Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lokho Abazali Abangakwenza

Lokho Abazali Abangakwenza

“Abafundi abaningi babempintshene ekilasini elilodwa! Zazingekho iziphephetha-moya, sasifa ukushisa.”—ULuis waseBolivia.

“Isikole sethu sasinothisha abambalwa, ngakho othisha babengasitholi isikhathi esanele sokunaka umfundi ngamunye. Isikole sasingenawo amabalazwe, amathuluzi okucwaninga nomtapo wezincwadi.”—UDorcus waseMyanmar.

“Iningi lothisha lalingakwazi ukukhuza izingane. Ngezinye izikhathi abafundi babezenzela umathanda, okwakwenza ukufunda kube nzima nakakhulu.”—UNina waseNingizimu Afrika.

NJENGOBA kuphawuliwe ngenhla, ezinye izikole aziyona indawo enhle yokufunda. Njengomzali, ungazisiza kanjani izingane zakho zizuze okuningi emfundweni yazo yize kunezinselele? Nazi ezinye zezindlela.

Thatha isinyathelo kuqala.

Kunokugxila ezinkingeni—iningi lazo ongeke ukwazi ukuzixazulula—gxila kulokho ongase ukwazi ukukwenza. Uma ingane yakho ihlulwa isifundo esithile noma ixakekile ngenxa yomsebenzi wesikole omningi, zamani ukuqhamuka nezixazululo ezimbalwa. Ngokwesibonelo, ingabe nidinga ukwenza indawo engcono yokutadisha ekhaya? Ingabe ingane yakho idinga usizo ekwenzeni isimiso ukuze ikwazi ukwenza izinto ezibalulekile? Ingazuza yini uma inomuntu wangaphandle ongayisiza? Ukuze uthole okunye ukusikisela, mhlawumbe ungakhuluma nothisha wayo. Mbheke njengomuntu enibambisene naye, hhayi njengesitha.

Siza ingane yakho ihlale igxile enjongweni efanele yemfundo.

Imfundo kufanele ihlomise ingane ukuba ikhule ibe umuntu ohluzekile nokwazi ukuzimela. Umgomo akufanele nje kube ukufunda indlela yokuthola ingcebo. Nokho, ucwaningo lubonisa ukuthi abasha abaningi baphishekela imfundo benalowo mgomo ezingqondweni—ukuceba. IBhayibheli likhuthaza umbono olinganiselayo ngezinto ezibonakalayo. Nakuba livuma ukuthi ‘imali iyisivikelo,’ liphinde lixwayise ngokuthi “labo abazimisele ngokuceba” ngeke bayithole injabulo yangempela.—UmShumayeli 7:12; 1 Thimothewu 6:9.

Imfundo kufanele ihlomise ingane yakho ukuba ikhule ibe umuntu ohluzekile nokwazi ukuzimela

Vumela ingane ifunde ngokubhekana nezinkinga.

Othisha abaningi bathi kunzima ukusebenzelana nezingane, kodwa kunzima nakakhulu ukusebenzelana nabazali. Abanye abazali bayashesha ukungenela bakhulumele ingane futhi bakhononde lapho indodana noma indodakazi yabo ingena enkingeni noma ingaphumeleli esivivinyweni. Ngokwesibonelo, umagazini i-Time ubika ngoprofesa wasekolishi oke waba nabafundi “ababeshayela abazali babo ucingo ekilasini ngomakhalekhukhwini ukuze  bakhononde ngamamaki aphansi abawatholile, bese benika uthisha umakhalekhukhwini, phakathi nekilasi, ngoba umzali efuna ukukhulumela ingane yakhe. Kanti uke waba nabazali abathi bakhokha imali eningi kabi befundisa ingane yabo ngakho bafuna iphumelele ngamalengiso kuphela.”

Othisha abaningi bathi kunzima ukusebenzelana nezingane kodwa kunzima nakakhulu ukusebenzelana nabazali

Abazali abenza lokho abazisizi ngalutho izingane zabo. Eqinisweni, kunokuba “bazisize,” bazivimba “ukuba zikwazi ukuzenzela izinqumo, ukuthola okuhlangenwe nakho kokwehluleka nokuxazulula izinkinga zazo,” kusho uPolly Young-Eisendrath encwadini yakhe ethi The Self-Esteem Trap. Uyanezela: “Uma abazali begxambukela kakhulu ekuxazululeni izinkinga zezingane zabo izingane zona zibe zisonge izandla, abazali yibona abayofunda ukuxazulula izinkinga, izingane zona zingakwazi ukuzimela.”

Linganisela ngokuqondene nokuthi ingane yakho kufanele ifunde kangakanani.

Njengoba kushiwo ngaphambili, imfundo ingalungiselela ingane ukuba ikwazi ukuzimela lapho isikhulile. (Genesise 2:24) Kodwa ukufinyelela lowo mgomo kudinga imfundo engakanani?

Ungacabangi ukuthi ukuze ingane yakho ithole umsebenzi omuhle kudingeka iye eyunivesithi. Zikhona ezinye izindlela ezingabizi. Eqinisweni, kwezinye izimo, labo abanamakhono omsebenzi bangaphila ukuphila okufana nokwalabo abaneziqu zaseyunivesithi.

Iphuzu eliyinhloko: Izimo ezikoleni azizinhle ngokuphelele futhi namuhla izingane zibhekana nezinkinga ezazingekho emashumini ambalwa eminyaka edlule. Kodwa ingane yakho ingaphumelela uma uyisekela! Njengomndeni, kungani ningaxoxi ngokusikisela okusekhasini lesithathu kuya kwele-7 alo magazini?