Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuphila kwethu kungajabulisa ngempela lapho silalela imiyalo kaNkulunkulu

Izibusiso Ezitholwa Yilabo Abalalela UNkulunkulu

Izibusiso Ezitholwa Yilabo Abalalela UNkulunkulu

Umprofethi uMose wathi uma silalela imiyalo kaNkulunkulu, uNkulunkulu uyosibusisa. (Duteronomi 10:13; 11:27) Asilaleli uNkulunkulu ngoba nje sesaba ukuthi uzosijezisa. Ubuntu obuhle bukaNkulunkulu busenza simlalele ngoba simthanda futhi sifuna ukugwema ukwenza izinto ezingamdumaza. “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe.”​—1 Johane 5:3.

Kodwa ukulalela uNkulunkulu kusiletha kanjani isibusiso sakhe? Cabanga ngalezi zindlela ezimbili.

1. UKULALELA UNKULUNKULU KUYOSENZA SIHLAKANIPHE

“Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, Lowo okufundisayo ukuze uzuze, . . . okubangela ukuba unyathele endleleni okufanele uhambe ngayo.”​—ISAYA 48:17.

UJehova uNkulunkulu, uMdali wethu, uyasazi; usinikeza nesiqondiso esisidingayo. Uma sifuna izimfundiso zakhe zisisize senze izinqumo ezihlakaniphile, kumelwe sifunde emiBhalweni engcwele ukuthi yini uNkulunkulu afuna siyenze bese siyenza.

2. UKULALELA UNKULUNKULU KUYOSENZA SIJABULE

“Bayajabula abezwa izwi likaNkulunkulu baligcine!”​—LUKA 11:28.

Namuhla, izigidi ezilalela iZwi LikaNkulunkulu zinenjabulo yangempela. Ngokwesibonelo, cabanga ngendoda yaseSpain eyayicasuka kalula futhi iphatha abanye ngesihluku, kuhlanganise nomkayo. Ngelinye ilanga yafunda emibhalweni yomprofethi uMose ukuthi uJosefa, indodana kaJakobe, wayenomoya ozolile. UJosefa wathengiswa njengesigqila, futhi waboshwa ngokungafanele. Noma kunjalo, waqhubeka enomoya ozolile, enokuthula futhi ethethelela. (Genesise, izahluko 37-45) Le ndoda yaseSpain iyavuma: “Ukucabanga ngesibonelo sikaJosefa kwangikhuthaza ukuba ngilwele ukuba mnene, ukuba nomusa nokuzithiba. Ngenxa yalokho, ukuphila kwami sekuyajabulisa.”

ImiBhalo Engcwele ineziqondiso ezengeziwe zendlela okumelwe sibaphathe ngayo abanye. Thola okwengeziwe ngalokhu esihlokweni esilandelayo.