Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | INGABE USATHANE UNGOKOQOBO?

Ingabe USathane Umane Nje Uwuphawu Lobubi?

Ingabe USathane Umane Nje Uwuphawu Lobubi?

Kulula ukuphetha ngokuthi uSathane esifunda ngaye eBhayibhelini umane nje umelela konke okubi. Kodwa ingabe yilokho ngempela iBhayibheli elikufundisayo? Uma kunjalo, kungani iBhayibheli liveza uSathane ekhuluma noJesu Kristu noNkulunkulu uMninimandla onke? Cabanga ngezimo ezimbili ezilandelayo.

LAPHO USATHANE EKHULUMA NOJESU

Lapho uJesu eqala inkonzo yakhe, uDeveli wazama ukumlinga izikhathi ezintathu. Okokuqala, uSathane wazama ukucindezela uJesu ukuba asebenzise amandla akhe awanikezwe uNkulunkulu ngendlela yobugovu ukuze anelise iphango lakhe. Ngemva kwalokho, uDeveli wathi uJesu makenze isenzo sobuwula esasizobeka ukuphila kwakhe engozini ukuze azitholele udumo. Ekugcineni, uSathane wathembisa ukunika uJesu yonke imibuso yezwe uma nje enza isenzo esincane sokumkhulekela. UJesu wakunqoba kokuthathu lokho kulingwa kobuqili, ecaphuna imiBhalo isikhathi ngasinye.—Mathewu 4:1-11; Luka 4:1-13.

UJesu wayekhuluma nobani? Nobubi obungaphakathi kuye? ImiBhalo ithi, uJesu ‘uvivinyiwe ezicini zonke njengathi, kodwa akanasono.’ (Hebheru 4:15) IBhayibheli libuye lithi: “Akenzanga sono, nenkohliso ayitholakalanga emlonyeni wakhe.” (1 Petru 2:22) UJesu wahlala ephelele futhi eqotho. Akazange avumele ukuba kwakheke ububi kuye. Ngokusobala, uJesu wayengakhulumi nobubi obabukuye ngaphakathi; wayekhuluma nomuntu ongokoqobo.

Ingxoxo efanayo iveza ubufakazi obengeziwe bokuthi uSathane ungumuntu ongokoqobo.

  • Khumbula ukuthi uDeveli wathi uzonika uJesu yonke imibuso yomhlaba uma nje enza isenzo esincane sokumkhulekela. (Mathewu 4:8, 9) Lokhu kwakungeke kube isilingo ngempela ukube uSathane wayengeyena umuntu ongokoqobo. Ngaphezu kwalokho, uJesu akazange amphikise uSathane uma ethi uzomnika lelo gunya.

  • Ngemva kokuba uJesu enqabe izilingo, uDeveli “wasuka kuye kuze kube esinye isikhathi esikahle.” (Luka 4:13) Ingabe kule ndaba uSathane ubonakala ewububi obukumuntu noma eyisitha esingokoqobo esiphikelelayo?

  • Phawula ukuthi “izingelosi zeza [kuJesu] zamkhonza.” (Mathewu 4:11) Ingabe lezo zingelosi ezazinika uJesu isikhuthazo nosizo, zaziyizidalwa zomoya ezingokoqobo? Ngokusobala. Uma kunjalo, asikwazi ukuphetha ngokuthi uSathane uyinto ethile engesona isidalwa somoya esingokoqobo.

LAPHO USATHANE EKHULUMA NONKULUNKULU

Isenzakalo sesibili sihilela indaba yendoda eyayesaba uNkulunkulu, uJobe. Lokho kulandisa kukhuluma ngezingxoxo ezimbili phakathi kukaDeveli noNkulunkulu. Kuzo zombili, uNkulunkulu wancoma uJobe ngobuqotho bakhe. USathane wagomela ngokuthi uJobe ukhonza uNkulunkulu ngenxa nje yezizathu zobugovu, esola uNkulunkulu ngokuthi uthenga ubuqotho bukaJobe. Empeleni, uDeveli wayethi umazi kangcono uJobe kunoNkulunkulu. UJehova wavumela uSathane ukuba athathe izinto zikaJobe, abulale izingane zakhe futhi ambangele ukuba agule. * Ngokuhamba kwesikhathi kwaba sobala ukuthi okwakushiwo uJehova ngoJobe kwakuyiqiniso, futhi uSathane wabonakala engumqambimanga. UNkulunkulu wambusisa uJobe ngobuqotho bakhe.—Jobe 1:6-12; 2:1-7.

