Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDABA YOKUPHILA

Ukwamukela Iqiniso LeBhayibheli Ngaphandle Kwezandla Nezingalo

Ukwamukela Iqiniso LeBhayibheli Ngaphandle Kwezandla Nezingalo

Lapho abantu bezizwa bengalondekile, bathanda ukubambelela entweni ethile. Mina angikwazi ukukwenza lokho, ngoba anginazandla futhi anginazingalo. Lapho ngineminyaka engu-7, kwadingeka nginqanyulwe izingalo ukuze ngiqhubeke ngiphila.

Umama wayeneminyaka engu-17 lapho ngizalwa ngo-1960. Ubaba wasishiya ngingakazalwa. Mina nomama sahlala nogogo nomkhulu eBurg, idolobhana elisendaweni eyayiyiGerman Democratic Republic, noma iMpumalanga Jalimane. Abantu abaningi babengakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu, nomndeni wakithi wawunjalo. UNkulunkulu wayengasho lutho kithi.

Njengoba ngangikhula, umkhulu wayengikhonzile. Wayengenzisa izinto eziningi, njengokungigibelisa ezihlahleni ngiyosaha amagatsha. Ngangizithanda izinto ezinjalo ngiseyingane. Ngangiphila ukuphila okungenazinkinga futhi ngijabule.

INGOZI ISHINTSHA UKUPHILA KWAMI

Ngolunye usuku ngiseneminyaka engu-7, kwenzeka into embi kabi. Ngangisanda kuqala unyaka wami wesibili esikoleni. Lapho ngigoduka, ngagibela esigxotsheni sikagesi. Lapho sengiphezulu ngamamitha angu-8, ugesi onamandla wangishaya ngaquleka. Lapho ngiphaphama esibhedlela, ngangingasazizwa izingalo zami. Zazishe kakhulu, futhi ngangilimele kabi kangangokuthi zombili izingalo kwadingeka zinqanyulwe ukuze ngingangenwa ushevu egazini. Njengoba ungase ucabange, umama nogogo nomkhulu babesangene. Nokho, njengoba ngangiseyingane ngangingaqondi ngokugcwele ukuthi ukungabi nazingalo kwakuzokuthinta kanjani ukuphila kwami ngokuhamba kwesikhathi.

Ngemva kokuhlala esibhedlela, ngabuyela esikoleni. Izingane zazihlekisa ngami, zingiphusha futhi zingijikijela ngezinto ngenxa yokuthi ngangingakwazi ukuzivikela. Izinto ezinonya ezazizisho nokungichukuluza kwazo kwakungiphatha kabi kakhulu. Ekugcineni, ngayiswa eSikoleni Sabakhubazekile SaseBirkenwerder, okwakuyisikole okuhlala kuso izingane ezikhubazeke emzimbeni. Njengoba isikole sasikude kakhulu nasekhaya, umama nogogo nomkhulu babengenayo imali yokungivakashela. Ngangibabona kuphela ngamaholide. Eminyakeni eyishumi eyalandela, ngakhula ngaphandle kukamama nogogo nomkhulu.

UKUKHULA NGINGENAZANDLA NAZINGALO

Ngafunda kabusha ukwenza izinto eziningi ngisebenzisa izinyawo zami. Ungacabanga nje ukuthi kunjani ukudla ngemfoloko noma ngesipuni usibambe ngezinzwani? Ngandlela-thile, ngakwazi ukukwenza lokho. Ngafunda nokuxubha nokukama ngezinyawo. Ngakwazi nokulinganisa ngezinyawo uma ngikhuluma nabantu. Yebo, izinyawo zami zaba izandla.

Njengoba ngikhula, ngakuthanda ukufunda izindaba eziqanjiwe zesayensi. Ngezinye izikhathi, ngangizicabanga senginezingalo zobuchwepheshe bamuva ezazingangivumela ngenze yonke into. Lapho sengineminyaka engu-14, ngaqala ukubhema. Kwakungenza ngizizwe ngizethemba futhi ngifana nawo wonke umuntu. Kwakunjengokungathi ngithi: ‘Yebo, nami ngingakwenza lokho. Uma ubhema, usuke ungumuntu omdala—kungakhathaliseki ukuthi unezingalo noma awunazo.’

