Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUBUKA OKWEZWE

Ukuhlolisisa Amazwe AseMelika

Ukuhlolisisa Amazwe AseMelika

Izindaba ezivela eNtshonalanga zibonisa ukubaluleka kokuhlakanipha kweBhayibheli okungaphelelwa yisikhathi.

Ungakunciphisa Ukucindezeleka Ngokungawabheki Njalo Ama-e-mail?

Ngokocwaningo olwenziwe eVancouver, eCanada, abantu banganciphisa ukucindezeleka lapho bewabheka kathathu kuphela ngosuku ama-e-mail abo kunokuwabheka njalo nje lapho bethola ithuba. Ekhuluma ngesiphetho salolu cwaningo, uKostadin Kushlev, owayehola kulo, uthi: “Abantu bakuthola kunzima ukumelana nesilingo sokubheka ama-e-mail, kodwa ukumelana nalesi silingo kunciphisa ukucindezeleka kwabo.”

ONGACABANGA NGAKHO: Siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,’ ngakho akukuhle yini ukuthola izindlela zokunciphisa ukucindezeleka?—2 Thimothewu 3:1.

Ukusimama Ngemva Kokudoba Ngokweqile

Umbiko we-Wildlife Conservation Society (WCS) uthi: “Imibiko ibonisa ukuthi inani lezinkwidi, ama-lobster nezinhlanzi liye landa ezindaweni ezivikelwe uhulumeni” eBelize nakwezinye izindawo zaseCaribbean. Uyenezela: “Ukusimama kohlobo lwezinhlanzi ezitholakala ezindaweni ezivikelwe uhulumeni kungathatha unyaka owodwa kuya kweyisithupha uma kuqhathaniswa nezindawo ezingavikelwe, kodwa ukusimama ngokuphelele . . . kungathatha amashumi eminyaka.” Ekhuluma ngeBelize, uJanet Gibson, umqondisi wohlelo lwe-WCS, wathi: “Kusobala ukuthi izindawo ezivikelwe uhulumeni zingasiza ekusimamiseni ezokudoba zezwe kanye nokulondolozwa kwezinto eziphilayo.”

ONGACABANGA NGAKHO: Ingabe amandla okuzivuselela endalo abonisa ukuba khona koMdali ohlakaniphile?—IHubo 104:24, 25.

Ubudlova EBrazil

Umthombo wezindaba, i-Agência Brasil, ubika ukuthi ubudlova buyanda eBrazil. Ngo-2012, inani lababulewe laba ngaphezu kuka-56 000—okuyinani eliphakeme ukuwedlula wonke awake atholwa uMnyango Wezempilo ngonyaka. ULuís Sapori osebenza ngezokuphepha komphakathi ukholelwa ukuthi ukwenyuka kwamanani kubonisa ukuwohloka kokuziphatha. Wathi lapho abantu bengasayihloniphi imithetho yomphakathi ophucuzekile, “baqala ukusebenzisa ubudlova ukuze bafeze izifiso zabo.”

INGABE BEWAZI? IBhayibheli labikezela ngesikhathi lapho uthando “luyophola” khona nokungabi namthetho kwande.—Mathewu 24:3, 12.