Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBhayibheli​—Incwadi Yesiprofetho Esinembile—Ingxenye 6

“Izinsuku Zokugcina”

IBhayibheli​—Incwadi Yesiprofetho Esinembile—Ingxenye 6

Kulolu chungechunge lwezihloko ezingu-8, i-Phaphama! izokhuluma ngesici esibalulekile seBhayibheli—iziprofetho zalo, noma izibikezelo. Lezi zihloko zizokusiza ukuba uphendule le mibuzo: Ingabe iziprofetho zeBhayibheli zimane nje ziwumphumela wokuhlakanipha kwabantu? Ingabe ziphefumulelwe uNkulunkulu ngempela? Sikumema ukuba uhlole ubufakazi.

SIPHILA ezikhathini ezinzima. Kuzo zonke izingxenye zomhlaba, sihlale sizwa izindaba zezinhlekele nemibhikisho yomphakathi. Ingabe isimo sezwe samanje sinencazelo ekhethekile?

Eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule, iBhayibheli labikezela ukuthi izinkinga zomhlaba ziyodlondlobala ‘esiphelweni sesimiso sezinto.’ (Mathewu 24:3) Lokhu akusho “ukuphela kwezwe” okwesatshwa abantu. Kunalokho, iBhayibheli lichaza izenzakalo nesimo sengqondo noma isibonakaliso esasiyovela kule nkathi ebizwa ngokuthi “izinsuku zokugcina.” (2 Thimothewu 3:1) UJesu watshela abalandeli bakhe ukuthi lapho bebona ‘lezi zinto zenzeka,’ ukukhululeka kuyolandela ngokushesha. (Luka 21:31) Cabangela ezinye zeziprofetho eziphawula isikhathi sethu njengesiyingqayizivele.

Isiprofetho 1:

“Isizwe siyovukela isizwe.”—Mathewu 24:7.

Ukugcwaliseka: Eminyakeni yokuqala yekhulu lama-20, abaningi babelindele ukuthula okuqhubekayo. Ukuqala kweMpi Yezwe I kwashaqisa umhlaba futhi kwaqala inkathi yempi eyayingakaze ibe khona ngaphambili. Njengoba incwadi yeBhayibheli yesAmbulo yayibikezele, ukuthula ‘kwasuswa emhlabeni ukuze [abantu] babulalane.’—IsAmbulo 6:4.

Okwembulwa ubufakazi:

  • “Ukugqashuka kweMpi Yezwe Yokuqala ngo-1914 namanje kubonakala kuwuphawu lokuphela kwenkathi ebikhona nokuqala kwenkathi entsha.”—The Origins of the First World War, eyanyatheliswa ngo-1992..
  • Nakuba inani labafa ngesibhicongo seMpi Yezwe I lingenakushiwo ngokuqondile, enye i-encyclopedia ithi cishe amabutho afela empini angu-8 500 000.
  • Abafa ngeMpi Yezwe II baba baningi nakakhulu, imiphakathi namasosha aphakathi kwezigidi ezingu-35 kuya kwezingu-60.
  • Kusukela ekupheleni kwempi yezwe yesibili kuya ku-2010, kuye kwaba nezimpi ezingu-246 ezindaweni ezingu-151 emhlabeni.

Isiprofetho 2:

“Kuyoba khona ukusweleka kokudla.”—Mathewu 24:7.

Ukugcwaliseka: Indlala iye yabulala abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-70 phakathi nekhulu lama-20 futhi iyaqhubeka iba yinkinga yembulunga yonke.

Okwembulwa ubufakazi:

  • Ngokombiko weZizwe Ezihlangene, indlala iyinkinga yempilo enkulu kunazo zonke, futhi umuntu oyedwa kwabangu-7 emhlabeni jikelele njengamanje akanakho ukudla okwanele.
  • “Ukuntuleka kokudla namuhla akuyona into eyenzeka nje ngaleso sikhathi, ukuntuleka kwesivuno okubangelwe isimo sezulu, kodwa kuwumphumela wezimbangela ezine esezinesikhathi eside: ukwanda okusheshayo kwenani labantu, ukuguguleka kwenhlabathi, ukuntuleka kwamanzi okwandayo namazinga okushisa aphakeme.”—I-Scientific American.

