KwabaseRoma 12:1-21

  • Nikelani imizimba yenu ibe umhlatshelo ophilayo (1, 2)

  • Izipho ezihlukahlukene kodwa umzimba uwodwa (3-8)

  • Iseluleko ngokuphila kwamaKristu eqiniso (9-21)

12  Ngakho ngiyanincenga bazalwane, ngozwela lukaNkulunkulu, ukuba ninikele imizimba yenu + ibe umhlatshelo ophilayo, ongcwele, + owamukelekayo kuNkulunkulu, inkonzo engcwele ngamandla enu okucabanga. +  Yekani ukulolongwa* nifane nabantu baleli zwe,* kodwa maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, + ukuze nizitholele ngokwenu + okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nephelele.  Ngoba ngomusa omkhulu enginikwe wona, ngitshela wonke umuntu lapho phakathi kwenu ukuba angazicabangi emkhulu kunalokho okudingeka akucabange, + kodwa acabange ukuze abe nengqondo ehluzekile, yilowo nalowo njengoba uNkulunkulu emnike* isilinganiso esithile sokholo. +  Ngoba njengoba nje sinamalunga amaningi emzimbeni owodwa, + kodwa wonke la malunga engenawo umsebenzi ofanayo,  kanjalo nathi, nakuba sibaningi, singumzimba owodwa, simunye noKristu, kodwa ngabanye singamalungu elinye nelinye. +  Sinezipho ezihlukahlukene ngokomusa omkhulu esiwunikiwe, + uma kuwukuprofetha, masiprofethe ngesilinganiso sokholo lwethu;  noma uma kuyinkonzo, masibe kule nkonzo; lowo ofundisayo, makabe sekufundiseni kwakhe; +  lowo okhuthazayo,* makakhuthaze; *+ owabayo,* makakwenze ngesandla esivulekile; + oholayo,* makakwenze ngenkuthalo; *+ obonisa isihe, makakwenze ngenjabulo. +  Uthando lwenu malungabi nabuzenzisi. + Zondani okubi; + bambelelani kokuhle. 10  Othandweni lobuzalwane thandanani omunye nomunye. Ekubonisaneni udumo nihole. *+ 11  Khuthalani,* ningavilaphi. *+ Vuthani emoyeni. + Yibani izigqila zikaJehova. *+ 12  Jabulani ethembeni. Khuthazelani osizini. + Phikelelani emthandazweni. + 13  Hlanganyelani izinto nabangcwele ngokwezidingo zabo. + Funani amathuba okwamukela abanye ngomusa. *+ 14  Qhubekani nibusisa labo abashushisayo; + busisani ningaqalekisi. + 15  Jabulani nabajabulayo; khalani nabakhalayo. 16  Bhekani abanye ngendlela nani enizibheka ngayo; ninganaki izinto eziphakeme, kodwa landelani izinto eziphansi. + Ningabi abahlakaniphile emehlweni enu. + 17  Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. + Cabangani ngokuthi yini enhle emehlweni abo bonke abantu. 18  Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabo bonke abantu. + 19  Ningaziphindiseleli bathandekayo, kodwa qhelelani ulaka; *+ ngoba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina,’ kusho uJehova.” *+ 20  Kodwa “uma isitha sakho silambile, siphe ukudla; uma somile, sinike okokuphuza; ngoba ngokwenza kanjalo uyonqwabelanisa amalahle avuthayo ekhanda laso.” *+ 21  Ungazivumeli ukuba unqotshwe okubi, kodwa qhubeka unqoba okubi ngokuhle. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “ukubunjwa.”
Noma, “bale nkathi.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “emabele.”
Noma, “ngobuqotho.”
Noma, “owengamelayo.”
Noma, “onikelayo.”
Noma, “makayale.”
Noma, “oyalayo.”
Noma, “nithathe isinyathelo kuqala.”
Noma, “Shisekani.”
Noma, “Ningavilaphi emsebenzini wenu.”
Noma, “okungenisa izihambi.”
Okuwukuthi, ulaka lukaNkulunkulu.
Okuwukuthi, ukuze uthambise umuntu, udambise ukuba lukhuni kwakhe.