Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubuka Okwezwe

Ukubuka Okwezwe

E-United States

Idolobha laseLos Angeles, eCalifornia, lihlele ukuba wonke amarobhothi acishe abe ngu-4 500 asebenze ngokuvumelana kuyo yonke indawo engamakhilomitha-skwele angu-1 215. Ngokwe-New York Times, iLos Angeles “ingumasipala wokuqala omkhulu emhlabeni ukwenza kanjalo.”

Amazwe Omhlaba

Ukuhlolwa kwezimo zempilo emhlabeni wonke kuye kwembula ukuthi inani labantu abakhuluphele ngokweqile liye lenyuka ngamaphesenti angu-82 phakathi kuka-1990 no-2010. Ukukhuluphala kakhulu kubulala abantu abayinani eliphindwe kathathu kunelalabo ababulawa yindlala—nakuba ukuntuleka kokudla kuseyinkinga emazweni amaningi. Empeleni, “eminyakeni engu-20 edlule abantu babentula ukudla okwanele emhlabeni, kodwa manje sebenokudla okuningi futhi okungenamsoco—ngisho nasemazweni asathuthuka—okuyikona okusibangela izifo,” kusho uMajid Ezzati, ongomunye wabacwaningi abaqavile.

EMidway Island

Inyoni okuthiwa yi-Laysan albatross, okubikwa ukuthi “iyinyoni endala kunazo zonke kwezaziwayo eziphila endle,” iphinde yachamusela elinye ichwane. Indala kangakanani le nyoni? Yaqala ukufakwa uphawu ngo-1956 lapho okungenani yayiseneminyaka emihlanu ubudala, okwenza ukuthi manje ibe neminyaka engaphezu kuka-60. Kukho konke ukuphila kwayo, le nyoni isindize amakhilomitha aphakathi kwezigidi ezintathu kuya kwezine—okuyibanga elilingana nokuya nokubuya enyangeni izikhathi eziyisithupha.

ENingizimu Afrika

Olunye ucwaningo lusikisela ukuthi abesifazane baseNingizimu Afrika abayingxenye eyodwa kwezintathu bageza ngensipho futhi bagcobe nokhilimu ababenza babe mhlophe. Lezi zinto ezenza isikhumba sibe mhlophe ziyingozi, futhi emazweni amaningi azisavunyelwe. Ezinye zezingozi zokusebenzisa lezi zinto, izinhlobo ezihlukahlukene zomdlavuza, ukulimala kwezinso, ukucindezeleka kwengqondo, ukukhathazeka, ukuqubuka kanye nezibazi.