Isiprofetho 3:

“Kuyoba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba.”—Luka 21:11.

Ukugcwaliseka: Ngenxa yokuthi abantu abaningi bahlala ezindaweni ezithandwa ukuzamazama komhlaba, abaningi baye balahlekelwa ukuphila kwabo noma baphazamiseka ngenxa yokuzamazama komhlaba okwanda ngokushesha.

Okwembulwa ubufakazi:

  • I-World Disasters Report 2010 yathi: “Kuzo zonke izinhlekelele ezinkulu, izenzakalo zokuzamazama komhlaba ziye zabulala abantu abaningi kakhulu kule minyaka yamuva.”
  • Unyaka ngamunye, kusukela ngo-1970 kuya ku-2001, ngokwesilinganiso, kwakubikwa izinhlekelele zokuzamazama komhlaba * ezingu-19, ezabulala abantu abangaba ngu-19 547. Eminyakeni eyishumi edlule ngaphambi kuka-2012, isilinganiso sezinhlekelele zokuzamazama komhlaba senyukela kwezingu-28 ngonyaka, nenani labangu-67 954 abashona.

Isiprofetho 4:

“Ezindaweni ngezindawo kube khona izifo eziwumshayabhuqe.”—Luka 21:11.

Ukugcwaliseka: Naphezu kwentuthuko emkhakheni wezokwelapha, izigidi zabantu zisafa unyaka ngamunye ngenxa yezifo ezithathelwanayo. Ukuya kwamanye amazwe nokwanda kwemiphakathi yasemadolobheni emhlabeni kwandise amathuba okusakazeka ngokushesha kwanoma isiphi isifo esingagqashuka.

Okwembulwa ubufakazi:

  • Kulinganiselwa ukuthi ingxibongo yabulala abantu abaphakathi kwezigidi ezingu-300 nezi-500 ngekhulu lama-20.
  • I-Worldwatch Institute ibika ukuthi phakathi neminyaka engu-30 edlule, “izifo ezingaphezu kuka-30 ebezingekho ngaphambili njenge-Ebola, ingculaza, igciwane lomkhuhlane elitholakala emagundaneni (Hantavirus), kanye nohlobo olubi kakhulu lwenyumoniya (SARS), ziye zadlondlobala njengosongo olusha.”
  • I-World Health Organization isixwayise ngokwanda kwamagciwane alwa nemithi, ithi: “Izwe libheke enkathini efana neyayingenayo imithi elwa namagciwane, lapho izifo eziningi ezithathelwanayo zingeke ziselapheka, futhi zizophinde zibulale njengakuqala.”

Isiprofetho 5:

Abantu ‘bayokhaphelana futhi bazondane. . . . Uthando lwabaningi luyophola.’—Mathewu 24:10, 12.

Ukugcwaliseka: Ukuqothulwa kohlanga okugqugquzelwa inzondo kuye kwabulala izigidi zabantu. Emazweni amaningi izingxabano ezinodlame kanye nobugebengu kuye kwaholela emjikelezweni wokwesaba okungapheli nobudlova.

Okwembulwa ubufakazi:

  • Umbuso wobushiqela wamaNazi wabulala amaJuda ayizigidi eziyisithupha kanye nenqwaba yabanye abantu. Mayelana nalokho okwenziwa abantu abavamile, nakhu okuphawulwa umlobi uZygmunt Bauman: “Ukufa okuningi kuhambisana nokungabi namizwelo, kodwa nesimo sokungabi nandaba.”
  • Ngokwezindaba ze-BBC kulinganiselwa ukuthi kwabulawa amaTutsi namaHutu angathathi  hlangothi angaba ngu-800 000 ngezinyanga nje ezimbalwa. Omunye umcwaningi uthi abantu abangaba ngu-200 000 bahlanganyela ekubulaleni abantu abaningi.
  • Kufa abantu abangaphezu kuka-740 000 unyaka ngamunye ngenxa yobugebengu nezimpi.

