Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 USIZO LOMKHAYA | UKUBA UMZALI

Indlela Yokukhuluma Nengane Yakho Ngokuthumelelana Imiyalezo Yocansi

Indlela Yokukhuluma Nengane Yakho Ngokuthumelelana Imiyalezo Yocansi

INSELELE

Uzwile ukuthi ukuthumelelana imiyalezo ephathelene nocansi kuvamile entsheni. Kungenzeka uyazibuza, ‘Ingabe umntanami angakwenza lokho?’

Uyafuna ukukhuluma nengane yakho ngale nto, kodwa kanjani? Ngaphambi kokuba uthole impendulo, cabanga ngezizathu ezenza ukuba abantu abasha bathumelelane imiyalezo yocansi nokuthi kungani kufanele ukhathazeke. *

IZIMBANGELA

  • Enye intsha esanda kuthomba ithumela imiyalezo ekhuluma ingcaca ngocansi ngenjongo yokuheha lowo emthandayo.

  • Kwezinye izimo, intombazane ithumela isithombe sayo ingagqokile ngenxa yokucindezelwa umfana othile ukuba yenze kanjalo.

  • Ngezinye izikhathi umfana angathumelela inqwaba yabantu isithombe sentombazane engagqokile mhlawumbe ukuze ajabulise abangane bakhe noma ukuze aziphindiselele kuyo ngenxa yokuthi imalile.

Kungakhathaliseki ukuthi isizathu siyini, osemusha onomakhalekhukhwini angase angene ezinkingeni eziningi. Incwadi ethi CyberSafe, ithi: “Ngokucindezela inkinobho nje, ukuphila kushintsha unomphela.”

Abantu abaningi bayehluleka ukuqaphela ukuthi uma isithombe sesithunyelwe ngezinto zokuxhumana, lowo osithumele ngeke esakwazi ukulawula ukuthi leso sithombe sisetshenziswa kanjani. Umagazini we-U.S. Federal Bureau of Investigation (FBI), wabika ukuthi kwesinye isigameko, intombazane eneminyaka engu-18 ubudala “yazibulala ngemva kokuba isithombe eyasithatha ingagqokile yasithumela esokeni layo ngomakhalekhukhwini, sasithunyelwe nakwezinye izingane eyayifunda nazo esikoleni. Abanye abafundi, ngokusobala nabo abasithumelela abanye leso sithombe, kubonakala sengathi bayihlukumeza le ntombazane.”

Ukuthumela imiyalezo yocansi kubangela nokumangalelwa ezinkantolo. Ngokwesibonelo, kwamanye amazwe, izingane eziye zathumelela ezinye izingane izithombe zomuntu ongagqokile, ziye zabekwa amacala okuba nezithombe zobulili zezingane futhi kuye kwadingeka zibhaliswe njengabahlukumezi! Njengomzali, nawe kungase kudingeke ulandise uma lowo makhalekhukhwini usegameni lakho noma uma uhluleka ukuthatha izinyathelo eziqinile zokuvimbela ingane yakho ekuthumeleni imiyalezo enjalo.

 ONGAKWENZA

Beka imithetho ecacile. Nakuba ungeke ukwazi ukuyilawula ngokuphelele indlela ingane yakho esebenzisa ngayo umakhalekhukhwini, ungakwazi ukuqiniseka ngokuthi iyayazi imithetho yakho kanye nemiphumela yokuyephula kwayo. Khumbula futhi ukuthi, njengomzali, unelungelo lokuqapha indlela ingane yakho esebenzisa ngayo umakhalekhukhwini.—Isimiso seBhayibheli: Efesu 6:1.

Siza ingane yakho ukuba icabangisise ngenkinga. Ungase uthi: “Miningi imibono ngokuthi kuyini ukuthumelelana imiyalezo ephathelene nocansi. Wena ubungakuchaza kanjani?” “Ucabanga ukuthi izithombe ezinjani okuthiwa azifanelekile?” “Kwamanye amazwe umthetho ubheka izingane ezithumelela ezinye izithombe zezingane ezinqunu njengezephula umthetho. Ingabe ucabanga ukuthi lokhu okwenziwa yilezi zingane kubi kangako?” “Kungani imiyalezo ephathelene nocansi iwukuziphatha okungafanele?” Lalelisisa njengoba ingane yakho iveza umbono wayo, bese uyisiza ukuba icabange ngokuzokwenzeka ngemva kokucindezela inkinobho yokuthumela umyalezo.—Isimiso seBhayibheli: Hebheru 5:14.

Cabanga ngokuzokwenzeka ngemva kokucindezela inkinobho yokuthumela umyalezo

Nikeza isithombe esicacile ngalokho okungase kwenzeke. Nakhu ongase ukusho endodakazini yakho: ‘Ake sithi umfana othile ubelokhu ecindezela intombazane ukuba imthumelele “umyalezo ophathelene nezinto zocansi.” Yini okufanele iyenze? Ingabe kufanele ivume ukuze ingalahlekelwa ubungane bayo naye? Yenqabe, kodwa iqhubeke izidlisa satshanyana kuye? Ibunqamule lobo bungane? Itshele umuntu omdala?’ Yisize indodakazi yakho icabange ngale ndaba. Ungasebenzisa indlela efanayo nasendodaneni yakho.—Isimiso seBhayibheli: Galathiya 6:7.

Bonisa ukubaluleka kokuba nedumela elihle enganeni yakho. Buza imibuzo enjengokuthi, ‘Kubaluleke kangakanani ukuba nedumela elihle? Iziphi izinto ofuna ukwaziwa ngazo? Ubungazizwa kanjani ngokululaza othile ngokuthumela isithombe sakhe esingafanele kwabanye? Ubungazizwa kanjani ngokumelela kwakho into elungile?’ Yisize ingane yakho ukuba ihlale ‘inonembeza omuhle.’—1 Petru 3:16.

Yibekele isibonelo. IBhayibheli lithi ukuhlakanipha kwaphezulu kumsulwa futhi akuzenzisi. (Jakobe 3:17) Ingabe ukuziphatha kwakho kuhambisana nalawo mazwi? Incwadi ethi CyberSafe ithi: “Kufanele sibeke isibonelo esihle thina ngokwethu futhi singabuki izithombe ezingcolile nezingosi ezingase zibhekwe njengezingafaneleki noma ezingekho emthethweni.”

^ isig. 5 Inkulumo ethi “imiyalezo yocansi” ibhekisela esenzweni sokuthumela imiyalezo, izithombe noma ama-video okukhuluma ingcaca ngocansi, usebenzisa umakhalekhukhwini. Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, yiya engosini ethi jw.org/zu bese ufunda isihloko esithi “Intsha Iyabuza—Yini Okufanele Ngiyazi Ngokuthumelelana Imiyalezo Yocansi?”—Bheka ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > INTSHA.