IzAga 17:1-28

  • Ungabuyiseli okuhle owenzelwe kona ngokubi (13)

  • Hamba ngaphambi kokuba kuqale ingxabano (14)

  • Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi (17)

  • “Inhliziyo ejabulayo ingumuthi owelaphayo” (22)

  • Umuntu onokuqonda uyawabamba amazwi akhe (27)

17  Lungcono ucezu lwesinkwa olomile lapho kunokuthula khona +Kunendlu enedili* enezingxabano. +   Inceku enokuqondisisa iyobusa indodana eziphatha ngokuhlazisayo;Iyothola ifa njengomunye wezelamani.   Imbiza yokucwenga ingeyesiliva nesithando somlilo singesegolide, +Kodwa uJehova ungumhloli wezinhliziyo. +   Omubi uyayinaka inkulumo elimazayo,Nomuntu okhohlisayo uyalulalela ulimi olulimazayo. +   Noma ubani omhleka usulu ohluphekayo uhlambalaza uMenzi wakhe, +Nanoma ubani ojabula ngenhlekelele yomunye ngeke angajeziswa. +   Abazukulu bangumqhele wasebekhulile,Nobaba* bawudumo emadodaneni* abo.   Abantu abakulindele ukuba isiphukuphuku sikhulume into efanele. *+ Abalindele ngisho nakakhulu ukuba umbusi* aqambe amanga! +   Isipho sifana netshe eliyigugu* kumnikazi waso; +Nomaphi lapho eya khona simenza aphumelele. +   Noma ubani othethelela* isiphambeko ufuna uthando, +Kodwa lowo oqhubeka ekhuluma ngendaba uhlukanisa abangane abakhulu. + 10  Ukukhuza kungena kujule konokuqonda +Kunokushaya isiphukuphuku kayikhulu. + 11  Umuntu omubi ufuna ukudlubulunda nje kuphela,Kodwa isithunywa esinesihluku siyothunywa ukuba simjezise. + 12  Kungcono ukuhlangana nebhere elifelwe amawundlu aloKunokuhlangana nomuntu oyisiwula ebuwuleni bakhe. + 13  Uma umuntu ebuyisela okuhle enzelwe kona ngokubi,Okubi ngeke kusuke endlini yakhe. + 14  Ukuqala impi kunjengokuvulela amanzi amaningi;*Ngaphambi kokuba kuqale ingxabano, hamba. + 15  Noma ubani othi omubi akanacala nanoma ubani othi olungile unecala +—Bobabili bayanengeka kuJehova. 16  Kusiza ngani ukuthi isiphukuphuku sinendlela yokuzuza ukuhlakaniphaSibe singenayo inhliziyo yokukuzuza? *+ 17  Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi +Futhi uba umfowenu ngesikhathi sosizi. + 18  Umuntu ontula ukuhlakanipha* wenza isifungo*Sokuthi uzosikhokha isikweletu somunye umuntu phambi kukamakhelwane wakhe. + 19  Othanda ingxabano uzowela esiphambekweni. + Noma ubani oyenza iphakame indlela yakhe engenayo uzibizela ukuphahlazeka. + 20  Onenhliziyo eyonakele ngeke aphumelele, *+Nokhuluma inkohliso uyowela enhlekeleleni. 21  Ozala ingane eyisiphukuphuku uyoba nosizi;Noyise wengane engenangqondo akajabuli. + 22  Inhliziyo ejabulayo ingumuthi owelaphayo, *+Kodwa umoya omunyu uqeda amandla. *+ 23  Omubi uyokwamukela isifumbathiso ekusithekeniUkuze aphendukezele ubulungisa. + 24  Ukuhlakanipha kuphambi komuntu oqondayo,Kodwa amehlo esiphukuphuku aqalaza kuze kube semaphethelweni omhlaba. + 25  Indodana eyisiphukuphuku ilethela uyise usiziNenhliziyo ebuhlungu* kulowo owayizala. + 26  Ukujezisa* olungile akukuhle,Nokushaya abahlonishwa kumelene nokulungile. 27  Umuntu onolwazi uyawabamba amazwi akhe, +Nomuntu onokuqonda uyohlale ezolile. + 28  Ngisho nesiwula esithulayo siyobhekwa njengohlakaniphile,Novala izindebe zakhe uyobhekwa njengonokuqonda.

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “enemihlatshelo.”
Noma, “Nabazali.”
Noma, “ezinganeni.”
Noma, “ewusizo.”
Noma, “isicukuthwane.”
Noma, “siyitshe eliletha umusa.”
NgesiHebheru, “omboza.”
NgesiHebheru, “kunjengokuvulela amanzi.”
Noma, “Sibe sintula ukuhlakanipha?”
NgesiHebheru, “oswele inhliziyo.”
Noma, “isivumelwano.”
NgesiHebheru, “akuthole okuhle.”
Noma, “iyikhambi elihle.”
Noma, “womisa amathambo.”
NgesiHebheru, “Nomunyu.”
Noma, “Ukuhlawulisa.”