Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ithemba Labangenamakhaya Nabampofu

Ithemba Labangenamakhaya Nabampofu

UJoe wayeyisosha elingumakad’ ebona e-United States. Izinhlekelele ezavelela yena nomndeni wakhe zamshiya engasenakhaya iminyaka engaba ngu-18. Ngomunye unyaka waqala ukuvakashela umtapo wezincwadi wendawo, lapho ayevame ukuxoxa nesisebenzi sakhona. Lezo zingxoxo zakushintsha ukuphila kwakhe.

Insizwa yase-Argentina egama layo linguMartín, yayizizwa ingasondelene noNkulunkulu. Yabona ukuphila kungenanjongo. Ifuna injongo yokuphila, yahamba ekhaya yagcina isihlala ebhishi. Esikhundleni sokuthola izimpendulo eyayizifuna, yacindezeleka kakhulu. Ikhala izinyembezi, yanxusa uNkulunkulu: “Uma kuwukuthi ukhona, ngicela ungisize ngikuthole.” Waba yini umphumela? Sizoke sibone.

ABANTU abábi nawo amakhaya ngenxa yezizathu ezihlukahlukene. NjengoJoe, abanye babhekana nezinkinga zomuntu siqu. Abanye njengoMartín, bavele bakuyeke ukuphila “okuvamile” ngoba bekubona kungenanjongo. Kodwa abanye abábi nawo amakhaya ngenxa yobumpofu, izinhlekelele zemvelo, ubudlova basekhaya, ukusebenzisa kabi izidakamizwa noma utshwala, ukugula ngengqondo, ukubiza kwezindawo zokuhlala noma ukulahlekelwa umsebenzi.

Nakuba kwakucatshangwa ukuthi inkinga yokungabi nakhaya iyinkinga yamazwe asathuthuka noma ahlushwa izimpi noma ukuwohloka komnotho, ukungabi nakhaya “sekuyinkinga enkulu yezenhlalo ngisho nasemazweni amaningi adla izambane likapondo,” kusho uPaul Toro onguprofesa wokusebenza kwengqondo. * Imithelela yalokho kungaba izinqubo zikahulumeni zokusizwa kwemikhaya ethola imali encane kanye negebe elikhulayo lokungalingani kwamaholo.

Abantu abaningi bakhathazekile ngekusasa. Nokho, abanye baye bakunciphisa ukukhathazeka kwabo ngokucabanga ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngekusasa—okuyindaba esizoxoxa ngayo. IBhayibheli lingasisiza kwamanje ngokusinika izimiso ezinengqondo esingaphila ngazo—izimiso ezithuthukisa ukulondeka kwethu ngokwezomnotho nempilo yethu engokomzwelo, njengoba kwaba njalo ngoJoe noMartín.

IBHAYIBHELI LAKUSHINTSHA UKUPHILA KWAKHE

UCindy owayevame ukubona uJoe ngesikhathi esasebenza emtatsheni wezincwadi, wathi: “UJoe wayebonakala ekhaliphile, enenhlonipho futhi ethobekile.” Njengomunye woFakazi BakaJehova, wamnika omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! wammemela nasemhlanganweni wobuKristu. Wafike waphathwa ngomusa nangenhlonipho, ngakho waqala ukuya njalo. Wamukela nesifundo seBhayibheli komunye wabazalwane abasebandleni.

Ukufunda iBhayibheli kwamsiza uJoe waphinde wazihlonipha

Kwamduduza kakhulu uJoe lokho ayekufunda, futhi waqala ukusebenzisa izimfundiso zeBhayibheli nakuba lokhu kwakusho ukwenza izinguquko ezinkulu ekuphileni kwakhe. Ngokwesibonelo, wafunda ukuthi ukuphila kuyisipho esivela phezulu okufanele siphathwe ngenhlonipho nokuthi ukubhema kuyawungcolisa umzimba. (IHubo 36:9) Ngakho, wayeka ukubhema, ngokuvumelana nesimiso esilotshwe kweyesi-2 Korinte 7:1: “Masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama.” Ngokuqinisekile, isinqumo sakhe asizange simzuzise ngokwempilo kuphela kodwa samsiza wonga nemali.

