Dlulela kokuphakathi

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

Ngithole Umcebo Wangempela

Ngithole Umcebo Wangempela
  • Unyaka Azalwa Ngawo: 1968

  • Izwe Azalelwa Kulo: UNITED STATES

  • Umlando: Ngangiyisikhulu enkampanini futhi ngakuthandazela ukuthola ingcebo

UMLANDO WOKUPHILA KWAMI

 Ngakhuliswa njengomKatolika endaweni yaseRochester, eNew York. Abazali bami bahlukana ngesikhathi ngineminyaka engu-8 ubudala. Ngakho phakathi nesonto ngangihlala nomama ehostela bese kuthi ngezimpelasonto ngibe kubaba endaweni yabadla izambane likapondo. Lapho ngibona indlela umama ayesokola ngayo ukuze akhulise izingane eziyisithupha, ngangifisa ukuwusiza umndeni wakithi—uma nje ngangingaceba.

 Ubaba wayefuna ngiphumelele ekuphileni, ngakho wangivakashisa esikoleni esiphezulu sokufundela ukuphatha emahhotela. Ngakuthanda engakubona ngabe sengibhalisa, ngizitshela ukuthi uNkulunkulu uphendula umthandazo wami wokuthola ingcebo nenjabulo. Ngachitha iminyaka emihlanu ngenza izifundo ezimayelana nokuphatha emahhotela, umthetho olawula amabhizinisi nendlela yokufukula izinkampani ngokwezimali ngesikhathi esifanayo ngangisebenza ehhotela lasekhasino eliseLas Vegas, eNevada.

Umsebenzi wami wawuhilela ukuqikelela ukuthi izitatanyiswa ezazizogembula zithola konke ezikudingayo

 Lapho ngineminyaka engu-22, ngase ngingumsizi wesekela-mengameli ehhotela lasekhasino. Ngangaziwa njengomuntu ocebile, ngizitika ngokudla kwekhethelo nangamawayini notshwala obubizayo. Abangane bami abangosomabhizinisi babethi, “Ungawasusi amehlo emalini—siphila ngenxa yayo.” Ngokwabo, imali yayiwumthombo wenjabulo yangempela.

 Umsebenzi wami wawuhilela ukuqikelela ukuthi izitatanyiswa ezazizogembula eLas Vegas zithola konke ezikudingayo. Nakuba laba bantu babecebile, babebonakala bengajabule. Nami ngazizwa ngingasajabule. Eqinisweni, lapho ngiba nemali eningi, ngangikhathazeka nakakhulu futhi ngiqwasha kaningi ebusuku. Ngaze ngacabanga nokuzibulala. Ngangiphoxekile ngokuphila kwami, ngakho ngabe sengibuza uNkulunkulu, “Ngingayitholaphi injabulo yangempela?”

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI

 Phakathi naleso sikhathi, odadewethu ababili abase bengoFakazi BakaJehova bathuthela eLas Vegas. Nakuba ngenqaba ukwamukela izincwadi zabo, ngavuma ukufunda nabo sisebenzisa iBhayibheli lami. EBhayibhelini lami, wonke amazwi ayeshiwo uJesu ayebhalwe ngombala obomvu. Ngenxa yokuthi ngangamukela konke okwakushiwo uJesu, odadewethu bagxila kakhulu emazwini akhe. Ngangilifunda nalapho sengingedwa iBhayibheli.

 Izinto eziningi engazifunda zangimangaza. Ngokwesibonelo uJesu wathi: “Kepha lapho nithandaza, ningathemelezi njengamaqaba, acabanga ukuthi ayozwiwa ngokusebenzisa amazwi amaningi.” (Mathewu 6:7, The New American Bible) Ngaphambilini, umpristi wayenginike isithombe sikaJesu wathi uma ngithandaza kulesi sithombe ngiphindaphinda ‘uBaba Wethu Osezulwini’ kayishumi kanye ‘Nomsindisikazi UMariya’ kayishumi, uNkulunkulu wayeyonginika yonke imali engangiyidinga. Kodwa ngokuphindaphinda la mazwi afanayo kaningi, ngangingathemelezi yini? Ngaphinde ngafunda la mazwi kaJesu: “Ningabizi muntu emhlabeni ngobaba wenu; nina ninoBaba oyedwa kuphela osezulwini.” (Mathewu 23:9, NAB) Ngakho ngaphinde ngazibuza, ‘Kungani mina nozakwethu bamaKatolika sibiza umpristi wethu ngokuthi “uBaba”?’

