Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMBONO WEBHAYIBHELI

Ubumpofu

Ubumpofu

Naphezu kwemizamo eqotho yokubuqeda, kunezigidi zabantu emhlabeni wonke, eziphila ngobumpofu.

Bangajabula kanjani abampofu?

OKUSHIWO ABANTU

Abantu abaningi bakholelwa ukuthi injabulo nokwaneliseka kutholakala ngokuba nezinto eziningi nokuthi impumelelo yangempela incike kakhulu emalini umuntu anayo. Njengoba kunzima noma bengakwazi nhlobo ukuthola imfundo eyisisekelo, ukwelashwa nezinye izinto eziwusizo, abampofu akulindelekile ukuba bajabule futhi babe nempilo eyanelisayo.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

IBhayibheli lifundisa ukuthi injabulo yangempela ayixhomekile esimweni somuntu esingokomnotho, kodwa ixhomeke ekubeni nobuhlobo obuhle noMdali. IBhayibheli lithi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Kungakhathaliseki ukuthi bami kanjani ngokwezimali, labo abaqaphela isidingo sabo esingokomoya bashukumiseleka ukuba bafune umbono kaJehova lapho benza izinqumo futhi kanjalo bafunde amaqiniso eBhayibheli aletha induduzo yangempela nokuthula kwengqondo. Yilokho okuletha injabulo yangempela.

Labo abaqonda futhi balandele iseluleko seBhayibheli, bakulungele kangcono ukubhekana nobumpofu. Ngokwesibonelo, iseluleko seBhayibheli sidedisela abantu kude nemikhuba elimazayo njengokubhema nokusebenzisa kabi utshwala. Imikhuba efana nale, isaphaza imali futhi maningi amathuba okuba iphumele ezindlekweni zokwelashwa ezibizayo.—IzAga 20:1; 2 Korinte 7:1.

IBhayibheli liphinde lixwayise ngemiphumela elimazayo yokuhaha nokuthanda ingcebo. (Marku 4:19; Efesu 5:3) Iseluleko esinjalo singasiza umuntu agweme ukusaphaza imali ekugembuleni noma ukuba ‘nothando lwemali’ iBhayibheli elikuchaza ‘njengempande yazo zonke izinto ezilimazayo.’ (1 Thimothewu 6:10) ImiBhalo iyaxwayisa: “Ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.” (Luka 12:15) Kalula nje, imali ayisoze yakwazi ukuthenga ukuphila. Ngakolunye uhlangothi, ukwenza ngokuvumelana neseluleko seBhayibheli esihlakaniphile kwenza ukuphila kube nenjongo futhi kuholela enjabulweni yangempela.

Nakuba abampofu kungase kudingeke ukuthi bazabalaze ukuze bathole ukudla, okokugqoka nendawo yokuhlala, bangathola injabulo ngokuhlakulela ukwaneliseka, ukugxila ekujabuliseni uMdali nangokuphila ngokuvumelana nenjongo yakhe. Bayakubona ukuba iqiniso kwesithembiso seBhayibheli esithi, “Isibusiso sikaJehova—yiso esicebisayo, futhi akenezeli ubuhlungu kanye naso.”—IzAga 10:22.

UMBHALO OYISIHLUTHULELO: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.”Mathewu 5:3.

Ingabe ubumpofu buyoke buphele?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

Nakuba imizamo yabantu yokulawula ubumpofu ingaphumelelanga, ngesikhathi esifanele, uNkulunkulu uzolungisa umnyombo wenkinga, umkhuba wohulumeni kanye nabantu abanobugovu wokunakekela izidingo zabo kuphela. (UmShumayeli 8:9) UMdali wethu uzosusa ohulumeni babantu abaqhutshwa ubugovu. UMbuso wakhe noma uhulumeni wasezulwini uyonakekela izidingo zabo bonke abantu emhlabeni ngaphandle kokukhetha. IBhayibheli lithembisa ngokucacile ukuthi iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu iyozinakekela ngesisa izidingo zabampofu. “Iyokhulula ompofu okhalela usizo. . . . Iyohawukela ophansi nompofu, Imiphefumulo yabampofu iyoyisindisa.”—IHubo 72:12-14.

Umhlaba uyoba ipharadesi langempela, ube nendawo yokuhlala nokudla kwabo bonke abantu, bungekho nobuncí ubumpofu. Encwadini yeBhayibheli ka-Isaya, uNkulunkulu uthembisa lokhu ngabantu bakhe, “Bayokwakha izindlu bahlale kuzo, nakanjani bayotshala izivini badle izithelo zazo. . . . Nomsebenzi wezandla zabo abakhethiweyo bami bayowusebenzisa ngokugcwele.” (Isaya 65: 21, 22) Kunokuzabalaza kanzima ukuze baphile, bonke bayojabulela “idili lezidlo ezinamafutha akahle” nezinye izinto ezinhle uJehova ayobanika zona.—Isaya 25:6.

KUNGANI KUBALULEKILE?

Ukucabanga ngesithembiso sikaNkulunkulu somhlaba ongenabo ubumpofu, kuqinisekisa labo abaphila ngaphansi kwezimo ezicindezelayo ngokuthi uNkulunkulu uyabakhathalela nokuthi ukuphela kokuhlupheka kwabo kuseduze. Ukugxila kulelo themba kunganika umuntu amandla okukhuthazelela izimo ezinzima kwamanje.

UMBHALO OYISIHLUTHULELO: “Iyokhulula ompofu okhalela usizo, . . . Iyohawukela ophansi nompofu, imiphefumulo yabampofu iyoyisindisa.”IHubo 72:12, 13.