Elalela iseluleko seBhayibheli esithi kufanele senze okusemandleni ukuze sinakekele izidingo zethu, uJoe waqala ukufuna umsebenzi. * (1 Thesalonika 4:11, 12) UmShumayeli 2:24 uthi: “Akukho lutho olungcono kumuntu kunokuba adle futhi aphuze, abangele umphefumulo wakhe ubone okuhle ngenxa yomsebenzi wakhe onzima.” Lokho kuwumphumela wokuzihlonipha ngenxa yokuthi ukusebenza ngokwethembeka kusenza sibe nesithunzi. Kanti kusenza sikwazi ukusiza abanye.—Efesu 4:28.

UCindy uthi, libona ubuqotho bukaJoe, “ibandla lamamukela, futhi abanye bamsiza wafaka isicelo sendlu efanelekayo nezinye izinto ayefanelekela ukuzithola.” Waqhubeka ethuthuka futhi ngokuhamba kwesikhathi wabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova. Manje usengacaphuna kokuhlangenwe nakho kwakhe lapho ekhuthaza abanye ukuba bafune ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, okutholakala eBhayibhelini.—IzAga 3:13, 14.

WAYITHOLA INJONGO YOKUPHILA

UMartín waqala ukufuna injongo yokuphila eneminyaka engu-20. Wathi, “Ngahlola izinkolo namafilosofi futhi ngadla nezidakamizwa, nginethemba lokuthola ukwaneliseka, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.” Wahlala isikhashana eCalifornia, e-U.S.A., wabe esethuthela eHawaii. Uyakhumbula, “Ngangicabanga ukuthi sengilitholile ipharadesi.” Kodwa ubuhle bendawo abuzange busanelise isifiso sakhe. “Ngacindezeleka kakhulu kangangokuba ngafisa ukuzibulala.” Kungaleso sikhathi lapho akhala khona enxusa uNkulunkulu, “Uma kuwukuthi ukhona, ngicela ungisize ngikuthole.”

UMartín usenombono omuhle ngokuphila

UMartín wakhumbula ukuthi wayekade ebone uphawu olubhalwe ukuthi, “IHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova.” Wanquma ukuya emhlanganweni wobuKristu. Wathi, “Ngaya khona nginezinwele ezinde nobhebhenene lwentshebe futhi ngigqoke izingubo okwase kuphele izinyanga ngizigqokile. Noma kunjalo, ngamukelwa ngemfudumalo.” UMartín wamukela isifundo seBhayibheli futhi njalo wayehamba esuka “endlini yakhe” ebhishi aye edolobheni lapho babemfundela khona iBhayibheli.

Ekugcineni, uMartín waqala ukuthola izimpendulo ezimanelisayo. Ngenxa yalokho, kwaphela ukucindezeleka kwakhe futhi wayizwa injabulo uJesu akhuluma ngayo lapho ethi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.”—Mathewu 5:3.

“Abantu bendawo base bemangazwa ushintsho engangilwenza”

Njengoba ayeselungisa ukuphila kwakhe esebenzisa izimiso zeBhayibheli ezifana nalezo ezasiza uJoe, okukhulunywe ngaye ngaphambili, kwasheshe kwabonakala ukuthi umbono kaMartin ngokuphila wawusushintshile. UMartín wayeseyinaka kakhulu indlela abukeka ngayo, futhi ngosizo loFakazi wathola umsebenzi nendawo yokuhlala. Wathi, “Ngaphambili ngangaziwa njengendoda engenakhaya yasedolobheni kodwa manje abantu bendawo base bemangazwa ushintsho engangilwenza.”

Kamuva, uMartín wabuyela e-Argentina lapho afike wabhapathizwa khona njengomunye woFakazi BakaJehova. Manje uyalazisa ilungelo lokusiza abanye abalambele ukusondelana noNkulunkulu ukuba bathole izimpendulo zemibuzo ebaluleke kakhulu ekuphileni.

