Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Ongaphila Ngayo Ngokuncane

Indlela Ongaphila Ngayo Ngokuncane

 Ingabe izinkinga zomnotho zikuphoqa ukuba uphile ngokuncane? Ubhubhane, izinhlekelele zemvelo, izixakaxaka zezepolitiki, kanye nezimpi kungawehlisa ngokushesha umnotho. Nakuba ukuphelelwa yimali ungalindele kungase kukuqede amandla, kunamacebiso amahle asekelwe eBhayibhelini angakusiza uphile ngemali encane.

1. Yamukela isimo.

 Okushiwo iBhayibheli: ‘Ngifundile ukuthi kunjani ukuba nensada nokuswela.’—Filipi 4:12.

 Nakuba imali isincane, ungakwazi ukushintsha uvumelane nezimo ezintsha. Uma ushesha ukwamukela isimo bese uqala ukwenza ushintsho, lokho kuzonisiza emndenini wakho nikwazi ukubhekana nesimo.

 Zama ukuthola ukuthi lukhona yini usizo ongaluthola kuhulumeni nakwezinye izinhlangano. Ungapholisi maseko, ngoba abadinga lolo sizo bavame ukukalelwa isikhathi esithile sokufaka isicelo.

2. Bambisanani emndenini.

 Okushiwo iBhayibheli: “Amacebo awaphumeleli lapho kungekho khona ukubonisana, kodwa kuba khona okufezwayo uma abeluleki bebaningi.”—IzAga 15:22.

 Yazisa oshade naye nezingane ukuthi kwenzekani. Lokho kungenza wonke umuntu osemndenini abone ushintsho okuzofanele alwenze futhi alweseke. Uma nonke nibambisana ukuze kongiwe imali ningayisaphazi, nizokwazi ukuyisebenzisa kahle imali eninayo.

3. Hlela imali ozoyisebenzisa.

 Okushiwo iBhayibheli: ‘Hlala phansi ubale izindleko.’—Luka 14:28.

 Uma izimo zikuphoqa ukuba uphile ngokuncane, kubaluleke kakhulu ukuthi wazi ukuthi isente nesente olikhiphayo liyaphi. Hlela izindleko ngokuqale ubhale imali oyilindele inyanga ngayinye, ngokuvumelana nezimo zakho ezintsha. Yibe usubhala izindleko zanyanga zonke ozikhokhayo manje, ubhale nokuthi uvamise ukuzisebenzisa kuphi, kubhale phansi lokho ngisho noma wazi ukuthi kuzofanele kushintshe. Ezindlekweni zanyanga zonke, zama ukunquma ukuthi malini ozoyongela izimo ezingalindelekile noma izimo eziphuthumayo.

 Icebiso: Uma uhlela izindleko zakho, ungazikhohlwa izinto ozithenga ngemali encane. Kungase kukumangaze ukuthi zenza malini ngokuhamba kwesikhathi uma sezihlangene. Ngokwesibonelo, omunye ngesikhathi ebheka indlela asebenzisa ngayo imali, waphawula ukuthi ngonyaka uchitha izinkulungwane zamarandi ethenga nje ishephisi!

4. Hlela izindleko ezibalulekile bese wenza ushintsho.

 Okushiwo iBhayibheli: “Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”—Filipi 1:10.

 Qhathanisa imali oyitholayo nezindleko zakho, uzame ukubona ukuthi yini ongayiyeka noma uyinciphise ukuze ungabi nezindleko ezingaphezu kwemali osuyithola manje. Hlola lezi zinto ezilandelayo:

  •   Imoto. Uma unezimoto, ikhona yini ongayidayisa? Uma unemoto ephambili, ungakwazi yini ukushintshela emotweni ezokwenza wonge imali? Kungalunga yini uma uvele ungabi nayo nhlobo imoto, usebenzise izinto zokuhamba ezisetshenziswa umphakathi noma usebenzise ibhayisikili?

  •   Ezokuzijabulisa. Ungakwazi yini okungenani ukuma kancane ekukhokheleni izinhlelo ze-TV, ze-satellite, noma zezinto ezibukwa nge-inthanethi? Ungakwazi yini ukuthola ezinye ezingabizi kakhulu? Ngokwesibonelo, mhlawumbe emtatshweni wezincwadi ngakini ungakwazi ukuboleka mahhala amamuvi, izincwadi, nokunye kokuzijabulisa.

  •   Amanzi nogesi nophethiloli. Xoxani emndenini ngokuthi ningazinciphisa kanjani izindleko zamanzi, ugesi, kanye nezikaphethiloli noma udizili. Ukucima ugesi nokungagezi undendende eshaweni kungase kubonakale kungasho lutho, kodwa leyo mikhuba ingakusiza wonge imali.

  •   Ukudla. Gwema ukudla ezitolo. Ziphekele ukudla kwakho ekhaya. Hlela ukuthi uzophekani, thenga ukudla okuphuma kukuningi, upheke futhi okuthe xaxa uma kungenzeka, uphinde ukusebenzise okusalile. Yenza uhlu ngaphambi kokuyothenga ukuze ugweme ukuhambe uthatheka ezitolo. Thenga izithelo nemifino okusanda kuvunwa ngenkathi yakho, ngokuvamile kusuke kungabizi kakhulu. Gwema ukuthenga ukudla okungenampilo. Mhlawumbe ungazenzela eyakho ingadi.

  •   Izimpahla. Izimpahla zithenge kuphela uma sezigugile lezi ebezikhona, ungazithengeli ukuhambisana nemfashini. Izimpahla zibheke uma sezisendalini lapho kuphela ubusika noma ihlobo, noma uthenge ezisesimweni esihle kodwa ezingabizi noma ezike zasetshenziswa. Zeneke ocingweni izimpahla uma izimo zezulu nezimo zakho zivuma; lokho kungonga izindleko zokusebenzisa umshini wokomisa izimpahla.

  •   Izinto ofuna ukuzithenga. Ngaphambi kokuthenga okuthile, zibuze: ‘Nginayo yini imali yakho? Ngikudinga ngempela?’ Ngingakwazi yini ukuhlehlisa ukuthenga izinto zikagesi ezithe thuthu, nemishini yezobuchwepheshe, noma imoto? Ngakolunye uhlangothi, ungakwazi yini ukudayisa izinto ongasazisebenzisi noma ongasazidingi? Lokho kungenza izinto zibe lula kwenezele nasemalini yakho.

 Icebiso: Lapho imali oyitholayo incipha ngokuphazima kweso, lokho kungase kukwenze uyeke neminye imikhuba eyingozi nedinga imali, njengokubhema, ukugembula, noma ukudakwa utshwala. Ukwenza lezo zinguquko ngeke nje kugcine ngokukusiza kwezezimali, kodwa futhi kuyokwenza nempilo yakho ibe ngcono.

5. Funda iBhayibheli.

 Okushiwo iBhayibheli: “Bayajabula abaqaphelayo ukuthi bayamdinga uNkulunkulu.”—Mathewu 5:3.

 Nasi iseluleko seBhayibheli esisebenzisekayo: “Ukuhlakanipha kuyisivikelo njengoba nje nemali iyisivikelo, kodwa inzuzo yolwazi yile: Ukuhlakanipha kuyakulonda ukuphila komniniko.” (UmShumayeli 7:12) Lokho kuhlakanipha kutholakala eBhayibhelini, abaningi bathole ukuthi ukusebenzisa iseluleko salo kubasizile bagwema ukukhathazeka kakhulu ngezinkinga zezimali.—Mathewu 6:31, 32.