Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 3

Indlela Yokuxazulula Izinkinga

Indlela Yokuxazulula Izinkinga

“Yibani nothando olukhulu ngomunye nomunye, ngoba uthando lumboza izono eziningi.”—1 Petru 4:8

Njengoba wena noshade naye niqala ukuphila ndawonye, kuzophakama izinkinga ezihlukahlukene. Zingabangelwa ukungefani kwendlela ngamunye wenu acabanga ngayo, azizwa ngayo nabheka ngayo ukuphila. Izinkinga zingaqhamuka nakweminye imithombo noma ezenzakalweni ezingalindelekile.

Kungaba lula ukuvumela isilingo sokuba ubalekele izinkinga, kodwa iBhayibheli liseluleka ukuba sibhekane nazo. (Mathewu 5:23, 24) Niyothola izixazululo ezinhle kakhulu zezinkinga zenu ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli.

1 XOXANI NGENKINGA

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI: “Kukhona . . . nesikhathi sokukhuluma.” (UmShumayeli 3:1, 7) Qikelelani ukuthi niba nesikhathi sokuxoxa ngenkinga. Mazise ngobuqotho oshade naye ukuthi uzizwa kanjani nokuthi ucabangani ngodaba oluxoxwayo. Ngaso sonke isikhathi ‘khuluma iqiniso’ noshade naye. (Efesu 4:25) Ngisho nalapho sekuphakama imimoya, yilwa nomuzwa wokufuna ukulwa. Impendulo emnene ingavimbela ingxoxo ukuba ibe ingxabano.—IzAga 15:4; 26:20.

Ngisho noma ningavumelani, qhubeka unomusa njalo, ungayeki ukubonisa uthando nenhlonipho koshade naye. (Kolose 4:6) Zamani ukuxazulula inkinga ngokushesha ngangokunokwenzeka, futhi ningayeki ukukhulumisana.—Efesu 4:26.

ONGAKWENZA:

  • Khetha isikhathi esikahle sokuxoxa ngenkinga

  • Uma kuyithuba lakho lokuba ulalele, lwela ukuba ungamngeni omunye emlonyeni. Nawe uzolithola elakho ithuba lokukhuluma

2 LALELA FUTHI UBE OQONDAYO

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI: “Thandanani omunye nomunye. Ekubonisaneni udumo nihole.” (Roma 12:10) Indlela olalela ngayo ibaluleke kakhulu. ‘Ngozwela nangokuthobeka,’ zama ukuqonda indlela umyeni wakho noma umkakho abona ngayo izinto. (1 Petru 3:8; Jakobe 1:19) Musa ukwenza sengathi ulalele. Uma kungenzeka, beka eceleni okwenzayo bese unaka umuntu oshade naye, noma umcele ukuba nixoxe ngakho ngesinye isikhathi. Uma umbheka njengobambisene naye kunokuba umbheke njengembangi, ngeke ‘usheshe ukucasuka.’—UmShumayeli 7:9.

ONGAKWENZA:

  • Lalela ngomqondo ovulekile, ngisho noma okuzwayo kungakwanelisi

  • Yizwa nalokho okungashiwongo ngomlomo. Phawula isimo somzimba lapho ekhuluma nendlela akhuluma ngayo

3 LANDELELANI

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI: “Ngazo zonke izinhlobo zokukhandleka kukhona inzuzo, kodwa izwi nje lezindebe lithambekisela ekusweleni.” (IzAga 14:23) Ukuvumelana ngesixazululo esihle akwanele. Kudingeka nilandelele kulokho esenikunqumile. Kungase kungabi lula lokhu futhi kudingeke ukuba uzame kanzima, kodwa kuwufanele umzamo. (IzAga 10:4) Uma nisebenza ngokubambisana, niyoba “nomvuzo omuhle” ngomsebenzi wenu onzima.—UmShumayeli 4:9.

ENINGAKWENZA:

  • Nqumani ukuthi yiziphi izinyathelo ezingokoqobo ngamunye azozithatha ukuze nixazulule inkinga yenu

  • Hlolani intuthuko yenu ngezikhathi ezithile