Dlulela kokuphakathi

Iyini Intando KaNkulunkulu Ngami?

Iyini Intando KaNkulunkulu Ngami?

Impendulo yeBhayibheli

Intando kaNkulunkulu iwukuba umazi njengoMuntu, usondele kuye bese umthanda futhi umkhonze ngenhliziyo yakho yonke. (Mathewu 22:37, 38; Jakobe 4:8) Ungafunda ukwenza intando kaNkulunkulu ekuphileni nasezimfundisweni zikaJesu. (Johane 7:16, 17) UJesu akazange nje akhulume ngentando kaNkulunkulu—waphila ngokuvumelana nayo. Empeleni, uJesu wathi injongo yakhe ekuphileni ‘ukungenzi intando yakhe kodwa eyalowo owamthuma.’—Johane 6:38.

Ingabe kudingeka ngithole isibonakaliso esikhethekile, umbono, noma ubizo ukuze ngazi ukuthi iyini intando kaNkulunkulu ngami?

Cha, ngoba iBhayibheli linomyalezo kaNkulunkulu oya kubantu. Linalokho okudingayo ukuze ‘ufaneleke ngokugcwele, uyihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.’ (2 Thimothewu 3:16, 17) UNkulunkulu ufuna ukuba usebenzise iBhayibheli ‘ngamandla akho okucabanga’ ukuze ufunde intando yakhe ngawe.—Roma 12:1, 2; Efesu 5:17.

Ngingayenza ngempela yini intando kaNkulunkulu?

Yebo, ungayenza, ngoba iBhayibheli lithi: “Imiyalo kaNkulunkulu ayinzima kakhulu kithi.” (1 Johane 5:3, Easy-to-Read Version) Lokho akusho ukuthi imithetho kaNkulunkulu ihlale ilula ngaso sonke isikhathi. Kodwa izinzuzo oyozithola zinkulu kakhulu uma ziqhathaniswa nemizamo yakho. UJesu ngokwakhe wathi: “Yeka indlela abajabula ngayo lapho abezwa izwi likaNkulunkulu bese belilalela!”—Luka 11:28, Good News Translation.