagubhi amaholide athile?

 Yebo. IBhayibheli lifundisa abantu ukuthi kufanele bathande futhi bahloniphe wonke amalungu omndeni, kungakhathaliseki ukuthi akuyiphi inkolo. (1 Petru 3:​1, 2, 7) Kuyiqiniso ukuthi lapho omunye woFakazi BakaJehova eyeka ukugubha amanye amaholide, amanye amalungu omndeni angase aphatheke kabi, athukuthele noma azizwe elahliwe. Ngenxa yalokho, oFakazi BakaJehova abaningi bathatha isinyathelo sokuqinisekisa imindeni yabo ukuthi bayayithanda, bayichazele ngomusa ukuthi kungani bengawagubhi amaholide athile futhi bayivakashele ngezinye izikhathi.

 Ingabe oFakazi BakaJehova batshela nabanye ukuba bangawagubhi amaholide athile?

 Cha. Bakholelwa ukuthi umuntu ngamunye kumelwe azenzele esakhe isinqumo. (Joshuwa 24:15) OFakazi BakaJehova ‘bahlonipha zonke izinhlobo zabantu,’ kungakhathaliseki ukuthi zikuyiphi inkolo.​—1 Petru 2:​17.

a Lesi sihloko asiwabali wonke amaholide oFakazi BakaJehova abangawagubhi futhi asizishongo zonke izimiso zeBhayibheli ezingase zisebenze.

b I-Mithra, Mithraism, Christmas Day & Yalda, ka-K. E. Eduljee, amakhasi 31-33.