NgokukaMathewu 6:1-34

  • INTSHUMAYELO YASENTABENI (1-34)

    • Gwemani ukubukisa ngezenzo zokulunga (1-4)

    • Indlela yokuthandaza (5-15)

      • Umthandazo oyisibonelo (9-13)

    • Ukuzila ukudla (16-18)

    • Ingcebo yasemhlabeni neyasezulwini (19-24)

    • Yekani ukukhathazeka (25-34)

      • Qhubekani nifuna uMbuso kuqala (33)

6  “Qaphelani ukuba izenzo zenu ezinhle ningazenzi phambi kwabantu ukuze nibonwe yibo; + ngaphandle kwalokho ngeke niwuthole umvuzo kuYihlo osemazulwini.  Ngakho lapho wenzela abampofu okuhle ngesihe,* ungaqali ngokushaya icilongo, njengoba nabazenzisi benza emasinagogeni nasemigwaqweni, ukuze badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini, sebewuthole ngokugcwele umvuzo wabo.  Kodwa wena, lapho wenzela abampofu okuhle ngesihe, ungavumeli isandla sakho sobunxele sazi ukuthi esokudla senzani,  ukuze ukupha kwakho ngesihe kube imfihlo. Khona-ke uYihlo obukele esekusithekeni uyokubuyisela. +  “Uma nithandaza, ningenzi njengabazenzisi + ngoba bathanda ukuthandaza bemi emasinagogeni nasemakhoneni emigwaqo emikhulu ukuze babonwe abantu. + Ngiqinisile ngithi kini, sebewuthole ngokugcwele umvuzo wabo.  Kodwa wena, lapho uthandaza, ngena ekamelweni lakho futhi ngemva kokuvala umnyango, uthandaze kuYihlo osekusithekeni. + Khona-ke uYihlo obukele esekusithekeni uyokubusisa.  Lapho uthandaza, ungaphindaphindi izinto ezifanayo, njengoba kwenza abantu bezizwe, ngoba bacabanga ukuthi bayozwiwa ngokusebenzisa amazwi amaningi.  Ngakho, ningabi njengabo, ngoba uYihlo uyakwazi enikudingayo + ngisho ningakakuceli kuye.  “Khona-ke, kumelwe nithandaze ngale ndlela: + “ ‘Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe *+ igama lakho. + 10  UMbuso + wakho mawuze. Intando yakho + mayenzeke nasemhlabeni njengasezulwini. + 11  Siphe namuhla isinkwa sethu salolu suku; + 12  usithethelele amacala ethu, njengoba nathi sibathethelele abanamacala kithi. + 13  Ungasingenisi esilingweni, + kodwa usikhulule* komubi.’ + 14  “Ngoba uma nithethelela abantu amaphutha abo, noYihlo osezulwini uzonithethelela nani; + 15  kanti uma ningabathetheleli abantu amaphutha abo, noYihlo ngeke awathethelele amaphutha enu. + 16  “Lapho nizila ukudla, + yekani ukuba nobuso obudabukile njengabazenzisi, ngoba bayanyukubala ebusweni* ukuze babonakale kubantu ukuthi bazile ukudla. + Ngiqinisile ngithi kini, sebewuthole ngokugcwele umvuzo wabo. 17  Kodwa wena, lapho uzila ukudla, gcoba ikhanda lakho ngamafutha futhi ugeze ubuso bakho, 18  ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzile ukudla, kodwa kuYihlo osekusithekeni kuphela. Khona-ke uYihlo obukele esekusithekeni uyokubusisa. 19  “Yekani ukuzibekelela ingcebo emhlabeni, + lapho inundu nokugqwala kudla khona, nalapho amasela egqekeza khona ebe. 20  Kunalokho, zibekeleleni ingcebo ezulwini, + lapho kungadli nundu nakugqwala khona, + nalapho amasela engagqekezi khona ebe. 21  Ngoba lapho umcebo wakho ukhona, yilapho nenhliziyo yakho iyoba khona. 22  “Isibani somzimba yiso. + Ngakho uma iso lakho ligxile entweni eyodwa,* wonke umzimba wakho uzokhanya. 23  Kodwa uma iso lakho lihaha, *+ wonke umzimba wakho uzoba mnyama. Uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama ngempela, yeka ukuthi lobo bumnyama bukhulu kangakanani! 24  “Akekho ongakhonza amakhosi amabili; ngoba uyozonda enye athande enye, + noma anamathele kwenye, adelele enye. Anikwazi ukuba izigqila zikaNkulunkulu nezeNgcebo. + 25  “Ngenxa yalokhu ngithi kini: Yekani ukukhathazeka + ngokuphila* kwenu ngokuqondene nokuthi niyodlani noma niyophuzani, noma ngemizimba yenu ngokuqondene nokuthi niyogqokani. + Ukuphila* akubalulekile yini ngaphezu kokudla, nomzimba ngaphezu kwezingubo? + 26  Bukisisani izinyoni zezulu; + azihlwanyeli mbewu noma zivune noma zibuthele ezinqolobaneni, nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Nina anibalulekile yini ngaphezu kwazo? 27  Ubani kini ongathi ngokukhathazeka anezele ngisho nomzuzu* owodwa esikhathini sakhe sokuphila? + 28  Kungani nikhathazeka ngezingubo zokugqoka? Fundani ezimbalini* zasendle, indlela ezikhula ngayo; azikhandleki, aziphothi; 29  kodwa ngithi kini ngisho noSolomoni + enkazimulweni yakhe yonke wayengahlobile nanjengeyodwa yazo. 30  Manje, uma uNkulunkulu ezigqokisa kanjalo izitshalo zasendle, ezikhona namuhla ngakusasa ziphonswe eziko, ngeke yini nina anigqokise nakakhulu, nina eninokholo oluncane? 31  Ngakho ningalokothi nikhathazeke + nithi, ‘Sizodlani?’ noma, ‘Sizophuzani?’ noma, ‘Sizogqokani?’ + 32  Ngoba konke lokhu kuyizinto izizwe ezizifuna ngokulangazela. UYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyazidinga zonke lezi zinto. 33  “Ngakho, qhubekani nifuna kuqala uMbuso nokulunga kwakhe, khona-ke zonke lezi ezinye izinto ziyokwenezelwa kini. + 34  Ngakho, ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo, + ngoba usuku olulandelayo luyoba nezalo izinkathazo. Usuku ngalunye lunezalo izinkinga.

Imibhalo yaphansi

Noma, “upha abampofu izipho zesihe.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “maliphathwe njengelingcwele.”
Noma, “usisindise.”
Noma, “ababunakekeli ubuso babo.”
Noma, “libona kahle.” NgesiGreki, “lilihle.”
NgesiGreki, “lilibi.”
Noma, “Umphefumulo.”
Noma, “ngemiphefumulo.”
NgesiGreki, “ingalo.” Bheka iSithasiselo B14.
Noma, “eminduzeni.”