Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 USIZO LOMKHAYA | UKUBA UMZALI

Lapho Indodakazi Yakho Esakhula Icindezelekile

Lapho Indodakazi Yakho Esakhula Icindezelekile

INSELELE

Indodakazi yakho ithi icindezelekile. Uyazibuza umangele: ‘Eseneminyaka engu-13 nje kuphela? Wazini ngokucindezeleka!’ Nokho, ngaphambi kokuba uveze lowo muzwa endodakazini yakho, cabangela izinto ekuphileni ezingase zibonakale ziyikhungathekisa intombazanyana esakhula.

IZIMBANGELA

Izinguquko emzimbeni. Ukwanda kwezinguquko ezibangelwa ukuthomba kungenza intombazanyana esakhula ikhathazeke, ikakhulukazi uma isalela emuva noma ikhula ngokushesha kunontanga yayo. U-Anna, * manje oneminyaka engu-20 ubudala, uthi: “Yimina engafaka ubhodisi kuqala kunamanye amantombazane, futhi ngangizizwa ngingakhululekile neze. Ngangizibona ngihlukile uma ngiziqhathanisa nontanga yami, ngiyinto nje exakile!”

Izinguquko ezingokomzwelo. UKaren, manje oneminyaka engu-17, uyakhumbula: “Kwakungikhungathekisa kabi ukungazi ukuthi kungani ngangizizwa ngijabule phakathi nosuku bese kuthi ebusuku, ngizithole sengikhala. Ngangingaqondi ukuthi konakelephi kimi. Kwakusengathi imizwelo yami ayilawuleki.”

Ukuqala kwenkathi yokuya esikhathini. Intokazi okuthiwa uKathleen ithi: “Nakuba umama ayengichazele kusengaphambili, ukuya kwami kokuqala esikhathini kwangizuma ngempela. Ngangigeza kaningi ngosuku ngoba ngangilokhu ngizizwa ngingcolile. Okubi nakakhulu, abafowethu abathathu abadala babelokhu bengichukuluza. Ngandlela-thile, babecabanga ukuthi indaba yokuya kwami esikhathini iyihlaya.”

Ingcindezi yokuba phakathi kwabantu. UMarie oseneminyaka engu-18 ubudala uyakhumbula: “Lapho ngineminyaka ephakathi kwengu-12 nengu-14, ukucindezela kontanga kwakunamandla ngempela. Izingane engangifunda nazo zazingenamusa neze kumuntu obonakala ehlukile kuzo.” U-Anita oneminyaka engu-14 uthi: “Kule minyaka enginayo, umuzwa wokuthi uyamukeleka eqenjini labangane bakho ubaluleke kakhulu kanti ukukhishwa inyumbazane kuyalimaza.”

 ONGAKWENZA

Khuthaza indodakazi yakho ukuba ikhulume ngezinto eziyicindezelayo. Ekuqaleni, ingase ibe manqikanqika ukukhuluma ngakho. Kodwa bekezela futhi ulandele iseluleko seBhayibheli ‘sokushesha ukuzwa, uphuze ukukhuluma.’Jakobe 1:19.

Ungazithathi kancane izingcindezi indodakazi yakho ebhekene nazo. Khumbula, ayikaze ibhekane nezinto wena osuke wabhekana nazo ekuphileni, futhi ngenxa yalokho kuncane kakhulu engaqhathanisa nakho isimo ebhekene naso—ingasaphathwa eyokuba nekhono lokubhekana nazo.Isimiso seBhayibheli: Roma 15:1.

Ungayigqilazi indodakazi yakho ngemisebenzi eminingi kakhulu. Ngokwencwadi ethi Teach Your Children Well, intsha enezinto eziningi kakhulu okufanele izenze “ivame ukuba nezimpawu zokucindezeleka, ikakhulukazi ezingokomzimba njengokuphathwa yikhanda nesisu.”Isimiso seBhayibheli: Filipi 1:9, 10.

Qiniseka ukuthi indodakazi yakho iphumula ngokwanele. Inkinga evamile entsheni, ukudebeselela ukulala. Kodwa, uma indodakazi yakho ingalali ngokwanele, ikhono layo lokucabanga liyoba buthaka futhi ngeke ibe namandla okuthwala ukucindezeleka.Isimiso seBhayibheli: UmShumayeli 4:6.

Siza indodakazi yakho ithole amasu afanelekile okukhululeka ekucindezelekeni. Kwamanye amantombazane, ukuzivocavoca kuyasiza ekunciphiseni ukukhathazeka. IBhayibheli lithi, ‘ukuqeqesha umzimba kuyazuzisa.’ (1 Thimothewu 4:8) Amanye amantombazane athola ukuthi ukuzigcina efunda okuthile kuwenza abhekane kangcono nokucindezeleka. UBrittany oneminyaka engu-22 ubudala uyakhumbula: “Lapho ngisemncane, ngangizibhala phansi izinkinga engingakwazi ukuzixazulula. Lokhu kwakungisiza ngibone ukuthi ngizizwa kanjani ngempela ngenkinga ethile, futhi lokho kwakwenza kube lula ukuyixazulula noma ukuvele ngikhohlwe yiyo.”

Yibekele isibonelo. Wena ubhekana kanjani nokucindezeleka? Ingabe uzama ukwenza izinto eziningi ngesikhathi esisodwa bese uxhamazela lapho sewuzenza? Ingabe uzikhandla ngokweqile, uze uswele nesikhathi sokwenza izinto ezibaluleke kakhulu ekuphileni? EyabaseFilipi 4:5 ithi: “Ukucabangela kwenu makwaziwe.” Khumbula, umntanakho osakhula ubheka isibonelo sakho abese efunda kuso—angafunda okuhle noma okubi kuso.

^ isig. 6 Amagama kulesi sihloko ashintshiwe.