Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sifunda NgoNkulunkulu Kubaprofethi Bakhe

Sifunda NgoNkulunkulu Kubaprofethi Bakhe

Esikhathini esidlule, uNkulunkulu wanikeza abaprofethi bakhe imiyalezo ebalulekile ukuba bayidlulisele kubantu. Le miyalezo ingasibonisa yini ukuthi singazithola kanjani izibusiso zikaNkulunkulu? Yebo, ingasibonisa. Ake sibone ukuthi yini esingayifunda kubaprofethi abathathu abathembekile.

U-ABRAHAMA

UNkulunkulu akakhethi futhi ufuna ukubabusisa bonke abantu.

UNkulunkulu wathembisa umprofethi u-Abrahama wathi, “yonke imindeni yomhlaba nakanjani iyozibusisa ngawe.”​—Genesise 12:3.

Yini esiyifundayo? UNkulunkulu usithanda kakhulu, ufuna nokubusisa yonke imindeni emlalelayo​—amadoda, abesifazane nezingane.

UMOSE

UNkulunkulu unesihe futhi uyababusisa labo abenza umzamo wokumazi.

UMninimandla Onke wanika umprofethi uMose amandla okwenza izimangaliso ezinkulu. Noma kunjalo, uMose wathandaza: “Ngicela ungenze ngazi izindlela zakho ukuze ngikwazi, ngithole umusa emehlweni akho.” (Eksodusi 33:13) Samjabulisa uNkulunkulu isicelo sikaMose futhi wambusisa ngolwazi olwengeziwe, wamsiza nokuba aqonde izindlela zaKhe nobuntu baKhe. Ngokwesibonelo, uMose wafunda ukuthi uMdali ‘unguNkulunkulu onesihe nomusa.’​—Eksodusi 34:6, 7.

Yini esiyifundayo? UNkulunkulu ufuna ukusibusisa sonke​—amadoda, abesifazane nezingane—​uma sizama ukumazi kangcono. Uyasibonisa emiBhalweni Engcwele ukuthi kufanele simkhonze kanjani nokuthi uyakulangazelela ukusibonisa umusa nokusibusisa.

UJESU

Ngozwela, uJesu welapha yonke inhlobo yokugula

Singathola izibusiso zikaNkulunkulu zaphakade uma sifunda ngoJesu nangalokho akwenza nakufundisa.

IZwi LikaNkulunkulu liqukethe imininingwane eminingi ngokuphila kukaJesu nezimfundiso zakhe. UNkulunkulu wanika uJesu amandla okwenza izimangaliso eziningi, njengokwelapha izimpumputhe, abangezwa nabangakwazi ukuhamba. Wavusa ngisho nabafile. Ngaleyo ndlela, uJesu wabonisa ukuthi yiziphi izibusiso uNkulunkulu ayozilethela abantu esikhathini esizayo. Wachaza ukuthi ngamunye wethu angazithola kanjani lezo zibusiso: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.”​—Johane 17:3.

UJesu wayenozwela, ububele nomusa. Amadoda nabesifazane, abadala nabancane, bathutheleka kuye lapho ebamema ngothando ethi: ‘Fundani kimi ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka.’ (Mathewu 11:29) Ngokungafani nabanye abantu bangesikhathi sakhe ababebaphatha kabi abesifazane, uJesu wabaphatha ngomusa nangenhlonipho.

Yini esiyifundayo? UJesu wababonisa uthando olukhulu abantu, wabeka nesibonelo esivelele sendlela okufanele siphathane ngayo.

UJESU AKAYENA UNKULUNKULU

ImiBhalo Engcwele ifundisa ukuthi “empeleni kithi kukhona uNkulunkulu oyedwa” nokuthi uJesu Kristu wayeyisithunywa sikaNkulunkulu esithobekile. (1 Korinte 8:6) UJesu washo ngokucacile ukuthi uNkulunkulu mkhulu kunaye nokuthi uNkulunkulu wamthuma emhlabeni.​—Johane 11:41, 42; 14:28. *

^ par. 17 Ukuze ufunde kabanzi ngoJesu Kristu, bheka ingxenye 8 no-9 encwajaneni ethi Real Faith—Your Key to a Happy Life etholakala ngesiNgisi ku-www.mr1310.com.