Dlulela kokuphakathi

Zibonakala Ngani “Izinsuku Zokugcina,” Noma “Isikhathi Sokuphela”?

Zibonakala Ngani “Izinsuku Zokugcina,” Noma “Isikhathi Sokuphela”?

Impendulo yeBhayibheli

 IBhayibheli likhuluma ngezenzakalo, izimo, kanye nendlela yokucabanga okwakuyoba uphawu “lwesiphelo sesimiso [samanje] sezinto,” noma “sokuphela kwezwe.” (Mathewu 24:3; IBhayibheli Elingcwele) IBhayibheli libiza le nkathi ngokuthi “izinsuku zokugcina” nangokuthi “isikhathi sokuphela.”—2 Thimothewu 3:1; Daniyeli 8:19; IBhayibheli Elingcwele.

Yiziphi ezinye iziprofetho zeBhayibheli ezimayelana “nezinsuku zokugcina”?

 IBhayibheli labikezela izinto eziningi ezaziyokwenzeka ngesikhathi esifanayo, ezaziyoba “uphawu” lwezinsuku zokugcina. (Luka 21:7) Cabanga ngalezi zibonelo:

 Ukwanda kwezimpi. UJesu wathi: “Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso.” (Mathewu 24:7) Ngokufanayo, isAmbulo 6:4 sabikezela umgibeli wehhashi omelela impi ‘oyosusa ukuthula emhlabeni.’

 Indlala. UJesu wathi: “Kuyoba khona ukusweleka kokudla.” (Mathewu 24:7) Incwadi yesAmbulo yabikezela omunye umgibeli wehhashi, owayeyoletha indlala enkulu emhlabeni.—IsAmbulo 6:5, 6.

 Ukuzamazama okukhulu komhlaba. UJesu wathi kuyoba “nokuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo.” (Mathewu 24:7; Luka 21:11) Lokhu kuzamazama okukhulu komhlaba kwakuyobangela ukuhlupheka nokufa ngezinga elingakaze libe khona.

 Izifo. Ngokwamazwi kaJesu kwakuyoba nezifo eziwumshayabhuqe, noma “izifo ezimbi kakhulu” eziwubhubhane.—Luka 21:11, Contemporary English Version.

 Ubugebengu. Nakuba sekuphele amakhulu eminyaka ubugebengu bukhona, uJesu wabikezela ukuthi ezinsukwini zokugcina kuyoba ‘nokwanda kokwephulwa komthetho.’—Mathewu 24:12.

 Ukucekelwa phansi komhlaba. IsAmbulo 11:18 sabikezela ukuthi kwakuyoba nabantu “abacekela phansi umhlaba.” Babeyokwenza ngezindlela eziningi lokho, hhayi nje kuphela ngokwenza izinto ezimbi kodwa nangokulimaza imvelo.

 Ukwanda kwesimo sengqondo esingesihle. Kweyesi-2 Thimothewu 3:1-4 iBhayibheli labikezela ukuthi abantu bayoba “abangabongi, abangathembekile, . . . abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangakwazi ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele.” Lezi zinto zaziyokwanda kakhulu ngezinga lokuthi le nkathi ingabizwa kufanele ngokuthi “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.”

 Ukuwohloka kwemindeni. Kweyesi-2 Thimothewu 3:2, 3 iBhayibheli labikezela ukuthi abantu abaningi bayoba “abangenalo uthando” lomndeni nokuthi abantwana bayoba “abangalaleli abazali.”

 Ukuncipha kothando ngoNkulunkulu. UJesu wathi: “Uthando lwabaningi luyophola.” (Mathewu 24:12) UJesu wayeqonde ukuthi abantu abaningi babengeke besamthanda uNkulunkulu. Ngokufanayo, eyesi-2 Thimothewu 3:4 ithi ezinsukwini zokugcina, labo bantu bayoba “abathanda injabulo kunokuba bathande uNkulunkulu.”

 Ubuzenzisi emasontweni. Kweyesi-2 Thimothewu 3:5, iBhayibheli labikezela ukuthi kwakuyobonakala sengathi abantu bakhonza uNkulunkulu, kodwa empeleni bebe bengaphili ngemithetho yakhe.

 Ukuqondwa kahle kweziprofetho zeBhayibheli. Incwadi kaDaniyeli yabikezela ukuthi ‘esikhathini sokuphela’ abaningi bayothola ulwazi oluningi lweqiniso leBhayibheli, oluhlanganisa ukuziqonda ngokunembile lezi ziprofetho.—Daniyeli 12:4.

 Umsebenzi wokushumayela womhlaba wonke. UJesu wathi: “Lezi zindaba ezinhle zoMbuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke.”—Mathewu 24:14.

 Ukwanda kokunganaki nokuhleka usulu. UJesu wabikezela ukuthi abantu babengeke babunake ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi sisondela esiphelweni. (Mathewu 24:37-39) Ngaphezu kwalokho, eyesi-2 Petru 3:3, 4 yabikezela ukuthi abanye babeyobuhleka usulu lobo bufakazi, babushalazele ngokuphelele.

 Zonke iziprofetho zigcwalisekile. UJesu wathi izinsuku zokugcina zaziyobonakala ngokugcwaliseka kwazo zonke lezi ziprofetho ngesikhathi esifanayo, hhayi nje ngokugcwaliseka kwezimbalwa noma eziningi zazo.—Mathewu 24:33.

Ingabe siphila “ezinsukwini zokugcina”?

 Yebo. Izimo zezwe kanye nokulandelana kwezenzakalo zeBhayibheli kubonisa ukuthi izinsuku zokugcina zaqala ngo-1914, unyaka okwaqala ngawo iMpi Yezwe Yokuqala. Ukuze ubone ukuthi izimo zezwe zikufakazela kanjani ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina, bukela le vidiyo elandelayo:

 Ngo-1914, uMbuso kaNkulunkulu waqala ukubusa ezulwini, esinye sezinyathelo zokuqala owazithatha kwakuwukuxosha uSathane uDeveli kanye namademoni ezulwini nokugcina imisebenzi yabo isemhlabeni kuphela. (IsAmbulo 12:7-12) Ithonya likaSathane ebantwini liyabonakala endleleni iningi elicabanga ngayo nelenza ngayo, okuyizinto ezenza izinsuku zokugcina zibe “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.”—2 Thimothewu 3:1.

 Abantu abaningi balusizi ngenxa yalezi zikhathi ezibucayi. Bakhathazekile ngokuwohloka komphakathi. Abanye bakhathazeke ngisho nangekusasa lesintu.

 Kunabanye abantu nabo abakhathazwe izimo zezwe kodwa abanethemba ngekusasa. Bayaqiniseka ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu ngokushesha uzothatha isinyathelo sokuqeda zonke izinkinga ezisemhlabeni. (Daniyeli 2:44; IsAmbulo 21:3, 4) Bamlinde ngesineke uNkulunkulu ukuba agcwalise isithembiso sakhe, futhi bakhuthazwa amazwi kaJesu athi: “Lowo okhuthazele kwaze kwaba sekupheleni uyosindiswa.”—Mathewu 24:13; Mika 7:7.