Ngazigcina ngimatasa, ngenza nemisebenzi ethile yomphakathi. Ngaba ilungu leFree German Youth, okuyinhlangano yentsha engamadlelandawonye exhaswa uhulumeni futhi ngangingunobhala, okuyisikhundla esihloniphekile emalungwini ayo. Ngajoyina iqembu lokucula, ngalandisa izinkondlo, ngangenela nezemidlalo zabakhubazekile. Ngemva kokuqeqeshwa yinkampani, ngaqala ukusebenza kwenye inkampani eyayisedolobheni lakithi. Njengoba ngikhula, ngazigqoka nakakhulu izingalo zami zokufakelwa ngoba ngangifuna ukuba indoda ephelele.

UKWAMUKELA IQINISO LEBHAYIBHELI

Ngelinye ilanga lapho ngilinde isitimela ngiya emsebenzini, kweza indoda ethile kimi. Yangibuza ukuthi uma ngicabanga, uNkulunkulu angaphinde anginike yini izingalo zami zombili. Ngadideka. Yiqiniso, ngangifuna ukuphinda ngibe nezingalo, kodwa kimi lokho kwakuzwakala kuyimbudane nje, into engenakwenzeka! Njengomuntu ongakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu, ngangiqiniseka ukuthi akekho. Kusukela lapho, ngangiba nezindlela zokuyibalekela leyo ndoda.

Esikhathini esithile ngemva kwalokho, omunye engangisebenza naye wangimemela kubo. Sisaphuza ikhofi, abazali bakhe baqala ukukhuluma ngoNkulunkulu—uJehova uNkulunkulu. Ngangiqala ukuzwa ukuthi uNkulunkulu unegama. (IHubo 83:18) Noma kunjalo, ngaphika ngaphakathi: ‘Akekho uNkulunkulu, ngisho noma ngabe ngubani igama lakhe. Ngizobabonisa la bantu ukuthi bashaye phansi.’ Ngiqiniseka ngemibono yami, ngavuma ukuba sixoxe ngeBhayibheli. Nokho, ngamangala ngoba angikwazanga ukuveza ubufakazi bokuthi uNkulunkulu akekho.

Njengoba sasihlola iziprofetho zeBhayibheli, kancane kancane indlela engangicabanga ngayo mayelana nokungabikho kukaNkulunkulu yashintsha. Izibikezelo eziningi ezingokwaphezulu zigcwalisekile, nakuba zabhalwa emakhulwini ngisho nasezinkulungwaneni zeminyaka ngaphambili. Kwenye ingxoxo yeBhayibheli, saqhathanisa izimo zezwe zamanje neziprofetho ezikuMathewu isahluko 24, uLuka isahluko 21 neyesi-2 Thimothewu isahluko 3. Njengoba nje inhlanganisela yezimpawu zokugula ingasiza udokotela athole ukuthi isiguli siphethwe yini, inhlanganisela yezenzakalo okukhulunywa ngazo kulezo ziprofetho yangisiza ngabona ukuthi siphila esikhathini iBhayibheli elisibiza ‘ngezinsuku zokugcina.’ * Ngamangala. Lezo ziprofetho zazigcwaliseka phambi kwamehlo ami.

Ngangiqiniseka ukuthi lokho engangikufunda kuyiqiniso. Ngaqala ukuthandaza kuJehova uNkulunkulu futhi ngayeka ukubhema—nakuba kwase kuphele iminyaka engaphezu kweyishumi ngibhema kakhulu. Ngaqhubeka ngitadisha iBhayibheli cishe unyaka. Ngo-April 27, 1986, ngabhapathizwa ngasese kubhavu, njengoba oFakazi BakaJehova babevinjelwe eMpumalanga Jalimane.

UKUPHA ABANYE

Ngenxa yokuvinjelwa, sasihlangana ezindlini zabanye ngamaqembu amancane futhi babembalwa kakhulu esikholwa nabo engangibazi. Ngingalindele, iziphathimandla zikahulumeni zangivumela ukuba ngiye eNtshonalanga Jalimane, lapho oFakazi babengavinjelwe khona. Ngakwazi ukuya emihlanganweni yeBhayibheli ngiqala ngqa ekuphileni kwami, futhi ngabona izinkulungwane zabafowethu nodadewethu. Ayikho into engingayiqhathanisa naleso senzakalo.