Kulezo zingxoxo ezaziphakathi kukaNkulunkulu noSathane, ingabe uJehova wayekhuluma nobubi obungaphakathi kuye? IBhayibheli lithi ngoNkulunkulu: “Iphelele indlela yakhe.” (2 Samuweli 22:31) IZwi likaNkulunkulu liphinde lithi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova uNkulunkulu, uMninimandla onke.” (IsAmbulo 4:8) Ubungcwele busho ukuhlanzeka, ubumsulwa, ukungabi nasono. UJehova uphelele futhi akanasici. Ngeke nje kwenzeke abe nobubi obuthile.

Ingxoxo phakathi kukaSathane noNkulunkulu yabangela imiphumela engokoqobo kuJobe

Noma kunjalo, abanye bangase bathi noJobe wayengeyena umuntu ongokoqobo, ngakho le ngxoxo yayingokomfanekiso. Kodwa ingabe lokho kunengqondo? Amanye amavesi eBhayibheli abonisa ukuthi uJobe wayengumuntu ongokoqobo. Ngokwesibonelo, kuJakobe 5:7-11, sithola ukuthi uJobe usetshenziswe njengesibonelo esikhuthaza amaKristu ukuba abekezelele izikhathi ezinzima nanjengesikhumbuzo esiduduzayo sokuthi uJehova uyakuvuza ukukhuthazela okunjalo. Leso sibonelo sasiyosebenza kanjani ukube uJobe wayengeyena umuntu ongokoqobo futhi ukuhlasela kukaSathane kumane nje kuyinganekwane? Ngaphezu kwalokho, kuHezekeli 14:14, 20, lapho kukhulunywa ngamadoda amathathu alungile, kubalwa uJobe, uNowa noDaniyeli. NjengoNowa noDaniyeli, uJobe wayengumuntu ongokoqobo, indoda eyayinokholo oluqinile. Uma uJobe ayengumuntu ongokoqobo kusho ukuthi nomhlaseli wakhe, owabangela ukuba ahlupheke, naye wayengokoqobo.

Ngokusobala, iBhayibheli liveza uSathane engumuntu ongokoqobo oyisidalwa somoya. Nokho, ungase uzibuze, ‘Ingabe uyingozi kimi nasemndenini wami namuhla?’

USITHINTA KANJANI NAMUHLA?

Ake sithi iqembu lezigelekeqe litheleka kungazelelwe endaweni yangakini. Ngokusobala, ezokuphepha kanye nesimilo esihle kuyontuleka endaweni. Manje cabanga ngesimo esifanayo: USathane namademoni akhe—izidalwa zomoya ezingokoqobo, eziye zavukela uNkulunkulu njengoSathane—ngokungazelelwe baphonswa emhlabeni futhi bavalelwe kuwo. Ungaba yini umphumela? Ake ucabange ngalokho okubona ezindabeni zangakini noma zomhlaba wonke.

  • Ingabe uyakubona ukwanda kwezenzo zobudlova ezingenangqondo naphezu kwemizamo yamazwe omhlaba wonke yokunqanda ubudlova?

  • Uyakubona yini ukwanda kwezokuzijabulisa okunokusebenzelana nemimoya ngisho noma abazali abaningi bebonisa ukukhathazeka ngakho?

  • Uyayibona yini imvelo yonakaliswa ngokuqhubekayo naphezu kwemizamo yokuyilondoloza?

  • Ingabe kubonakala sengathi kukhona okonakele ngomphakathi—ukuthi kunamandla asunduzela abantu enhlekeleleni?

Sicela uphawule lokho iBhayibheli elikushoyo ngezinkinga esizibona namuhla: “Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka yokuqala, lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane, odukisa umhlaba wonke owakhiwe; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye. . . . Mayé ngomhlaba nangolwandle, ngoba uDeveli wehlele kini, ethukuthele kakhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.” (IsAmbulo 12:9, 12) Ngemva kokuhlola ubufakazi, abantu abaningi baye baphetha ngokuthi uSathane uyisidalwa somoya esiyingozi, esithonya izwe esiphila kulo.

Ungase uzibuze ukuthi ungasithola kanjani isivikelo. Kuyafaneleka ukukhathazeka ngalokhu. Isihloko esilandelayo sizonikeza usizo oludingekayo.

^ isig. 12 IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.