Eyokuqala YaMakhosi 4:1-34

  • Umbuso kaSolomoni (1-19)

  • Ukuchuma ngaphansi kokubusa kukaSolomoni (20-28)

    • Ukulondeka ngaphansi kwesihlahla samagilebhisi nesomkhiwane (25)

  • Ukuhlakanipha kukaSolomoni nezaga zakhe (29-34)

4  INkosi uSolomoni yabusa phezu kwawo wonke u-Israyeli. +  Yilaba ababeyizikhulu zayo: U-Azariya indodana kaZadoki + wayengumpristi;  u-Elihorefi no-Ahiya amadodana kaShisha babengonobhala; + uJehoshafati + indodana ka-Ahiludi, engumgcini-mibhalo;  uBhenaya + indodana kaJehoyada wayeyinduna yebutho lempi; uZadoki no-Abhiyathara + bengabapristi;  u-Azariya indodana kaNathani + wayengamele izinduna; uZabudi indodana kaNathani engumpristi nomngane wenkosi; +  u-Ahishari wayengamele isigodlo; u-Adoniramu + indodana ka-Abhida engamele labo ababuthelwe ukwenza umsebenzi wenkosi. +  USolomoni wayenezinduna ezingu-12 ezazengamele wonke u-Israyeli, ezazilungiselela inkosi nabendlu yayo ukudla. Ngayinye yayinomthwalo wokulungiselela ukudla inyanga eyodwa onyakeni. +  Yilezi izinduna: Indodana kaHure, ezintabeni zakwa-Efrayimi;  indodana kaDekeri, eyayengamele eMakazi naseShahalibhimi + naseBheti-shemeshi nase-Eloni-bheti-hanani; 10  indodana kaHesedi, e-Arubhoti (yayengamele iSoko nalo lonke izwe laseHeferi); 11  indodana ka-Abhinadaba, eyayengamele yonke indawo egudle izintaba zaseDori (yayishade nendodakazi kaSolomoni uThafati); 12  uBhana indodana ka-Ahiludi, eThahanaki naseMegido + nalo lonke iBheti-sheyani + eliseceleni kweZaretani ngezansi kweJizreyeli, ukusuka eBheti-sheyani kuya e-Abela-mehola nasesifundeni saseJokimeyamu; + 13  indodana kaGeberi, eRamoti-gileyadi + (yayengamele imizi yamatende kaJayire + indodana kaManase, eseGileyadi; + yayengamele nesifunda sase-Arigobhi, + esiseBhashani: + amadolobha amakhulu angu-60 abiyelwe ngezindonga nemigoqo yethusi); 14  u-Ahinadaba indodana ka-Ido, eMahanayimi; + 15  u-Ahimahazi, kwaNafetali (wathatha uBhasemati, enye indodakazi kaSolomoni, waba umkakhe); 16  uBhana indodana kaHushayi, kwa-Asheri naseBheyaloti; 17  uJehoshafati indodana kaPharuwa, kwa-Isakare; 18  uShimeyi + indodana ka-Ela, kwaBhenjamini; + 19  uGeberi indodana ka-Uri, ezweni lakwaGileyadi, + ezweni likaSihoni + inkosi yama-Amori nasezweni lika-Ogi + inkosi yaseBhashani. Kwakunenduna eyodwa eyayengamele zonke lezi zinduna azazisezweni. 20  UJuda no-Israyeli babebaningi, bengangezihlabathi zolwandle ngobuningi; + babedla bephuza bejabula. + 21  USolomoni wabusa phezu kwayo yonke imibuso kusukela eMfuleni *+ kuze kufike ezweni lamaFilisti nasemngceleni waseGibhithe. Le mibuso yayikhokha intela futhi ikhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuphila kwakhe. + 22  Ukudla kukaSolomoni kosuku ngalunye kwakungamakhora* angu-30 kafulawa ocolekile namakhora angu-60 kafulawa, 23  izinkomo eziyishumi ezikhuluphalisiwe, izinkomo ezingu-20 eziklaba emadlelweni nezimvu ezingu-100, ngaphandle kwezinyamazane ezihlukahlukene nezinyoni ezinonile. 24  Ngoba wayebusa konke okunganeno koMfula, *+ kusukela eThifisa kuya eGaza, + kuhlanganise nawo wonke amakhosi anganeno koMfula; kwaba nokuthula kuyo yonke indawo engaphansi kwakhe. + 25  UJuda no-Israyeli bahlala ngokulondeka, wonke umuntu ngaphansi kwesihlahla sakhe samagilebhisi nangaphansi komkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuya eBheri-sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni. 26  USolomoni wayenezitebele zamahhashi ezinqola ezingu-4 000* namahhashi* angu-12 000. + 27  Izinduna zazilethela iNkosi uSolomoni nawo wonke umuntu owayedla etafuleni leNkosi uSolomoni ukudla. Ngayinye yayikuletha ngenyanga yayo, iqikelele nokuthi konke kuphelele. + 28  Zaziletha nebhali nefolishi lamahhashi nelezipani zamahhashi nomaphi lapho lalidingeka khona, induna ngayinye ngokwesabelo sayo. 29  UNkulunkulu wanika uSolomoni ukuhlakanipha okukhulu kakhulu nokuqonda okungacabangeki. Wamnika nenhliziyo enokuqonda okujulile. *+ 30  Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwakukudlula kude ukuhlakanipha kwabo bonke abantu baseMpumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibhithe. + 31  Wayehlakaniphe kunabo bonke abantu, ehlakaniphile kuno-Ethani + umEzra, uHemani, + uKalikoli + noDarda amadodana kaMaholi; udumo lwakhe lwasakazekela kuzo zonke izizwe nxazonke. + 32  Waqamba* izaga ezingu-3 000, + izingoma zakhe + zazingu-1 005. 33  Wayekhuluma ngezihlahla, kusukela kumsedari oseLebhanoni kuya kuyihisopi + elimila odongeni; wayekhuluma ngezilwane, + izinyoni, *+ izinto ezinwabuzelayo *+ nangezinhlanzi. 34  Abantu abavela kuzo zonke izizwe babefika bezozwa ukuhlakanipha kukaSolomoni, okubalwa kubo namakhosi avela kuwo wonke umhlaba ayezwile ngokuhlakanipha kwakhe. +

Imibhalo yaphansi

Okuwukuthi, i-Ewufrathe.
Ikhora lalilingana no-220 L. Bheka iSithasiselo B14.
Okuwukuthi, entshonalanga ye-Ewufrathe.
Leli nani litholakala kweminye imibhalo yesandla nasekulandiseni kwendaba efanayo. Eminye imibhalo yesandla ithi wayenezitebele ezingu-40 000.
Noma, “nabagibeli bamahhashi.”
Noma, “nenhliziyo ebanzi.”
Noma, “Wayekhuluma.”
Noma, “izidalwa ezindizayo.”
Kungenzeka kuhlanganisa izinto ezihuquzelayo nezinambuzane.