Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBhayibheli—Incwadi Yesiprofetho Esinembile—Ingxenye 8

“UMbuso Wakho Mawuze”

IBhayibheli—Incwadi Yesiprofetho Esinembile—Ingxenye 8

Lesi isihloko sokugcina ochungechungeni lwezihloko ze-Phaphama! ezingu-8, ezikhuluma ngesici esibalulekile seBhayibheli—iziprofetho zalo, noma izibikezelo. Lezi zihloko zihloselwe ukuphendula le mibuzo: Ingabe iziprofetho zeBhayibheli zimane nje ziwumphumela wokuhlakanipha kwabantu? Ingabe ziphefumulelwe uNkulunkulu ngempela? Sikumema ukuba uhlole ubufakazi.

SEKUYIMINYAKA eyizinkulungwane ezimbili labo abazibiza ngamaKristu bethandazela ukuza koMbuso kaNkulunkulu. Lo mkhuba usekelwe emazwini kaJesu ngokwakhe. Wafundisa abafundi bakhe ukuba bathandaze: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:10.

Uyini lo Mbuso othandazelwa abantu abaningi kangaka? Uwuhulumeni kaNkulunkulu wasezulwini futhi uzothatha indawo yabo bonke abanye ohulumeni. NjengeNkosi emisiwe yalo Mbuso, uJesu Kristu wenza intando kaNkulunkulu ezulwini nasemhlabeni. (Daniyeli 2:44; 7:13, 14) Ngesikhathi esifanele, uNkulunkulu uzowuphendula lo mthandazo oyisibonelo ngokuqeda ububi nokuhlupheka nangokusindisa “isixuku esikhulu” esingenakubalwa sabakhulekeli bakhe abaqotho. (IsAmbulo 7:9, 10, 13-17) Khona-ke, “abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:29.

Ikhona yini indlela yokwazi ukuthi singalindela izimo ezinjani ngaphansi kokubusa kukaKristu? Yebo ikhona! Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wabonisa ukuthi unaso isifiso namandla okuxazulula izinkinga zesintu. Ake sihlole iziprofetho zeBhayibheli ezine futhi sibone indlela uJesu asinikeza ngayo amazwibela alokho azokwenza emhlabeni wonke njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini.

 Isiprofetho 1:

‘UJehova uqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba. Umnsalo uyawuphula anqamule umkhonto ube yizicucu; izinqola uzishisa ngomlilo.’IHubo 46:8, 9.

Ukugcwaliseka: UJesu Kristu, “iSikhulu Sokuthula,” uyoletha ukuthula okuhlala njalo emhlabeni wethu. Ngohlelo lwemfundo olunokuthula nokuqedwa kwezikhali emhlabeni wonke, uMbuso kaNkulunkulu uyokwenza sonke isintu sibumbane njengabantwana bandawonye ngempela bomhlaba wonke.—Isaya 2:2-4; 9:6, 7; 11:9.

Okwembulwa umlando:

UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bangalwi kodwa babe nokuthula phakathi kwabo. Lapho omunye wabafundi bakhe ezama ukumvikela ngesikhali, uJesu wathi kuye: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngoba bonke abaphatha inkemba bayobhubha ngenkemba.” (Mathewu 26:51, 52) UJesu wathi amaKristu eqiniso ayeyobonakala ngothando abonisana lona.—Johane 13:34, 35.

Isiprofetho 2:

“Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni; kuyoba khona ukuchichima esiqongweni sezintaba.”IHubo 72:16.

Ukugcwaliseka: UMbuso kaNkulunkulu uyoqeda ukuntuleka kokudla okunomsoco, ukusweleka kokudla nendlala. Wonke umuntu uyoba nensada yokudla okunempilo.

Okwembulwa umlando:

Ukuzwelana kukaJesu okuqotho nabantu abalambile kwakusobala futhi amandla akhe ayisimangaliso okondla izixuku ezinkulu ayemangalisa. Omunye ufakazi wokuzibonela wabika: “[UJesu] wayala izixuku ukuba zihlale otshanini, wathatha lezo zinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, ebheka phezulu ezulwini, washo isibusiso, futhi ngemva kokuhlephula izinkwa, wazabela abafundi, abafundi bona bazabela izixuku. Ngakho bonke badla basutha, babutha izingcezwana eziyizinsalela, obhasikidi abayishumi nambili abagcwele. Nokho labo ababedla kwakungamadoda acishe abe yizinkulungwane ezinhlanu, ngaphandle kwabesifazane nabantwana.”—Mathewu 14:14, 19-21.

Isiprofetho 3:

“Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’” (Isaya 33:24) “Amehlo ezimpumputhe ayovulwa, nazo kanye izindlebe zabayizithulu ziyovulwa. Ngaleso sikhathi olunyonga uyoqombola njengendluzele, nolimi loyisimungulu luyokhamuluka ngokuthokoza.”Isaya 35:5, 6.

Ukugcwaliseka: UMbuso kaNkulunkulu uyosusa yonke inhlobo yesifo nobuthakathaka. Izimpumputhe ziyobona, kanti izithulu ziyokuzwa futhi zikhulume. Akukho muntu oyophinde  abe nesidingo semithi yokwelashwa, izibhedlela noma odokotela.

Okwembulwa umlando:

Lapho uJesu efundisa abantu ngoMbuso kaNkulunkulu, wayekujabulela ukwelapha zonke izifo zabo nokukhubazeka. Ngakho, ngezinga elincane, uJesu wabonisa lokho azokwenza emhlabeni kabanzi njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini.—Luka 7:22; 9:11.

Isiprofetho 4:

UNkulunkulu “uyokugwinya ukufa kuze kube phakade.”Isaya 25:8.

Ukugcwaliseka: Ngesikhathi sokubusa kukaJesu njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, “abasemathuneni” bayovuselwa ekuphileni epharadesi emhlabeni. (Johane 5:28, 29) UJesu uyokunqoba ukufa, isitha sethu esinonya olwesabekayo, ngaleyo ndlela sikwazi ukujabulela ukuphila okungenasiphelo.—IHubo 37:29.

Okwembulwa umlando:

Okungenani izikhathi ezintathu, uJesu wabonisa amandla akhe ngokuvusa abantu ababefile. (Luka 7:11-15; 8:41-55; Johane 11:38-44) Ngemva kokuba uJesu uqobo efile, ofakazi bokuzibonela abangaba ngu-500 babengakufakazela ukuthi wayevusiwe kwabafileyo.—1 Korinte 15:3-8.

Lolu chungechunge olunezingxenye ezingu-8 luhlaziye iziprofetho eziningana zeBhayibheli eziye zagcwaliseka. Zonke lezo ziprofetho, kanye nezinye eziningi zibonisa ukuthi iBhayibheli aliwona nje umkhiqizo wabantu abakhaliphile. Kunalokho, linikeza ubufakazi bokuthi liphefumulelwe uNkulunkulu. Akungabazeki ukuthi “yonke into esemiBhalweni iyiZwi likaNkulunkulu.”—2 Thimothewu 3:16, Contemporary English Version.

Ngenxa yokuthi iBhayibheli liyincwadi yesiprofetho esingashayi phansi, unesizathu esinamandla sokukholelwa ukuthi “sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho; ngokuqinisekile uyoyibheka indawo yakhe, futhi uyobe engekho. Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHubo 37:10, 11.