Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubukwa Okwezwe

Ukubukwa Okwezwe

E-United States

“Umuntu obhemayo ufaka umqashi wakhe ezindlekweni. . . ezithe xaxa ngamarandi angu-57 520 ngonyaka uma eqhathaniswa nongabhemi,” kubika i-New York Times. Ngokwemininingwane eyaqoqwa abacwaningi e-Ohio State University, lezi zindleko ezengeziwe zibangelwa ukuthatha ikhefu lokuyobhema, izindleko ezinkulu zezempilo kanye nokuphutha emsebenzini. Okunye okunomthelela ukungakhiqizi ngokwanele emsebenzini, cishe ngenxa yemiphumela yokuba umlutha kagwayi.

E-Italy

“Abefundisi kanye namalungu esonto abenzi ngokuvumelana nalokho abakushoyo futhi lokhu kudicilela phansi isithunzi seSonto.”—uPope Francis.

EMalaysia

Iziphathi-mandla zaseMalaysia zavumbulula amazinyo endlovu ayeshushumbiswa angamathani angu-24—amazinyo endlovu angaphezu kwenkulungwane—efihlwe emabhokisi amabili emkhunjini. Abezemvelo bathi akukaze kubanjwe amazinyo endlovu amaningi kangaka. La mazinyo endlovu ayesuswa eTogo ethunyelwa eChina.

E-Afrika

Ngokombiko we-World Health Organization wango-2012, ukufa kwabantu abangamaphesenti angu-63 kwabangelwa izifo ezithathelwanayo, ikakhulukazi ingculaza nesandulela sayo, isifo sohudo, umalaleveva, isifo sofuba nezifo eziphatha abantwana.

E-Australia

Imidlalo elingisa ukugembula etholakala komakhalekhukhwini besimanje-manje neminye imishini yobuchwepheshe iye yaba undab’ uzekwayo kubantwana. Eminye yale midlalo ifana nemidlalo etholakala ngokoqobo ezindaweni zokugembula kodwa kulula ukuyidlala. Umbiko kahulumeni waxwayisa ngokuthi le midlalo ingenza izingane zibheke ukugembula njengokusemthethweni “futhi ngokuhamba kwesikhathini kuzenze zibe nenkinga yokugembula.”