 Ngathi lapho ngifunda incwadi yeBhayibheli kaJakobe, ngaqala ukucabangisisa ngalokho engangikwenza ngokuphila kwami. Kusahluko 4, uJakobe wabhala: “Anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kusho ubutha noNkulunkulu. Ngakho, noma ubani ofuna ukuthanda izwe uzenza isitha sikaNkulunkulu.” (Jakobe 4:4, NAB) Langithinta kwamancane ivesi 17: “Lowo okwaziyo okulungile okufanele akwenze, kepha angakwenzi, kuyisono lokho.” Ngabe sengithinta odadewethu ngabatshela ukuthi ngiwushiya phansi umkhakha ebengisebenza kuwo ngenxa yokuthi ungenzisa izinto ezingasamukeleki kimi, ezihlanganisa ukugembula nokuhaha.

“Ngathi lapho ngifunda incwadi yeBhayibheli kaJakobe, ngaqala ukucabangisisa ngalokho engangikwenza ngokuphila kwami”

 Ngangifuna ukuthuthukisa ubuhlobo bami noNkulunkulu kanye nabazali bami nezingane zakithi. Ukuze ngibe nesikhathi sokwenza lokhu, nganquma ukwenza ukuphila kwami kube lula. Kodwa ukwenza lolu shintsho kwakungelula. Ngokwesibonelo, nganunuselwa ngezikhundla ezaziyongibeka le phezulu kwezamahhotela asekhasino futhi ngiwuphinde kabili noma kathathu umholo wami. Kodwa ngemva kokuthandaza ngale ndaba, nganquma ukuthi ngase nganele yile ndlela yokuphila. Ngesula emsebenzini, ngayohlala egalaji emzini kamama ngazivulela ibhizinisi elincane lokwemboza ngoplastiki izikhangiso zasezitolo zokudlela.

 Nakuba iBhayibheli lalingisizile ngenza izinqumo ezinhle ekuphileni, ngangingalubeki emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Odadewethu bangibuza ukuthi ngibazondani oFakazi. Ngaphendula: “Kungenxa yokuthi uNkulunkulu wenu uJehova, uhlukanisa imindeni. Okuwukuphela kwesikhathi engingasichitha nomndeni mina uKhisimusi nezinsuku zokuzalwa, okungamaholide eningawagubhi nina.” Omunye wodadewethu waqala ukukhala wabe esengibuza: “Usuke ukuphi ngazo zonke ezinye izinsuku zonyaka? Thina sifuna ukuba nawe nganoma yisiphi isikhathi. Kodwa wena ufuna ukuza kuphela ngala maholide, nakhona ngenxa yokuzizwa ubophekile.” Amazwi akhe ahlaba ephukela, ngabe sengiqala ukukhala kanye naye.

 Kwathi lapho sengiqonda ukuthi oFakazi BakaJehova bayithanda kangakanani imindeni yabo—nokuthi ngangiphaphalaze kangakanani—nganquma ukuya komunye wemihlangano yabo eHholo LoMbuso lendawo. Ehholo ngahlangana noKevin, ongumakad’ebona ekufundiseni ngeBhayibheli nowaqala ukungifundela.

 UKevin nomkakhe babephila ukuphila okulula ukuze bachithe isikhathi esiningi besiza abanye ukuba baqonde iBhayibheli. Umholo wabo wawanele ukuze babe nanemali yokuya e-Africa naseMelika Emaphakathi, lapho babesiza khona ekwakhiweni kwamagatsha oFakazi. Babethandana futhi bejabule ngempela. Ngacabanga: ‘Nakhu-ke ukuphila engikufisayo.’

 UKevin wangibonisa ividiyo eyayiveza indlela inkonzo yezithunywa zevangeli eyayijabulisa ngayo futhi nganquma ukuthi yilokhu engangifuna ukukwenza. Ngo-1995, ngemva kokutadisha iBhayibheli ngenkuthalo izinyanga eziyisithupha, ngabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova. Kunokuba ngicele ingcebo kuNkulunkulu, ngaqala ukuthandaza ngokuvumelana nala mazwi: “Unganginiki ubumpofu noma ingcebo.”—IzAga 30:8.

INDLELA ENGIZUZE NGAYO

 Manje sengicebe ngempela—hhayi ngokwezimali, kodwa ngenxa yobuhlobo bami noNkulunkulu nangokuphila kwami okujabulisayo. Ngise-Honduras ngahlangana noNuria, umkami othandekayo futhi ndawonye siye sakhonza njengezithunywa zevangeli ePanama naseMexico. Ave eyiqiniso amazwi eBhayibheli athi: “Yisibusiso sikaJehova esenza umuntu acebe, akenezeli ubuhlungu kanye naso”!—IzAga 10:22.