Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Mathewu 6:33—“Funani Kuqala Umbuso KaNkulunkulu”

Mathewu 6:33—“Funani Kuqala Umbuso KaNkulunkulu”

 “Ngakho, qhubekani nifuna kuqala uMbuso nokulunga kwakhe, khona-ke zonke lezi ezinye izinto ziyokwenezelwa kini.”—Mathewu 6:33, IBhayibheli ImiBhalo Engcwele.

 “Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwaKhe‚ futhi zonke lezi ezinye izinto ziyokwenezelwa kini.”—Mathewu 6:33, New King James Version.

Incazelo KaMathewu 6:33

 UMbuso kaNkulunkulu unguhulumeni wasezulwini oyofeza injongo kaNkulunkulu emhlabeni. (Mathewu 6:9, 10) Umuntu ufuna uMbuso kuqala ngokuwenza into ebaluleke kunazo zonke ekuphileni kwakhe. a Lokhu akusho nje ukugcina ngokufunda ngoMbuso kaNkulunkulu kodwa kusho nokutshela nabanye ngezinto ezinhle oyozenza. (Mathewu 24:14) Umuntu ofuna uMbuso uyowuthandazela nokuba ufike.—Luka 11:2.

 Ukulunga kukaNkulunkulu kuhlanganisa imiyalo yakhe emayelana nokuziphatha okuhle nokubi. (IHubo 119:172) Ngakho, umuntu ufuna ukulunga kukaNkulunkulu ngokuphila ngemithetho kaNkulunkulu yokuziphatha,ehlale izuzisa njalo.—Isaya 48:17.

 Amagama athi zonke lezi zinto ziyokwenezelwa kini ayisithembiso sokuthi uNkulunkulu uyobanakekela labo ababeka uMbuso wakhe nemiyalo yakhe kuqala ekuphileni kwabo.—Mathewu 6:31, 32.

Umongo KaMathewu 6:33

 UJesu washo la mazwi eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, ebhalwe kuMathewu isahluko 5 kuya ku-7. Ngokungangabazeki abaningi kulabo ababelalele uJesu babempofu. Kungenzeka babecabanga ukuthi kwakufanele bagxile kakhulu ekusebenzeni, okwakubashiya benesikhathi esincane sokufuna uMbuso. Kodwa uJesu wabakhuthaza ukuba baqaphele indlela uNkulunkulu ayenakekela ngayo izitshalo nezilwane. UNkulunkulu uthembisa ukubenzela okufanayo abantu abafuna kuqala uMbuso wakhe.—Mathewu 6:25-30.

Imibono Eyiphutha Mayelana NoMathewu 6:33

 Umbono oyiphutha: Umuntu ofuna uMbuso uzoceba.

 Iqiniso: UJesu wathi labo abafuna uMbuso kaNkulunkulu kuqala babeyoba nezinto abazidingayo njengokudla nokokugqoka. (Mathewu 6:25, 31, 32) Nokho, akazange abathembise ukuphila okuwubukhazikhazi futhi akazange athi isibusiso sikaNkulunkulu sasiyobonakala ngezinto abanazo. Empeleni uJesu waxwayisa izilaleli zakhe ngokuphishekela ukuceba okungenza kube nzima ngomuntu ukufuna uMbuso kuqala. (Mathewu 6:19, 20, 24) Umphostoli uPawulu wayezikhandla ngenxa yoMbuso kaNkulunkulu, nokho ngezinye izikhathi wayeke aswele. NjengoJesu, waxwayisa abanye ngezingozi zokuphishekela ukuceba.—Filipi 4:11, 12; 1 Thimothewu 6:6-10.

 Umbono oyiphutha: AmaKristu akudingeki asebenze ukuze aphile.

 Iqiniso: IBhayibheli lithi amaKristu kudingeka asebenze ukuze azondle wona nemindeni yawo. (1 Thesalonika 4:11, 12; 2 Thesalonika 3:10; 1 Thimothewu 5:8) UJesu akazange athi abalandeli bakhe kufanele bafune kuphela uMbuso kaNkulunkulu, kunalokho wathi kufanele bafune uMbuso kuqala.

 Labo abafuna uMbuso kaNkulunkulu kuqala futhi abazimisele ukusebenza ukuze banakekele izidingo zabo bangaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uzobasiza bathole abakudingayo.—1 Thimothewu 6:17-19.

a Inkulumo ethi “qhubekani nifuna” ihumusha igama lesiGreki elisho isenzo esiqhubekayo, futhi le nkulumo ingahunyushwa nangokuthi “funani ningayeki.” Ngakho uMbuso kufanele ube yinto ebalulekile hhayi into esigxila kuyo okwesikhashana.