Eyesibili KaSamuweli 8:1-18

  • Izimpi uDavide azinqoba (1-14)

  • Umbuso kaDavide (15-18)

8  Kamuva, uDavide walwa namaFilisti + wawanqoba, + uDavide wathatha iMethegi-ama esandleni samaFilisti.  Wanqoba abakwaMowabi + wabalalisa phansi emhlabathini, wabeka intambo yokukala phezu kwabo. Wakala imigqa emibili yabantu ababezobulawa, nomugqa owodwa ogcwele wabantu ababengeke babulawe. + AbakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide, bakhokha intela. +  UDavide wanqoba uHadadezeri indodana kaRehobe inkosi yaseZoba + njengoba ayesendleleni eyovuselela igunya lakhe eMfuleni i-Ewufrathe. +  UDavide wathumba abagibeli bakhe bamahhashi abangu-1 700 namasosha ahamba ngezinyawo angu-20 000. UDavide wabe esewanquma imisipha wonke amahhashi ezinqola zempi, + washiya angu-100 kuphela.  Lapho amaSiriya aseDamaseku + efika ezosiza uHadadezeri inkosi yaseZoba, uDavide wabulala amaSiriya angu-22 000. +  Ngemva kwalokho, uDavide wabeka ibutho lamasosha eSiriya laseDamaseku, amaSiriya aba yizinceku zikaDavide, akhokha intela. UJehova wasiza uDavide wanqoba* nomaphi lapho ayeya khona. +  Ngaphezu kwalokho, uDavide wathatha amahawu egolide ayindilinga ezincekwini zikaHadadezeri wawaletha eJerusalema. +  INkosi uDavide yathatha ithusi eliningi kakhulu eBhetha naseBherothayi, amadolobha kaHadadezeri.  Manje uThoyi inkosi yaseHamati + wezwa ukuthi uDavide wayelinqobe lonke ibutho lempi likaHadadezeri. + 10  Ngakho uThoyi wathumela uJoramu indodana yakhe eNkosini uDavide ukuba ayobuza ngenhlalakahle yayo nokuba ayihalalisele ngokuthi yayilwe noHadadezeri yamnqoba (ngoba uHadadezeri weyevame ukulwa noThoyi), futhi wafika nezinto zesiliva, izinto zegolide nezinto zethusi. 11  INkosi uDavide yazingcwelisela uJehova lezi zinto, kanye nesiliva negolide eyayilingcwelisile livela kuzo zonke izizwe eyayizinqobile: + 12  elivela eSiriya nakwaMowabi, + elivela kuma-Amoni, kumaFilisti, + kuma-Amaleki + nelivela empangweni kaHadadezeri + indodana kaRehobe inkosi yaseZoba. 13  UDavide wazakhela udumo nalapho ebuya ukuyobulala abakwa-Edomi abangu-18 000 eSigodini Sikasawoti. + 14  Wabeka amabutho azoqapha kwa-Edomi. Kulo lonke elakwa-Edomi wabeka amabutho azoqapha, bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. + UJehova wasiza uDavide wanqoba* nomaphi lapho ayeya khona. + 15  UDavide waqhubeka ebusa phezu kwawo wonke u-Israyeli, + ebusa bonke abantu bakhe + ngobulungisa nangokulunga. + 16  UJowabe + indodana kaZeruya wayephethe ibutho, uJehoshafati + indodana ka-Ahiludi engumgcini-mibhalo. 17  UZadoki + indodana ka-Ahithubi no-Ahimeleki indodana ka-Abhiyathara babengabapristi; uSeraya engunobhala. 18  UBhenaya + indodana kaJehoyada wayengamele amaKhereti namaPheleti. + Amadodana kaDavide ayeyizikhulu ezivelele.*

Imibhalo yaphansi

Noma, “wanika uDavide insindiso.”
Noma, “wanika uDavide insindiso.”
NgesiHebheru, “ayengabapristi.”