Ngemva kokudilizwa koDonga LwaseBerlin, kwaphela ukuvinjelwa koFakazi BakaJehova. Ekugcineni, sase singakwazi ukukhonza uJehova uNkulunkulu ngenkululeko. Ngangifuna ukwenza okuthe xaxa emsebenzini wokushumayela. Nokho, ngangesaba ukuhlangana nabantu engingabazi. Ngangizenyeza ngenxa yokukhubazeka kwami nangenxa yokuthi ngahlala kakhulu ekhaya labakhubazekile ngiseyingane. Kodwa ngo-1992, ngazama ukushumayela amahora angu-60 ngenye inyanga. Kwahamba kahle futhi ngajabula kakhulu. Ngakho, ngazama ukukwenza nyanga zonke lokho, futhi ngakwazi ukuqhubeka iminyaka engaba mithathu.

Ngihlale ngiwakhumbula la mazwi eBhayibheli: “Ubani obuthakathaka, ngingabi buthakathaka nami?” (2 Korinte 11:29) Nakuba ngikhubazekile, ngisenayo ingqondo nezwi. Ngakho, ngizama konke engingakwenza ekusizeni abanye. Njengoba ngingenazo izingalo, ngizwelana ngempela nalabo abanqindekile. Ngiyazi ukuthi kunjani ukufisa kakhulu ukwenza into ongakwazi nhlobo ukuyenza. Ngiye ngizame ukubakhuthaza labo abazizwa kanjalo. Ukupha abanye ngaleyo ndlela kuyangijabulisa.

UJEHOVA UYANGISIZA NSUKU ZONKE

Nokho ngiyavuma, ngezinye izikhathi ngizizwa ngiphansi. Ngifuna nje ukuba indoda ephelele. Ngiyakwazi ukuzenzela izinto eziningi zansuku zonke, kodwa kuthatha isikhathi eside namandla amaningi kunokuvamile. Isiqubulo sami sansuku zonke sithi: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.” (Filipi 4:13) Usuku ngalunye, uJehova unginika amandla engiwadingayo ukuze ngenze izinto “ezivamile.” Ngifundile ukuthi uJehova akangilahlile. Yingakho nami ngingafuni ukumlahla.

UJehova ungibusise ngomndeni—yona kanye into engingazange ngiyithole ebunganeni nasebusheni bami. Nginenkosikazi enhle, u-Elke, enothando nozwela. Ngaphezu kwalokho, senginezigidi zabafowethu nodadewethu abangokomoya abangoFakazi BakaJehova—umndeni womhlaba wonke.

Siyangiduduza nesithembiso sikaNkulunkulu sePharadesi, lapho eyokwenza “konke kube kusha,” kuhlanganise nezingalo zami. (IsAmbulo 21:5) Ngisiqonda nakakhulu lesi sithembiso lapho ngicabanga ngalokho uJesu akwenza lapho esemhlabeni. Welapha amalungu omzimba ngokushesha, wabuyisela ngisho nendlebe yendoda eyayigenciwe. (Mathewu 12:13; Luka 22:50, 51) Izithembiso zikaJehova nezimangaliso zikaJesu ziyangiqinisekisa ukuthi maduze ngizophinde ngibe indoda ephelele.

Nokho, isibusiso esikhulu kunazo zonke ukwazi uJehova uNkulunkulu. Usengubaba, umngane, umduduzi namandla ami. Ngizizwa ngendlela efanayo neNkosi uDavide, eyabhala: “UJehova uyizikhwepha zami . . . Ngisiziwe, kangangokuba inhliziyo yami iyethaba.” (IHubo 28:7) Leli qiniso elimangalisayo ngifuna ukunamathela kulo ukuphila kwami konke. Ngilibambe ngazo zombili, ngingenazandla nazingalo nginjalo.

^ isig. 17 Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe mayelana nesibonakaliso sezinsuku zokugcina, bheka isahluko 9, esithi “Ingabe Siphila ‘Ezinsukwini Zokugcina’?” encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova, futhi etholakalayo naku-www.mr1310.com/zu.