Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXOXO NOMAKHELWANE

UMbuso KaNkulunkulu Waqala Nini Ukubusa? (Ingxenye 2)

UMbuso KaNkulunkulu Waqala Nini Ukubusa? (Ingxenye 2)

Ngezansi kunengxoxo uFakazi KaJehova angase abe nayo nomakhelwane. Ake sithi uFakazi ogama lakhe linguKhaya uphindela kuVusi.

UKUBUKEZA KAFUSHANE IPHUPHO LIKANEBUKHADINEZARI

UKhaya: Kuyangijabulisa ukuphinde ngikubone Vusi. Ngicabanga ukuthi nakulokhu sizosijabulela isifundo sethu. * Unjani kodwa?

UVusi: Ngiyaphila.

UKhaya: Kuhle ukuzwa lokho. Ngesikhathi sigcina ukubonana, saxoxa ngokuthi kungani oFakazi BakaJehova bethi uMbuso kaNkulunkulu waqala ukubusa ngo-1914. * Njengoba saxoxa, ingxenye eyinhloko yobufakazi siyithola esiprofethweni esikuDaniyeli isahluko 4. Usakhumbula ukuthi sithini lesi sahluko?

UVusi: Sikhuluma ngephupho leNkosi uNebukhadinezari lomuthi omkhulu.

UKhaya: Ushaye khona. Ephusheni lakhe, uNebukhadinezari wabona umuthi omkhulu owakhula wafika phezulu ezulwini. Wezwa isithunywa esivela kuNkulunkulu sithi umuthi mawugawulwe, kodwa isiqu sawo kanye nezimpande zawo kungasuswa. Ngemva kwenkathi ‘eyizikhathi eziyisikhombisa,’ umuthi wawuyophinde uhlume. * Sixoxe nangokuthi kungani lesi siprofetho sinokugcwaliseka okukabili. Usakukhumbula ukugcwaliseka kwaso kokuqala?

UVusi: Sagcwaliseka kuNebukhadinezari angithi? Walahlekelwa ingqondo iminyaka eyisikhombisa.

UKhaya: Uyihlabe esikhonkosini. UNebukhadinezari walahlekelwa ingqondo okwesikhashana, ngakho ukubusa kwakhe kwaphazamiseka. Kodwa ekugcwalisekeni okukhulu kwalesi siprofetho, ukubusa kukaNkulunkulu kuyophazamiseka ngandlela thile inkathi eyizikhathi eziyisikhombisa. Njengoba sibonile, izikhathi eziyisikhombisa zaqala lapho iJerusalema libhujiswa ngo-607 B.C.E. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, ayengasekho amakhosi emhlabeni amelela uJehova uNkulunkulu ekubuseni abantu bakhe. Nokho, lapho kuphela izikhathi eziyisikhombisa, uNkulunkulu wayezokhetha uMbusi omusha ozobusa abantu bakhe—umuntu osezulwini. Ngamanye amazwi, ukuphela kwezikhathi eziyisikhombisa kwakuyosho ukuqala kokubusa koMbuso kaNkulunkulu wasezulwini. Sesixoxile kakade ngokuthi izikhathi eziyisikhombisa zaqala nini. Ngakho uma singathola ukuthi zaba zinde kangakanani, sizokwazi ukuqonda ukuthi uMbuso kaNkulunkulu waqala nini ukubusa. Kusacaca konke?

UVusi: Kuyezwakala, sengiyakukhumbula esaxoxa ngakho.

UKhaya: Kusho ukuthi singaqhubeka. Ake sihlole ubude balezi zikhathi eziyisikhombisa. Ngisanda kucwaninga ngalesi sihloko ukuze ngizikhumbuze amaphuzu ayinhloko. Ngizozama ukuwachaza ngendlela ecacile.

UVusi: Kulungile.

IZIKHATHI EZIYISIKHOMBISA ZIYAPHELA—KUQALA IZINSUKU ZOKUGCINA

UKhaya: Ekugcwalisekeni kokuqala kwesiprofetho okuhilela uNebukhadinezari, kuyacaca ukuthi izikhathi eziyisikhombisa zazimelela iminyaka engokoqobo eyisikhombisa. Kodwa ekugcwalisekeni okukhulu okuhilela uMbuso kaNkulunkulu, izikhathi eziyisikhombisa kumelwe ukuba zinde kakhulu kuneminyaka engokoqobo eyisikhombisa.

UVusi: Kungani usho kanjalo?

UKhaya: Okokuqala, khumbula ukuthi izikhathi eziyisikhombisa zaqala lapho iJerusalema libhujiswa ngo-607 B.C.E. Uma siqala ukubala sisuka kulowo nyaka, iminyaka engokoqobo eyisikhombisa yayiyophela ngo-600 B.C.E. Akukho lutho oluphawulekayo olwenzeka ngalowo nyaka ngokuphathelene nokubusa kukaNkulunkulu. Ngaphandle kwalokho, njengoba sixoxile ngokudlule, emakhulwini eminyaka kamuva ngesikhathi uJesu elapha emhlabeni, wabonisa ukuthi izikhathi eziyisikhombisa zazingakapheli.

UVusi: Oh, Sengiyakhumbula manje.

UKhaya: Ngakho kunokuba kube iminyaka engokoqobo, kumelwe ukuba izikhathi eziyisikhombisa zimelela inkathi yesikhathi ende kunalokho.

UVusi: Zimelela isikhathi eside kangakanani?

