Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Ongabhekana Ngayo Nenkinga Yempilo Engalindelekile

Indlela Ongabhekana Ngayo Nenkinga Yempilo Engalindelekile

 Ingabe uvele wagula kungalindelekile? Uma kunjalo uyazi ukuthi inkinga yempilo ingakwenza ucindezeleke kanjani—engqondweni, ngokomzwelo nangokwezimali. Yini engakusiza ubhekane nale nkinga? Ungalisiza kanjani ilungu lomndeni noma umngane obhekene nenkinga yempilo? Nakuba iBhayibheli lingeyona incwadi yezokwelapha, linamacebiso awusizo angakusiza ukwazi ukubhekana kangcono nezinkinga onazo.

Amacebiso angakusiza ubhekane nenkinga yempilo

  •   Thola usizo lwezokwelapha

     IBhayibheli lithi: “Abantu abayimiqemane abamdingi udokotela, kodwa ngabagulayo abamdingayo.”—Mathewu 9:12.

     Indlela lo mbhalo osebenza ngayo: Thola usizo lwabezokwelapha uma kudingeka.

     Zama lokhu: Funa indlela yokwelashwa engcono kakhulu ongakwazi ukuyithola. Ngezinye izikhathi, kungase kube ukuhlakanipha ukufuna umbono womunye udokotela. (IzAga 14:15) Zichazele kahle izisebenzi zezokwelapha—qiniseka ukuthi uziqonda kahle nokuthi zikuqonda kahle okukuphethe. (IzAga 15:22) Funda ngesifo esikuphethe, nazo zonke izindlela ongelashwa ngazo. Lapho ukuqonda okuzokwenzeka, uzokwazi kangcono ukusingatha isimo obhekene naso ngokomzwelo, ukwazi nokwenza izinqumo ezinhle zokwelashwa.

  •   Yiba nemikhuba ethuthukisa impilo

     Okushiwo iBhayibheli: “Ukuvivinya umzimba kuwusizo emzimbeni.”—1 Thimothewu 4:8, i-Contemporary English Version.

     Indlela lo mbhalo osebenza ngayo: Uyazuza ngokuba nemikhuba emihle njengokuvivinya umzimba njalo.

     Zama lokhu: Yiba nohlelo lokuvivinya umzimba futhi unamathele kulo, udle ukudla okunempilo futhi ulale ngokwanele. Njengoba uzama ukuzivumelanisa nesimo sakho esisha sempilo engeyinhle, ochwepheshe bayavuma ukuthi kuyasiza ukuchitha isikhathi namandla wenza izinto ezizothuthukisa impilo. Kodwa qiniseka ukuthi noma ikuphi okhetha ukukwenza nokukusebenzisa akungqubuzani nemithi kadokotela.

  •   Cela usizo kwabanye

     Okushiwo iBhayibheli: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi futhi uba umfowenu ngesikhathi sosizi.”—IzAga 17:17.

     Indlela lo mbhalo osebenza ngayo: Abangane bakho bangakusiza ubhekane nezikhathi ezinzima.

     Zama lokhu: Xoxa nomngani omethembayo ongakwazi ukumthululela isifuba. Lokho kungakusiza ungacindezeleki kakhulu futhi ujabule. Abangane nomndeni bangase bathande ukukusiza ngezinye izindlela, kodwa bangase bangazi ukuthi bangakusiza kanjani. Ngakho, bachazele ukuthi bangakusiza kanjani. Ungalindeli okukhulu kakhulu, futhi bonga njalo ngalokho abakusiza ngakho. Ngesikhathi esifanayo, kungase kudingeke ubeke imithetho, enjengokuthi bangakuvakashela nini nokuthi bangahlala isikhathi esingakanani, ukuze ungaze ucindezeleke kuyilapho bona bethi bazokusiza.

  •   Yiba nombono omuhle

     Okushiwo iBhayibheli: “Inhliziyo ejabulayo ingumuthi owelaphayo, kodwa umoya omunyu uqeda amandla.”—IzAga 17:22.

     Indlela lo mbhalo osebenza ngayo: Ukuba nombono omuhle kungakusiza uhlale uzolile futhi ukwazi ukubhekana nesimo sempilo esicindezelayo.

     Zama lokhu: Njengoba uzivumelanisa nesimo sakho esisha, gxila kulokho okwazi ukukwenza, hhayi kulokho okungaphezu kwamandla akho. Gwema ukuziqhathanisa nabanye noma nendlela owawuyiyo ngaphambi kokugula. (Galathiya 6:4) Zibekele imigomo efinyelelekayo—lokhu kuyokusiza ube nombono omuhle ngekusasa. (IzAga 24:10) Yenzela abanye izinto ngokuvumelana nezimo zakho. Injabulo etholakala ngokupha ingakusiza ungagxili ezinkingeni onazo.—IzEnzo 20:35.

UNkulunkulu angakwazi yini ukukusiza ubhekane nenkinga yempilo?

 IBhayibheli libonisa ukuthi uJehova uNkulunkulu a angakwazi ukusisiza sibhekane nezinkinga zempilo. Nakuba singalindele ukwelashwa ngokuyisimangaliso, uNkulunkulu angabasiza ngalezi zindlela ezilandelayo labo abamkhonzayo:

 Ukuthula. UJehova angasinika “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukuqonda.” (Filipi 4:6, 7) Lokhu kuthula, noma ukuzola, kungamsiza umuntu agweme ukukhathazeka ngokweqile. UNkulunkulu uyabanikeza lokho kuthula labo abathandaza kuye, basho lokho okubakhathazayo.—1 Petru 5:7.

 Ukuhlakanipha. UJehova angasinika ukuhlakanipha ukuze senze izinqumo ezihlakaniphile. (Jakobe 1:5) Umuntu uthola lokhu kuhlakanipha lapho efunda futhi asebenzise izeluleko zeBhayibheli ezingaphelelwa isikhathi.

 Ithemba elikhuthazayo lekusasa. UJehova uthembisa ikusasa lapho ‘engekho ohlala khona oyothi: “Ngiyagula.”’ (Isaya 33:24) Leli themba lisiza abaningi bahlale benombono omuhle naphezu kwezinkinga zempilo ezimbi kakhulu abanazo.—Jeremiya 29:11, 12.

a Elithi Jehova yigama likaNkulunkulu elembulwe eBhayibhelini.—IHubo 83:18.