Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

HLALANI NILINDILE!

Amazinga Okushisa Ayingqopha-mlando Emhlabeni Wonke—Lithini IBhayibheli?

Amazinga Okushisa Ayingqopha-mlando Emhlabeni Wonke—Lithini IBhayibheli?

 Phakathi noJulayi 2022, kubikwe amazinga okushisa ayingqopha-mlando emhlabeni wonke:

  •   “IChina ixwayise ngokuthi kuzoshisa kakhulu kunanini ngaphambili cishe emadolobheni angaphezu kuka-70, okuzoba ukushisa okukhulu kwesibili kule nyanga.”—Julayi 25, 2022, ngokwe-CNN Wire Service.

  •   “Imililo yamahlathi isha ubuhanguhangu kulo lonke elaseYurophu njengoba amazinga okushisa ephezulu kakhulu.”—Julayi 17, 2022, ngokwe-Guardian.

  •   “Amadolobha kulo lonke elase-United States abe namazinga okushisa ayingqopha-mlando ngeSonto njengoba kwaba nokushisa okunamandla kwasehlobo oGwini oluseMpumalanga nasezingxenyeni zaseNingizimu namaPhakathi neNtshonalanga.”—Julayi 24, 2022, ngokwe-New York Times.

 Kusho ukuthi konke lokhu? Ingabe sizogcina singasakwazi ukuphila emhlabeni? Lithini iBhayibheli?

Ingabe lokhu kushisa okukhulu kugcwalisa isiprofetho seBhayibheli?

 Yebo. Lokhu kushisa okukhulu kuhambisana nalokho iBhayibheli elathi kuzokwenzeka kulesi sikhathi esiphila kuso. Ngokwesibonelo, uJesu waprofetha ukuthi sizobona “imibono eyesabekayo,” noma “izinto eziyinqaba nezesabisayo.” (Luka 21:11; ngokwe-Good News Translation) Ukwenyuka kwamazinga okushisa kuye kwenza abaningi besaba ukuthi abantu bazomosha umhlaba.

Ingabe sizogcina singasakwazi ukuphila emhlabeni?

 Cha. UNkulunkulu wadala umhlaba ukuze ube ikhaya labantu phakade. (IHubo 115:16; UmShumayeli 1:4) Kunokuba avumele abantu bamoshe umhlaba, ‘uzobhubhisa labo abacekela phansi umhlaba,’ njengoba athembisa.—IsAmbulo 11:18.

 Cabanga ngalezi ziprofetho ezimbili nje ezibonisa ukuthi yini enye uNkulunkulu ayithembisile:

  •   “Ihlane nezwe elomile kuyothokoza, ithafa eliwugwadule liyojabula liqhakaze njengesafroni.” (Isaya 35:1) UNkulunkulu ngeke avumele umhlaba ube ugwadule okungaphileki kulo, kodwa uyobuyisela izindawo ezonakele esimweni sazo.

  •   “Unakekela umhlaba, uwenza uthele kakhulu, ube nenala.” (IHubo 65:9). Umhlaba uzoba ipharadesi ngenxa yokuthi uNkulunkulu uzobe ewubusisile.

 Ukuze ufunde okunye mayelana nendlela ukushintsha kwesimo sezulu okugcwalisa ngayo isiprofetho seBhayibheli, funda isihloko esithi “Ukushintsha Kwesimo Sezulu Nekusasa Lethu—Okushiwo IBhayibheli.”

 Ukuze ufunde okunye mayelana nesithembiso seBhayibheli sokubuyisela imvelo esimweni sayo, funda isihloko sesiNgisi esithi “Who Will Save the Earth?