Eyokuqala YaMakhosi 4:1-34
4 INkosi uSolomoni yabusa phezu kwawo wonke u-Israyeli. +
2 Yilaba ababeyizikhulu zayo: U-Azariya indodana kaZadoki + wayengumpristi;
3 u-Elihorefi no-Ahiya amadodana kaShisha babengonobhala; + uJehoshafati + indodana ka-Ahiludi, engumgcini-mibhalo;
4 uBhenaya + indodana kaJehoyada wayeyinduna yebutho lempi; uZadoki no-Abhiyathara + bengabapristi;
5 u-Azariya indodana kaNathani + wayengamele izinduna; uZabudi indodana kaNathani engumpristi nomngane wenkosi; +
6 u-Ahishari wayengamele isigodlo; u-Adoniramu + indodana ka-Abhida engamele labo ababuthelwe ukwenza umsebenzi wenkosi. +
7 USolomoni wayenezinduna ezingu-12 ezazengamele wonke u-Israyeli, ezazilungiselela inkosi nabendlu yayo ukudla. Ngayinye yayinomthwalo wokulungiselela ukudla inyanga eyodwa onyakeni. +
8 Yilezi izinduna: Indodana kaHure, ezintabeni zakwa-Efrayimi;
9 indodana kaDekeri, eyayengamele eMakazi naseShahalibhimi + naseBheti-shemeshi nase-Eloni-bheti-hanani;
10 indodana kaHesedi, e-Arubhoti (yayengamele iSoko nalo lonke izwe laseHeferi);
11 indodana ka-Abhinadaba, eyayengamele yonke indawo egudle izintaba zaseDori (yayishade nendodakazi kaSolomoni uThafati);
12 uBhana indodana ka-Ahiludi, eThahanaki naseMegido + nalo lonke iBheti-sheyani + eliseceleni kweZaretani ngezansi kweJizreyeli, ukusuka eBheti-sheyani kuya e-Abela-mehola nasesifundeni saseJokimeyamu; +
13 indodana kaGeberi, eRamoti-gileyadi + (yayengamele imizi yamatende kaJayire + indodana kaManase, eseGileyadi; + yayengamele nesifunda sase-Arigobhi, + esiseBhashani: + amadolobha amakhulu angu-60 abiyelwe ngezindonga nemigoqo yethusi);
14 u-Ahinadaba indodana ka-Ido, eMahanayimi; +
15 u-Ahimahazi, kwaNafetali (wathatha uBhasemati, enye indodakazi kaSolomoni, waba umkakhe);
16 uBhana indodana kaHushayi, kwa-Asheri naseBheyaloti;
17 uJehoshafati indodana kaPharuwa, kwa-Isakare;
18 uShimeyi + indodana ka-Ela, kwaBhenjamini; +
19 uGeberi indodana ka-Uri, ezweni lakwaGileyadi, + ezweni likaSihoni + inkosi yama-Amori nasezweni lika-Ogi + inkosi yaseBhashani. Kwakunenduna eyodwa eyayengamele zonke lezi zinduna azazisezweni.
20 UJuda no-Israyeli babebaningi, bengangezihlabathi zolwandle ngobuningi; + babedla bephuza bejabula. +
21 USolomoni wabusa phezu kwayo yonke imibuso kusukela eMfuleni *+ kuze kufike ezweni lamaFilisti nasemngceleni waseGibhithe. Le mibuso yayikhokha intela futhi ikhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuphila kwakhe. +
22 Ukudla kukaSolomoni kosuku ngalunye kwakungamakhora* angu-30 kafulawa ocolekile namakhora angu-60 kafulawa,
23 izinkomo eziyishumi ezikhuluphalisiwe, izinkomo ezingu-20 eziklaba emadlelweni nezimvu ezingu-100, ngaphandle kwezinyamazane ezihlukahlukene nezinyoni ezinonile.
24 Ngoba wayebusa konke okunganeno koMfula, *+ kusukela eThifisa kuya eGaza, + kuhlanganise nawo wonke amakhosi anganeno koMfula; kwaba nokuthula kuyo yonke indawo engaphansi kwakhe. +
25 UJuda no-Israyeli bahlala ngokulondeka, wonke umuntu ngaphansi kwesihlahla sakhe samagilebhisi nangaphansi komkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuya eBheri-sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.
26 USolomoni wayenezitebele zamahhashi ezinqola ezingu-4 000* namahhashi* angu-12 000. +
27 Izinduna zazilethela iNkosi uSolomoni nawo wonke umuntu owayedla etafuleni leNkosi uSolomoni ukudla. Ngayinye yayikuletha ngenyanga yayo, iqikelele nokuthi konke kuphelele. +
28 Zaziletha nebhali nefolishi lamahhashi nelezipani zamahhashi nomaphi lapho lalidingeka khona, induna ngayinye ngokwesabelo sayo.
29 UNkulunkulu wanika uSolomoni ukuhlakanipha okukhulu kakhulu nokuqonda okungacabangeki. Wamnika nenhliziyo enokuqonda okujulile. *+
30 Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwakukudlula kude ukuhlakanipha kwabo bonke abantu baseMpumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibhithe. +
31 Wayehlakaniphe kunabo bonke abantu, ehlakaniphile kuno-Ethani + umEzra, uHemani, + uKalikoli + noDarda amadodana kaMaholi; udumo lwakhe lwasakazekela kuzo zonke izizwe nxazonke. +
32 Waqamba* izaga ezingu-3 000, + izingoma zakhe + zazingu-1 005.
33 Wayekhuluma ngezihlahla, kusukela kumsedari oseLebhanoni kuya kuyihisopi + elimila odongeni; wayekhuluma ngezilwane, + izinyoni, *+ izinto ezinwabuzelayo *+ nangezinhlanzi.
34 Abantu abavela kuzo zonke izizwe babefika bezozwa ukuhlakanipha kukaSolomoni, okubalwa kubo namakhosi avela kuwo wonke umhlaba ayezwile ngokuhlakanipha kwakhe. +
Imibhalo yaphansi
^ Okuwukuthi, i-Ewufrathe.
^ Ikhora lalilingana no-220 L. Bheka iSithasiselo B14.
^ Okuwukuthi, entshonalanga ye-Ewufrathe.
^ Leli nani litholakala kweminye imibhalo yesandla nasekulandiseni kwendaba efanayo. Eminye imibhalo yesandla ithi wayenezitebele ezingu-40 000.
^ Noma, “nabagibeli bamahhashi.”
^ Noma, “nenhliziyo ebanzi.”
^ Noma, “Wayekhuluma.”
^ Noma, “izidalwa ezindizayo.”
^ Kungenzeka kuhlanganisa izinto ezihuquzelayo nezinambuzane.