LAPHO UKUNGABI NAKHAYA NOKUBA MPOFU KUNGASEKHO

UJeremiya, inceku kaNkulunkulu yasendulo, waphila phakathi nesikhathi sokucindezeleka okukhulu. Isitha esinonya sahlasela izwe lakubo futhi sathumba abantu bakubo abaningi sabenza izigqila. (IsiLilo 1:3) Nakuba asinda, cishe uJeremiya walahlekelwa yikho konke ayenakho. Edabukile, wathandaza: “Khumbula ukuhlupheka kwami nesimo sami sokungabi nakhaya.”—IsiLilo 3:19.

Naphezu kokuhlupheka kwakhe, uJeremiya akazange avume ukunqotshwa ukudikibala. Kungani? Ngoba wayazi ukuthi uJehova ngeke amlahle. (Jeremiya 1:8) Esinye isizathu ukuthi wayeyifunda imiBhalo ekhuluma ngesikhathi lapho indlala nokuhlupheka kungeke kusaba khona, esikhundleni sakho kube nokuthula nokulondeka.—IHubo 37:10, 11.

Lezo zinguquko ziyokwenzeka, hhayi ngemizamo yabantu kodwa ngohulumeni ophelele, obizwa ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu. (Daniyeli 7:13, 14) Akekho ofanelekela ukuba yiNkosi yalowo Mbuso ngaphandle kukaJesu Kristu, owabonisa uzwela olukhulu ngabampofu lapho esemhlabeni njengomuntu. (Luka 7:22; 14:13) Ngaphansi kokubusa kwakhe, ‘olungile uyohluma, kanye nokuchichima kokuthula, uyokhulula ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi. Uyokhulula umphefumulo wabo ekucindezelweni nasebudloveni.’—IHubo 72:7, 12, 14.

“Bayokwakha izindlu bahlale kuzo.”—Isaya 65:21

UJesu ngokuyinhloko wafundisa ngoMbuso kaNkulunkulu. (Luka 4:43) Waze wafundisa nabantu ukuba bathandaze: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:9, 10) Kuyoba njani ukuphila emhlabeni lapho uMbuso kaNkulunkulu usubusa ngokugcwele? IBhayibheli lisinikeza amazwibela athakazelisayo. Ngokwesibonelo, lithi ngezikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu:

  • “Bayokwakha izindlu bahlale kuzo; nakanjani bayotshala izivini badle izithelo zazo. Ngeke bakhe kuhlale omunye; ngeke batshale kudle omunye. . . . Umsebenzi wezandla zabo abakhethiweyo bami bayowusebenzisa ngokugcwele.”—Isaya 65:21, 22.

  • “Bayohlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe, ngeke kube khona obenza bathuthumele; ngoba wona kanye umlomo kaJehova wamabutho ukhulumile.”—Mika 4:4.

Lelo themba eliqinisekile lingasiqabula lapho silingwa. Ngesikhathi esifanayo, izimiso zeBhayibheli zingasisiza siphile ukuphila okunenjongo nokwanelisayo ngisho kwamanje, njengoba uJoe noMartín nabanye abaningi beye bazibonela. Empeleni uMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, usinikeza lesi siqinisekiso: “Kepha ongilalelayo, uyohlala ngokulondeka angaphazanyiswa yingebhe yenhlekelele.” (IzAga 1:33) Sengathi lawo mazwi angaba yiqiniso ekuphileni kwakho!

^ isig. 6 Ngenxa yezinxushunxushu, ubudlova noma ukushushiswa, izigidi zabantu ziye zaphoqwa ukuba zishiye amakhaya, zibalekele kwamanye amazwe noma kwezinye izindawo kulona lelo zwe. Le nkinga kwaxoxwa ngayo kuyi-Phaphama! ka-February 8, 2002.

^ isig. 11 Abanye abantu abafunayo ukusebenza, abakwazi, mhlawumbe ngenxa yokukhubazeka, impilo, noma ukukhula. UNkulunkulu akamamukeli ‘umuntu ongafuni ukusebenza.’—2 Thesalonika 3:10.