Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGXOXO NOTHILE | UFRÉDÉRIC DUMOULIN

“Ngiyaqiniseka Ukuthi UMdali Ukhona”

“Ngiyaqiniseka Ukuthi UMdali Ukhona”

UFrédéric Dumoulin usesebenze iminyaka engaphezu kweyishumi emkhakheni wokucwaninga ngemithi yezokwelapha eNyuvesi yaseGhent, eBelgium. Esikhathini esidlule, wayengakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona. Kodwa kamuva, uFrédéric waqiniseka ukuthi nguNkulunkulu owadala ukuphila. I-Phaphama! yabuza uFrédéric—manje osenguFakazi KaJehova—ngomsebenzi wakhe nangokholo lwakhe.

Ingabe likhona iqhaza inkolo eyaba nalo ekukhuleni kwakho?

Yebo likhona. Umama wayengumRoma Katolika. Kodwa lapho ngifunda Ngezimpi Zenkolo nangokuQulwa Kwamacala Ezihlubuki, ngayizonda inkolo futhi ngangingasafuni lutho oluzongihlanganisa nayo. Ngaphinde ngafunda ngezinkolo ezingezona ezobuKristu futhi nazo ngazibona zingengcono ngalutho. Lapho sengineminyaka engu-14, ngaba nomuzwa wokuthi inkohlakalo eyandile emasontweni iwubufakazi bokuthi uNkulunkulu akekho. Ngakho lapho ngifunda ngokuziphendukela kwemvelo esikoleni, ngaphetha ngokuthi ukuphila kwazivelela.

Yini eyakwenza wathanda isayensi?

Lapho ngineminyaka engu-7, ngaphiwa isibona-khulu nesaba ithoyizi lami engilikhonzile. Enye yezinto engangiyenza ngaso, ukuhlola izilokazana ezikhangayo, ezinjengezivemvane.

Yini eyakwenza wafuna ukwazi ngemvelaphi yokuphila?

Lapho ngineminyaka engu-22, ngahlangana nososayensi owayenguFakazi KaJehova. Wayekholelwa ukuthi nguNkulunkulu owadala ukuphila. Lokho kwangimangaza kakhulu. Ngangicabanga ukuthi ngizombonisa kalula ukuthi ukholelwa ezeni. Kodwa okwangimangaza, ukuthi wayeyiphendula ngendlela enengqondo imibuzo yami. Ngaba nelukuluku lokwazi ngabantu abakholelwa kuNkulunkulu.

Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, ngahlangana nomunye uFakazi owayenolwazi olunzulu ngokuphathelene nezokwelapha. Lapho ecela ukungichazela ngezinkolelo zakhe, ngavuma ngoba nginelukuluku lokwazi ukuthi kungani abantu bekholelwa kuNkulunkulu. Ngangifuna ukumbonisa ukuthi ayikho le nto ayikholelwayo.

Wakwazi yini ukumqinisekisa ngokuthi wayenephutha?

Cha, angikwazanga. Ngaqala ukucwaninga ngezimfundiso ezihlukahlukene  ngemvelaphi yokuphila. Ngamangala lapho ngithola ukuthi abanye ososayensi abahlonishwayo bathi ngisho nengqamuzana eliphilayo elibukeka liqondakala, liyinkimbinkimbi ngendlela yokuthi ayikho into okungathiwa lisuselwe kuyo kulo mhlaba. Abanye babo bacabanga ukuthi lawo mangqamuzana avela ngaphandle komhlaba. Kunokungavumelani okuningi endleleni ukuphila okwaba khona ngayo.

Kukhona yini abavumelana ngakho?

Kuyamangaza ukuthi ososayensi abaningi bayavuma ukuthi ngandlela-thile izinqubo ezingokwemvelo zabangela ukuba ukuphila kuvele ezintweni ezingaphili. Ngaqala ukuzibuza, ‘Uma bengazi ukuthi ukuphila kungaba khona kanjani ngaphandle koMdali, bangaqiniseka kanjani ukuthi kwaba khona ngaphandle kwakhe?’ Ngabe sengihlola okushiwo yiBhayibheli ngemvelaphi yokuphila.

