Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 UMBONO WEBHAYIBHELI

Umshado

Umshado

Ingabe umshado umane uyindaba yokuhlalisana?

“Lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.”—Mathewu 19:6.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

Ngokombono kaNkulunkulu, umshado ungaphezulu kakhulu kwendaba yokuhlalisana nje. Uyisibopho esingcwele phakathi kwendoda nowesifazane. IBhayibheli lithi: “Kusukela ekuqaleni kwendalo ‘[uNkulunkulu] wabenza kwaba owesilisa nowesifazane. Ngenxa yalokhu indoda iyoshiya uyise nonina, futhi laba ababili bayoba nyamanye’ . . . Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akuhlanganisile makungahlukaniswa muntu.” *Marku 10:6-9; Genesise 2:24.

Amazwi athi, “lokho uNkulunkulu akuhlanganisile,” awasho ukuthi imishado yenziwa ezulwini. Kunalokho, ngokubhekisela kuMdali wethu njengoMsunguli welungiselelo lomshado, iBhayibheli ligcizelela ukubaluleka kwalesi sibopho. Imibhangqwana eyibheka ngaleyo ndlela imishado yayo, iyiphatha njengengcwele, njengesibopho esihlala njalo, ngaleyo ndlela ikhulisa ukuzimisela kwayo ekwenzeni imishado yayo iphumelele. Yandisa namathuba omshado ophumelelayo lapho iphendukela eBhayibhelini ukuze ithole isiqondiso salo ngokuphathelene nokufeza izindima zayo njengendoda nomfazi.

 Iyini indima yendoda?

“Indoda iyinhloko yomkayo.”Efesu 5:23.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

Ukuze izinto zihambe kahle emndenini, kumelwe kube khona owenza izinqumo zokugcina. IBhayibheli liwubeka emahlombe endoda lowo mthwalo. Kodwa lokho akuyigunyazi ukuba ibe umashiqela noma undlovukayiphikiswa. Akuyivumeli futhi ukuba ibalekele imithwalo yayo, ngokwenza kanjalo ibulale inhlonipho umkayo ayihlonipha ngayo futhi imthwese umthwalo ongadingekile. Kunalokho, uNkulunkulu ulindele ukuba isebenze kanzima ukuze inakekele umkayo futhi imbonise inhlonipho njengomngane wayo oseduze nemethemba kakhulu. (1 Thimothewu 5:8; 1 Petru 3:7) Eyabase-Efesu 5:28 ithi, “Amadoda kufanele athande omkawo njengemizimba yawo siqu.”

Indoda emthanda ngempela umkayo iyawazisa amakhono nokuhlakanipha kwakhe futhi iyawuhlonipha umbono wakhe ikakhulukazi ezindabeni ezingase zithinte umkhaya. Akufanele iphoqelele umbono wayo ngenxa yokuthi iyinhloko yomkhaya. Lapho indoda eyesaba uNkulunkulu u-Abrahama ingasilaleli iseluleko esinengqondo somkayo endabeni ethinta umndeni, uJehova uNkulunkulu wathi kuyo: “Lalela izwi lakhe.” (Genesise 21:9-12) U-Abrahama wenza ngokuvumelana nalelo zwi futhi umndeni wakhe waba nokuthula nobunye futhi wathola isibusiso sikaNkulunkulu.

Iyini indima yowesifazane?

“Bafazi, zithobeni kubayeni benu.”—1 Petru 3:1.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

Ngaphambi nje kokuba enzele indoda yokuqala inkosikazi, uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizomenzela umsizi, abe umphelelisi wakhe.” (Genesise 2:18) Umphelelisi okuthile okuphelelisayo noma okwenza into ingantuli. Ngakho uNkulunkulu wadala owesifazane, hhayi ngenjongo yokuthi afane nendoda noma ancintisane nayo, kodwa ukuze abe umphelelisi wayo. Ndawonye, babengakwazi ukufeza umsebenzi wabo ababewunikwe uNkulunkulu wokuba nabantwana futhi umhlaba ugcwale inzalo yabo.—Genesise 1:28.

Ukuze owesifazane ayifeze kahle indima yakhe, uNkulunkulu wamenza wafaneleka ngokomzimba, ngokwengqondo nangokomzwelo. Lapho lokhu ekusebenzisa ngokuhlakanipha nangothando, wenezela kakhulu empumelelweni yomshado wakhe, enze nokuba umyeni wakhe azizwe enelisekile futhi elondekile ngokomzwelo. Emehlweni kaNkulunkulu, owesifazane omuhle kanjalo ukufanele ukudunyiswa. *IzAga 31:28, 31.

^ isig. 5 IBhayibheli liyasivumela isehlukaniso ngesizathu sobufebe.—Mathewu 19:9.

^ isig. 14 Imibhangqwana ingase ithole ukusikisela okuningi okuwusizo emshadweni nasekuphileni komkhaya esihlokweni se-Phaphama! esiphuma njalo esithi “Usizo Lomkhaya.”