Isiprofetho 6:

“Abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, . . . abangenalo uthando lokuhle.”—2 Thimothewu 3:2, 3.

Ukugcwaliseka: Isikhathi sethu siyinkathi yobugovu nokuntuleka kwesimilo. Isimo esinjalo sengqondo siye sabangela izinkinga eziningi emphakathini.

Okwembulwa ubufakazi:

  • Umbiko we-UNICEF UK ophathelene nenhlalakahle yabantwana uthi abazali nezingane e-United Kingdom “babonakala bevaleleke emjikelezweni wokuthenga okungapheli.” Imikhaya ithenga izinto ezibonakalayo “ngomzamo wokumboza izinkinga zokungezwani nokungalondeki emphakathini.”
  • Kulinganiselwa ukuthi izingane eziyizigidi ezingu-275 emhlabeni zichayeke ebudloveni basekhaya emakubo.
  • “E-United States nje kuphela, abantu abadala abangaphezu kuka-500 000 kukholelwa ukuthi bayahlukunyezwa noma banganakwa unyaka ngamunye.”—I-Centers for Disease Control and Prevention.

Isiprofetho 7:

“Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe.”—Mathewu 24:14.

Ukugcwaliseka: IBhayibheli lifundisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni ongokoqobo, obusa usezulwini, uJesu ayiNkosi yawo. Lo Mbuso wasezulwini “uyochoboza uqede yonke [imibuso yabantu], wona uqobo ume kuze kube nini nanini.”—Daniyeli 2:44.

UMbuso kaNkulunkulu—kokubili lokho oyikho nalokho oyokwenza—uwumgogodla wesigijimi esifundiswa oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke.

OFakazi BakaJehova bagcwalisa uMathewu 24:14, ngokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu

Okwembulwa ubufakazi:

  • Emhlabeni kabanzi, oFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi eziyisikhombisa emazweni angaphezu kuka-230, bafundisa abanye ngoMbuso kaNkulunkulu.
  • Ngezincwadi ezinyathelisiwe nange-Internet, oFakazi BakaJehova baye benza izindaba ezisekelwe eBhayibhelini zatholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-500.

Isibonakaliso Nekusasa Lakho

Ngemva kokuhlola ubufakazi, izigidi zabantu ziye zafinyelela isiphetho sokuthi isibonakaliso seBhayibheli ngezinsuku zokugcina manje sesiyagcwaliseka. Njengoba izihloko eziyisithupha zalolu chungechunge ziye zabonisa, umlando uyakufakazela ukuthi iBhayibheli ngempela liyincwadi yesiprofetho engenaphutha.

Ungakwethemba futhi lokho iBhayibheli elikushoyo ngekusasa. Lezi ziprofetho ziyokuthinta, ngoba uNkulunkulu uthembisa ukuqeda lezi zinsuku zokugcina ezibangela ukucindezeleka. Izihloko ezimbili ezisele kulolu chungechunge zizochaza ukuthi “izinsuku zokugcina” ziyophela kanjani zisitshele nangekusasa elimangalisayo ngomhlaba nesintu.

^ isig. 22 Isikhungo okuthiwa i-Centre for Research on the Epidemiology of Disasters sichaza “inhlekelele” yokuzamazama komhlaba njengesenzakalo esinomphumela wokunye kwalokhu okulandelayo: ukufa kwabantu abayishumi noma ngaphezulu, ukuthinteka kwabantu abayikhulu noma ngaphezulu, ukumenyezelwa kwesimo esibucayi noma ukucelwa kosizo lwamazwe ngamazwe.