IsAmbulo Esiya KuJohane 3:1-22

  • Imiyalezo eya eSardesi (1-6), eFiladelfiya (7-13), eLawodikeya (14-22)

3  “Ingelosi yebandla laseSardesi yibhalele lokhu: Yilezi izinto azishoyo lowo onemimoya kaNkulunkulu eyisikhombisa + nezinkanyezi eziyisikhombisa: + ‘Ngiyazazi izenzo zakho, ukuthi unedumela* lokuthi uyaphila kodwa ufile. +  Qapha + futhi uqinise izinto ezisele ebesezilungele ukufa, ngoba angikutholanga wenze imisebenzi yakho ngokugcwele* phambi kukaNkulunkulu wami.  Ngakho-ke, qhubeka ukhumbula ukuthi wamukele kanjani nokuthi wezwa kanjani, uqhubeke ukugcina futhi uphenduke. + Ngokuqinisekile ngaphandle kokuba uvuke, ngiyofika njengesela, + futhi ngeke wazi nhlobo ukuthi yiliphi ihora engiyokufikela ngalo. +  “ ‘Noma kunjalo, unabo abambalwa* eSardesi abangazingcolisanga izingubo zabo, + bayohamba nami ngezimhlophe + ngoba bayakufanelekela.  Onqobayo + uyogqoka izingubo ezimhlophe, + angisoze ngalisula* igama lakhe encwadini yokuphila, + kodwa ngiyolivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe. +  Onendlebe makezwe lokho umoya okushoyo emabandleni.’  “Ingelosi yebandla laseFiladelfiya yibhalele lokhu: Yilezi izinto azishoyo ongcwele, + oqinisile, + onesihluthulelo sikaDavide, + ovula kungavali muntu futhi avale kungavuli muntu:  ‘Ngiyazazi izenzo zakho—bheka! ngibeke phambi kwakho umnyango ovulekile, + okungekho muntu ongawuvala. Ngiyazi nokuthi unamandla amancane, kodwa uligcinile izwi lami futhi awuzange uzibonakalise ungathembekile egameni lami.  Bheka! Ngiyokwenza labo abavela esinagogeni likaSathane abathi bangamaJuda kodwa bengewona, + beqamba amanga—bheka! ngiyobenza beze bakhothame phambi kwezinyawo zakho, ngibenze bazi ukuthi ngikuthandile. 10  Ngenxa yokuthi uligcinile izwi lokukhuthazela kwami, *+ nami ngiyokugcina ukuba ungangeni ehoreni lokuvivinywa, + eliyofika phezu komhlaba wonke owakhiwe, ukuze kuvivinywe abahlala emhlabeni. 11  Ngiyeza masinyane. + Qhubeka ubambelele ngokuqinile kulokho onakho, ukuze kungabikho muntu othatha umqhele wakho. + 12  “ ‘Onqobayo—ngiyomenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, akasoze aphinde aphume kulo, futhi ngiyobhala kuye igama likaNkulunkulu wami + negama ledolobha likaNkulunkulu wami, iJerusalema Elisha + elehla livela ezulwini kuNkulunkulu wami, negama lami elisha. + 13  Onendlebe makezwe lokho umoya okushoyo emabandleni.’ 14  “Ingelosi yebandla laseLawodikeya + yibhalele lokhu: Yilezi izinto azishoyo u-Amen, + ufakazi + othembekile noqinisile, + isiqalo sendalo kaNkulunkulu: + 15  ‘Ngiyazazi izenzo zakho, ukuthi awubandi futhi awushisi. Ngifisa sengathi ngabe uyabanda noma uyashisa. 16  Ngenxa yokuthi untukuntuku, awushisi + futhi awubandi, + ngizokuhlanza uphume emlonyeni wami. 17  Ngoba uthi, “Ngicebile, + ngiye ngazuza ingcebo futhi akukho engikudingayo,” kodwa awazi ukuthi ungowosizi, uyadabukisa nokuthi umpofu, uyimpumputhe futhi unqunu, 18  ngikweluleka ukuba uthenge kimi igolide elicwengisiswe ngomlilo ukuze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuze ugqoke futhi ihlazo lobunqunu bakho lingabonakali, + nomuthi wamehlo ukuba uwuhlikihle emehlweni akho + ukuze ubone. + 19  “ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola ngibayale. + Ngakho shiseka, uphenduke. + 20  Bheka! Ngimi emnyango ngiyangqongqoza. Uma umuntu ezwa izwi lami bese evula umnyango, ngizongena endlini yakhe ngidle naye isidlo sakusihlwa, naye adle nami. 21  Onqobayo + ngiyomnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, + njengoba nje nami nganqoba, ngahlala + noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi. 22  Onendlebe makezwe lokho umoya okushoyo emabandleni.’ ”

Imibhalo yaphansi

Noma, “unegama.”
Noma, “ngokuphelele.”
NgesiGreki, “unawo amagama ambalwa.”
Noma, “ngalikhipha.”
Noma kungaba, “usilandelile isibonelo sokukhuthazela kwami.”