Dlulela kokuphakathi

IHholo Lomhlangano Elisha Ehlathini Lemvula Lase-Amazon

IHholo Lomhlangano Elisha Ehlathini Lemvula Lase-Amazon

Ekujuleni kwehlathi lemvula lase-Amazon kukhona iHholo Lomhlangano loFakazi BakaJehova elisha elihlaba umxhwele. Ingxenye enkulu yale ndawo engamahektare angu-52, esenyakatho nedolobha laseManaus, eBrazil, imbozwe ihlathi lendawo. Opholi abamibalabala, ama-toucan nezinye izinyoni zilokhu zichofa izihlahla ze-cupuaçu, ezamantongomane amakhulu aseBrazil kanye nezihlahla ze-angelim pedra. Kungani lakhiwa lapha leli Hholo Lomhlangano?

Idolobha laseManaus—eliqhele ngamakhilomitha angu-1450 eMfuleni i-Amazon—linabantu abangaba yizigidi ezimbili. Leli hholo elisha lizosetshenziswa oFakazi abangu-7000 abavela eManaus nasemadolobheni ayizungezile, kanye nabavela kwezinye izindawo ezigudle i-Amazon neminye imifula eseduze kwayo. Idolobha eliqhele kunawo wonke, iSão Gabriel da Cachoeira, liqhele ngamakhilomitha angaphezu kuka-800 entshonalanga neManaus. Ukuze baye emhlanganweni wesigodi noma wesifunda kuleli Hholo Lomhlangano, abanye oFakazi kudingeka bahambe ngomkhumbi izinsuku ezintathu!

Ukwakha iHholo Lomhlangano ekujuleni kwe-Amazon kwakungumsebenzi onzima. Kwakusho ukuthutha amabhokisi ensimbi okuthwala impahla anezinto zokwakha asuswe ethekwini laseSantos, eSão Paulo; agudle ugu lwaseBrazil; abese enyuka uMfula i-Amazon ukuze ayofika lapho kwakhiwa khona.

Leli hholo elisha liyiHholo Lomhlangano lesikhombisa ukwakhiwa eBrazil, futhi ngesikhathi linikezelwa ngeSonto ngo-May 4, 2014, kwaba nabantu abangu-1956. Abaningi babejabule kakhulu ngoba babeqala ngqá ukuba semhlanganweni oseHholo Lomhlangano.

Izethameli azigcinanga nje ngokusizwa isikhulumi kodwa zazisibona. Lokhu kwakuwushintsho olukhulu ngoba ezikhathini zangaphambili imihlangano yesigodi neyesifunda yayiba sezindaweni zomphakathi, lapho abaningi babengayiboni indawo yesikhulumi, ingasaphathwa-ke eyesikhulumi. Omunye uFakazi wathi, “Sengineminyaka ngiya emihlanganweni, kodwa angikaze ngiyibone idrama yeBhayibheli, ngangihlale ngiyizwa kuphela.” Manje wonke umuntu useyabona esiteji.