Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuphila Okungenakho Ukuhlupheka—Isithembiso Esiqinisekile

Ukuphila Okungenakho Ukuhlupheka—Isithembiso Esiqinisekile

“[UNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:4.

INGABE lesi sithembiso esiduduzayo singasethemba? Cabanga ngesinye sezixwayiso zokuqala ezanikezwa umuntu. UNkulunkulu wathi ku-Adamu uma engalaleli, ‘wayeyokufa nokufa.’ (Genesise 2:17) Kwenzeka njengoba nje uNkulunkulu ayeshilo. Ukufa kwakhe, kuhlanganise nokufa nokuhlupheka okuye kwazuzwa yisintu njengefa kuwubufakazi bokuthi singamethemba uNkulunkulu. Sikhona yini isizathu sokungabaza ukuthi isithembiso sikaNkulunkulu sokubuyisela umhlaba ekupheleleni siyogcwaliseka?

Khumbula futhi nezimfanelo zikaNkulunkulu okuxoxwe ngazo esihlokweni esandulele. Isifiso sethu sokuqeda ukuhlupheka simane nje sembula uzwela lukaNkulunkulu, uthando nobulungisa bakhe. Ngaphezu kwalokho, izenzakalo zezwe nezimo zengqondo ezandile namuhla zibonisa ukuthi isikhathi sokuba uNkulunkulu athathe isinyathelo sisondela ngokushesha.—Bheka ibhokisi elithi  “Ziyokwenzeka Nini Lezi Zinto?”

Kungani uJehova uNkulunkulu ekufanelekela kakhulu ukuqeda ukuhlupheka kwabantu? Cabanga ukuthi ukwazi kanjani, futhi ukuhlele kanjani ukulungisa umnyombo wokuhlupheka esebenzisa iNdodana yakhe uJesu.

Ukuzikhethela.

Ukhokho wethu u-Adamu wakhetha ukwenza isono esaletha imiphumela ebuhlungu kuyo yonke inzalo yakhe. Umphostoli uPawulu wabhala: “Yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi isezinhlungwini kanyekanye kuze kube manje.” (Roma 8:22) Ikhambi likaNkulunkulu linobulungisa obuphakeme, umusa ongenakuqhathaniswa futhi lilula kakhulu. EyabaseRoma 6:23 iyachaza: “Inkokhelo yesono ngukufa, kodwa isipho uNkulunkulu asinikezayo ngukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.”

Indoda ephelele uJesu yaphila ukuphila okungenasono. Ukufa kwakhe esigxotsheni sokuhlushwa kwaba isisekelo sokukhululwa kwesintu esilalelayo esiqalekisweni sesono nokufa. Manje sinethemba lokuphila phakade ezweni lapho ukuthambekela kwethu kokwenza izinqumo ezingahlakaniphile kuyobe kungasekho. Abantu abahlukumeza abanye ngamabomu nabo bayobe bengasekho, ngoba “abenzi bokubi bazonqunywa.”—IHubo 37:9.

Izenzakalo ezingahleliwe kanye nokungapheleli.

INkosi emiswe uNkulunkulu, uJesu Kristu, inamandla okulawula amandla emvelo asemhlabeni. Ngekhulu lokuqala C.E., uJesu nabaphostoli bakhe babesesikebheni sokudoba lapho ‘kuba nesiphepho esikhulu esinamandla, futhi amagagasi elokhu ephonseka esikebheni, kangangokuthi kwase kusele kancane ukuba isikebhe sigcwale amanzi.’ Lapho ecelwa ukuba asize, uJesu “wavuka wawukhuza umoya futhi wathi kulo ulwandle: ‘Shh! Thula!’ Umoya wanqamuka, kwaba nokuzola okukhulu.” Abaphostoli bakhe  bamangala. Bathi, “ngisho nomoya nolwandle kuyamlalela.”—Marku 4:37-41.

Ngaphansi kokubusa kukaJesu, isintu esilalelayo ‘siyohlala ngokulondeka singaphazanyiswa yingebhe yenhlekelele.’ (IzAga 1:33) Lokho kuhlanganisa nosizi lwezinhlekelele zemvelo. Ngaphezu kwalokho, ukuphathwa kabi komhlaba, ukwakhiwa kwezakhiwo ngendlela engaphephile nokuntula ulwazi ngamandla emvelo, kuhlanganise namanye amaphutha abantu kuyobe kungasekho. Akekho oyophinde ahlupheke ngenxa yokuba sendaweni engafanele ngesikhathi esingafanele.

Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wachaza esinye isici sokubusa kwakhe esingalungisa noma yikuphi ukuhlupheka kwamanje okubangelwa izenzakalo ezingalindelekile. Wathi: “Mina ngingukuvuka nokuphila.” (Johane 11:25) Ngempela, uJesu unamandla nesifiso sokubuyisela ekuphileni izigidi eziye zafa kabuhlungu ngenxa yezinhlekelele zemvelo. Ingabe lesi sithembiso siwuwangala? UJesu waqinisa ukumethemba kwethu ngokuvusa abathile ngesikhathi esesemhlabeni. Oluthathu lwalolo vuko lulotshiwe eBhayibhelini.—Marku 5:38-43; Luka 7:11-15; Johane 11:38-44.

“Umbusi waleli zwe.”

UKristu Jesu umiswe uNkulunkulu ukuba “amenze ize lowo onendlela yokubangela ukufa, okungukuthi, uDeveli.” (Hebheru 2:14) UJesu wamemezela: “Kukhona ukwahlulelwa kwaleli zwe; umbusi waleli zwe uzophonswa ngaphandle.” (Johane 12:31) ‘Uzobhidliza imisebenzi kaDeveli’ ngokususa ithonya lakhe ezindabeni zomhlaba. (1 Johane 3:8) Cabanga ukuthi uyoba ohluke kanjani umphakathi wesintu uma ungasekho umoya kaDeveli wokuhaha, ukonakala nobugovu!