UKhaya: Incwadi yeBhayibheli yesAmbulo ehlotshaniswa kakhulu nencwadi kaDaniyeli, isisiza sibone ukuthi zinde kangakanani izikhathi eziyisikhombisa. Ithi izikhathi ezintathu nengxenye zilingana nezinsuku ezingu-1 260. * Ngakho izikhathi eziyisikhombisa—eziphinda kabili izikhathi ezintathu nengxenye—ziyolingana nezinsuku ezingu-2 520. Awukabi nambuzo?

UVusi: Ngiyakuzwa. Kodwa angiboni ukuthi lokhu kubonisa kanjani ukuthi uMbuso kaNkulunkulu waqala ukubusa ngo-1914.

UKhaya: Kulungile, ake sizame ukukuhlanganisa lokhu. Ngezinye izikhathi esiprofethweni seBhayibheli, usuku lumelela unyaka. * Uma sisebenzisa isimiso esithi usuku lumelela unyaka, izikhathi eziyisikhombisa zizoba iminyaka engu-2 520. Uma siqala ukubala ngo-607 B.C.E siye phambili, iminyaka engu-2 520 iphela ngo-1914. * Sazi kanjalo-ke ukuthi izikhathi eziyisikhombisa zaphela ngo-1914 futhi kwaqala ukubusa kukaJesu njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Kuyaphawuleka nokuthi kusukela ngo-1914, kuye kwenzeka izinto ezinkulu emhlabeni—izenzakalo iBhayibheli elathi ziyokwenzeka ezinsukwini zokugcina.

UVusi: Hlobo luni lwezenzakalo?

UKhaya: Cabanga ngalokho uJesu akusho, njengoba kulotshwe kuMathewu 24:7. Ngokuphathelene nesikhathi ayoqala ngaso ukubusa ezulwini, uJesu wathi: “Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso, futhi kuyoba khona ukusweleka kokudla nokuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo.” Phawula ukuthi uJesu wabikezela ngokusweleka kokudla nokuzamazama komhlaba okwakuyoba khona phakathi naleso sikhathi. Awuvumi yini ukuthi lokhu siye sakubona kwenzeka ekhulwini leminyaka elidlule?

UVusi: Iqiniso.

UKhaya: Kuleli vesi, uJesu wabikezela nangezimpi phakathi nokuba khona kwakhe njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Incwadi yeBhayibheli yesAmbulo ayibikezelanga ngezimpi kuphela kodwa nangezimpi eziyothinta umhlaba wonke phakathi nesikhathi sokugcina. * Uyakhumbula ukuthi impi yezwe yokuqala yagqashuka nini?

UVusi: Ngo-1914, unyaka othi uJesu waqala ngawo ukubusa! Angikaze ngicabange ukuthi kuhlangana ngaleyo ndlela.

UKhaya: Uma sihlanganisa zonke lezi ziprofetho—isiprofetho esimayelana nezikhathi eziyisikhombisa kanye nezinye iziprofetho zeBhayibheli ezimayelana nesikhathi sokuphela—siyabona ukuthi lokhu kunengqondo ngempela. OFakazi BakaJehova bayaqiniseka ukuthi uJesu waqala ukubusa njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu ngo-1914, futhi ngawo lowo nyaka kwaqala izinsuku zokugcina. *

UVusi: Ngisazama ukukuqonda kahle konke lokhu.

UKhaya: Ngiyakuzwa. Njengoba ngishilo ekuqaleni, nami kwangithatha isikhathi eside ukuba ngiyiqonde kahle le ndaba. Kodwa-ke okungenani ngithemba ukuthi ingxoxo yethu ikusize wabona ukuthi nakuba unyaka ka-1914 ungekho eBhayibhelini, oFakazi BakaJehova basekela izinkolelo zabo ngokuphathelene nalowo nyaka emiBhalweni.

UVusi: Yebo, yilokho okuhlale kungihlaba umxhwele ngani—kungakhathaliseki ukuthi nithini, konke nikuthatha eBhayibhelini. Anikhulumi izinto eziyimibono yenu. Ukuphela kwento engizibuza yona ukuthi kungani le ndaba inzima kangaka. Kungani uNkulunkulu engamanange nje wasitshela eBhayibhelini ukuthi uJesu uyoqala ukubusa ezulwini ngo-1914?

UKhaya: Umbuzo omuhle lowo, Vusi. Eqinisweni ziningi izinto ezingabekwanga zacaca eBhayibhelini. Mhlawumbe uyazibuza ukuthi kungani uNkulunkulu enza ukuba iBhayibheli libhalwe ngendlela ebonakala inzima ukuyiqonda? Mhlawumbe singaxoxa ngalokho ngesikhathi esizayo.

UVusi: Ngingakujabulela lokho.

Ingabe ikhona indaba ethile eseBhayibhelini oke wazibuza ngayo? Zikhona yini izinkolelo noma izinto ezenziwa oFakazi BakaJehova ongathanda ukwazi ngazo? Uma kunjalo, ungangabazi ukubuza omunye woFakazi BakaJehova. Uyokujabulela ukuxoxa nawe ngezihloko ezinjalo.

^ isig. 5 Ngelungiselelo labo lesifundo seBhayibheli samahhala, oFakazi BakaJehova baxoxa nomakhelwane babo ngezihloko zeBhayibheli.

^ isig. 7 Bheka isihloko esithi “Ingxoxo Nomakhelwane—UMbuso KaNkulunkulu Waqala Nini Ukubusa?—Ingxenye 1” kuyi-Nqabayokulinda ka-October 1, 2014.

^ isig. 24 Bheka ishadi elithi “Iphupho LikaNebukhadinezari Lomuthi.”

^ isig. 30 Bheka isahluko 9 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova. Iyatholakala nasengosini ethi www.mr1310.com/zu.