Dlulela kokuphakathi

OFakazi BakaJehova Bahlonishwa Ngokusiza Iziboshwa

OFakazi BakaJehova Bahlonishwa Ngokusiza Iziboshwa

OFakazi BakaJehova abangu-9 e-Australia banikwa izitifiketi zokubonga ngenxa “yomsebenzi wabo oncomekayo” wokusiza iziboshwa kwesinye sezikhungo zase-Australia ezinkulu zeziboshwa ezivela kwamanye amazwe. Lab’ oFakazi bathole lezi zitifiketi eCurtin Immigration Detention Centre eseduze neDerby, eNtshonalanga ye-Australia. a

Isonto ngalinye, lab’ oFakazi bavakashela lezi ziboshwa ukuze bezwe ngokuhlangenwe nakho kwazo futhi bahlanganyele nazo isigijimi seBhayibheli senduduzo nethemba. UChristopher Riddoch, oyisikhulu sezenkolo namasiko kulesi sikhungo uthi: “Imiphumela yokuvakashela lezi ziboshwa isheshe ibonakale.” Wathi isimo seziboshwa siba ngcono futhi ziyajabula ngemva kokuvakashelwa, okubangelwa “ukwazi ukuthi kunabantu abayikhathalela ngempela inhlalakahle yazo.”

UMnumzane uRiddoch wabuye wathi isitifiketi esinikwe oFakazi siwuphawu olubonisa ukubonga, “ngokuthuthukisa ukuphila kwabantu abasesikhungweni sethu.” Wanezela ngokuthi oFakazi “bayisibusiso emindenini yabo, ebandleni labo nasenkolweni yabo.

a Lesi sikhungo singahlalisa abantu abangaba ngu-1 500.