Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 UMBONO WEBHAYIBHELI

IPharadesi

IPharadesi

Liyini IPharadesi?

LOKHO OKUSHIWO ABANTU

Abanye bacabanga ukuthi iPharadesi limane nje liyinsumansumane. Kanti abanye bakholelwa ukuthi liyindawo yasemaphusheni efana nepaki lapho abantu abalungile bephila khona phakade futhi benze izinto ezinhle nezijabulisayo.

LOKHO OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

Igama elithi “ipharadesi” liye lasetshenziswa ukuze kubhekiselwe endaweni eyikhaya lokuqala labantu, insimu yase-Edene. (Genesise 2:7-15) IBhayibheli liveza leyo nsimu njengendawo engokoqobo lapho umbhangqwana wokuqala ongabantu wawuhlala khona kungekho ukugula nokufa. (Genesise 1:27, 28) Ngenxa yokungamlaleli uNkulunkulu, lo mbhangqwana wokuqala walahlekelwa ikhaya lawo eliyipharadesi. Nokho, iziprofetho eziningi zeBhayibheli zikhuluma ngekusasa lapho isintu siyojabulela khona iPharadesi elibuyiselwe.

KUNGANI KUFANELE KUKUTHINTE?

Uma uNkulunkulu enothando, khona-ke kunengqondo ukuthi uyovuza abakhulekeli bakhe abathembekile ngokuphila okuhle endaweni enjalo eyiPharadesi. Kanti kunengqondo nokuthi uyobatshela abantu lokho okudingeka bakwenze ukuze bamukeleke kuye. IBhayibheli lithi uNkulunkulu angakwamukela uma ufunda ngaye futhi ulalele imiyalo yakhe.—Johane 17:3; 1 Johane 5:3.

“UJehova uNkulunkulu watshala insimu e-Edene, . . . wambeka lapho umuntu ayembumbile.”—Genesise 2:8.

 Likuphi IPharadesi?

LOKHO OKUSHIWO ABANTU

Abanye bakholelwa ukuthi iPharadesi lisezulwini, kuyilapho abanye bethi liyoba semhlabeni esikhathini esizayo.

LOKHO OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

IPharadesi lokuqala lesintu lalisemhlabeni. Kusobala ukuthi uNkulunkulu unike abantu umhlaba njengekhaya labo laphakade. IBhayibheli lithi uNkulunkulu wenza umhlaba wethu ukuba uhlale phakade. (IHubo 104:5) Libuye lithi: “Amazulu, wona angakaJehova, kodwa umhlaba uwuniké abantwana babantu.”—IHubo 115:16.

Khona-ke, akumangalisi ukuthi iBhayibheli lithembisa iPharadesi lasemhlabeni. Kulapho lapho uNkulunkulu eyobusisa khona isintu ngokuphila okuphakade. Ubunye nokuthula kuyovama. Ubuhlungu nokuhlupheka kuyobe kungasekho. Abantu bayokwazi ukuzijabulela ngokugcwele izimangaliso zendalo yasemhlabeni.—Isaya 65:21-23.

“Itende likaNkulunkulu likanye nabantu, . . .  ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”—IsAmbulo 21:3, 4.

Obani abayophila ePharadesi?

LOKHO OKUSHIWO ABANTU

Izinkolo eziningi zifundisa ukuthi abantu abalungile kuphela abayophila ePharadesi. Kodwa kunokudideka okukhulu ngokuphathelene nalokho okushiwo “ukulunga.” Abanye bacabanga ukuthi kwanele ukumane nje uhlanganyele emicikilishweni ethile yenkolo nasemithandazweni ephindwaphindwayo.

LOKHO OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

IBhayibheli lifundisa ukuthi “abalungile” bayophila ePharadesi. Kodwa obani abalungile emehlweni kaNkulunkulu? Akuyena umuntu ohileleke emicikilishweni yenkolo kuyilapho eyishaya indiva intando kaNkulunkulu. IBhayibheli lithi: “Ingabe uJehova ujabulela iminikelo yokushiswa nemihlatshelo kunokulalelwa kwezwi likaJehova? Bheka! Ukulalela kungcono kunomhlatshelo.” (1 Samuweli 15:22) Kalula nje, “abalungile” abayophila ePharadesi yilabo abalalela imiyalo kaNkulunkulu njengoba itholakala eBhayibhelini.

LOKHO ONGAKWENZA

Ukulalela imithetho kaNkulunkulu kuhilela okungaphezu nje kokuhlanganyela emicikilishweni yenkolo. Ngokuziphatha kwakho kwansuku zonke, ungamjabulisa uNkulunkulu noma umdumaze. Ungafunda ukujabulisa uNkulunkulu ngokuhlola iBhayibheli ngokucophelela. Akunzima neze ukumjabulisa. IBhayibheli lithi “imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.” (1 Johane 5:3) UNkulunkulu uyafisa ukukuvuza ngokukuvumela ukuba ungene ePharadesi.

“Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”IHubo 37:29.