Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Uyini uMbuso kaNkulunkulu?

Uyini uMbuso kaNkulunkulu?

Uyini uMbuso kaNkulunkulu?

ABANYE ABANTU BAKHOLELWA ukuthi ufanekisela ukubusa kukaNkulunkulu enhliziyweni yomuntu; kanti abanye bacabanga ukuthi uyimiphumela yemizamo yabantu yokuletha ukuthula nobunye emhlabeni. Wena ucabangani?

LOKHO OKUSHIWO IBHAYIBHELI

“UNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. . . . Uyochoboza uqede yonke le mibuso [yabantu].” (Daniyeli 2:44) UMbuso kaNkulunkulu unguhulumeni ongokoqobo.

OKUNYE ESIKUFUNDA EBHAYIBHELINI

Uyofika nini uMbuso kaNkulunkulu?

UBUNGATHINI?

  • Akekho owaziyo

  • Maduze

  • Awusoze

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

“Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14) Lapho izindaba ezinhle sezishunyayelwe ngokuphelele, uMbuso uyofika uqede leli zwe elibi.

OKUNYE ESIKUFUNDA EBHAYIBHELINI

  • Akukho noyedwa emhlabeni owazi ngokunembile ukuthi uzofika nini uMbuso kaNkulunkulu.—Mathewu 24:36.

  • Iziprofetho zeBhayibheli zibonisa ukuthi uMbuso uzofika maduze.—Mathewu 24:3, 7, 12.