Wafinyelela kuziphi iziphetho ngeBhayibheli?

Njengoba ngangiqhubeka nokufunda iBhayibheli, ngangiya ngokuya ngiqiniseka ukuthi elikushoyo kuyiqiniso. Ngokwesibonelo, ososayensi basanda kubuthola ubufakazi bokuthi indawo yonke yaba nesiqalo. Kodwa ivesi lokuqala eBhayibhelini, elalotshwa eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule, lithi: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.” * Ngathola nokuthi ngaso sonke isikhathi lapho iBhayibheli likhuluma ngezinto eziphathelene nesayensi akwenzeki lishaye eceleni.

Ngathola nokuthi ngaso sonke isikhathi lapho iBhayibheli likhuluma ngezinto eziphathelene nesayensi akwenzeki lishaye eceleni

Ingabe ulwazi lwakho ngesayensi lwakwenza kwaba nzima ukukholelwa kuNkulunkulu?

Cha. Lapho ngiqala ukukholelwa kuNkulunkulu, ngase ngiqede iminyaka emithathu ngicwaninga ngesayensi enyuvesi. Kuze kube manje, lapho ngicwaninga ngemiklamo yezinto eziphilayo, kulapho ngiqiniseka nakakhulu ukuthi uMdali ukhona.

Sikhona yini isibonelo somklamo ongasinika sona?

Sikhona. Ngacwaninga ngendlela izinto eziphilayo ezisabela ngayo emithini yokwelapha kanye nasezintweni eziwushevu. Umklamo ongihlaba umxhwele indlela ubuchopho bethu obuvikelwa ngayo ezintweni eziyingozi nakumabhaktheriya. Kunomngcele ohlukanisa igazi namangqamuzana obuchopho bethu.

Yini ehlaba umxhwele ngalokho?

Eminyakeni engaphezu kweyikhulu edlule, abacwaningi baye baqaphela ukuthi izinto ezingena emithanjeni yegazi zifinyelela kuzo zonke izingxenye zomzimba—ngaphandle kwasebuchosheni nasemgogodleni. Lokhu kuyangimangaza, ngoba kunemithambo eminingi emincanyana ethutha igazi iliyise kuwo wonke amangqamuzana obuchopho. Wonke amangqamuzana obuchopho ayahlanzwa, ondliwe futhi athole nomoya-mpilo ngosizo lwegazi. Ngakho, kungenzeka kanjani ukuba igazi lethu lingathintani nhlobo namangqamuzana obuchopho? Kwaphela iminyaka eminingi lokhu kuyimpicabadala.

Usebenza kanjani lo mngcele?

Imithambo yegazi engabonakali ayifani namashubhu epulasitiki enza ukuba into engaphakathi kuwo ingahlangani nengaphandle kwawo. Imithambo yegazi yakhiwe ngamangqamuzana. La mangqamuzana avumela ukuba izinhlayiyana nezinye izinto ezincane zidlule kuwo naphakathi kwawo. Kodwa, amangqamuzana akha imithambo yegazi esebuchosheni bethu ahlukile. Anamathelene. La mangqamuzana nendlela anamathelene ngayo kuyamangalisa. Ukwakheka okuyinkimbinkimbi kwala mangqamuzana anamathelene kuqinisekisa ukuthi ezinye izinto—njengomoya-mpilo, isikhutha nezinhlayiyana zikashukela—kudlula phakathi kwemithambo yegazi nobuchopho ngendlela efanele. Kodwa ezinye izakhi, amaprotheni kanye namangqamuzana azikwazi ukudlula. Ngakho lo mngcele usebenzisa izinhlayiyana ukuze wakhe imingcele yamakhemikhali nogesi osemzimbeni. Ngokubona kwami, akunakwenzeka ukuthi umklamo onjalo wazivelela.