Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDLELA YOKUTHOLA INJABULO

Ukwazi Ukuthi Uphilelani

Ukwazi Ukuthi Uphilelani

ZININGI IZINTO EZENZA ABANTU BAHLUKE EZILWANENI—SIYABHALA, SIDWEBE, SISUNGULE IZINTO FUTHI SIFUNE IZIMPENDULO ZEMIBUZO EBALULEKILE: Kungani kukhona amazulu nomhlaba? Sivelaphi? Siphilelani? Lisiphatheleni ikusasa?

Abanye abantu abafuni ukucabanga ngaleyo mibuzo, ngoba bazitshela ukuthi asisoze sazithola izimpendulo zayo. Abanye bathi asikho isidingo sokubuza leyo mibuzo ngoba izinto zazivelela, akekho owazidala. UWilliam Provine onguprofesa wezomlando nowezinto eziphilayo wathi, “Akekho uNkulunkulu, asinazo izizathu sokuziphatha kahle futhi asazi ukuthi siphilelani.”

Nokho, abaningi abavumelani nalowo mbono. Baye babona ukuthi izinto ezidaliwe zilawulwa imithetho ecatshangelwe kahle. Izinto abazibona emvelweni ziyabamangaza, futhi baye babukela kuyo lapho besungula izinto ezithile. Izinto abazibona nsuku zonke zibatshela ukuthi ukhona uMdali, izinto azizange zimane zizivelele nje.

Ukucabanga ngalokho kwenze ababekholelwa ukuthi izinto zazivelela bacabanga ngenye indlela. Phawula nazi izibonelo ezimbili:

UDOKOTELA WEZINZWA U-ALEXEI MARNOV wathi, “Izikole engafunda kuzo, zazifundisa ukuthi uNkulunkulu akekho futhi izinto zazivelela. Umuntu owayekholelwa kuNkulunkulu wayebhekwa njengomuntu ongafundile.” Kodwa ngo-1990 umbono wakhe washintsha.

Uthi, “Selokhu kwathi nhlo, ngingumuntu ohlala efuna ukuthola izizathu zokuthi kungani into ethile yenzeka. Indlela ingqondo esebenza ngayo imangaza kakhulu futhi kuye kwathiwa iyinto eyinkimbinkimbi kunazo zonke ezikhona emkhathini nasemhlabeni. Kodwa, ingabe ingqondo yayimane yenzelwe ukuba iqongelele ulwazi bese ekugcineni iyafa? Kwakubonakala kungenangqondo lokho. Ngakho ngaqala ukuzibuza, ‘Kungani silapha? Siphilelani?’ Ngemva kokucabangisisa ngale ndaba, ngaphetha ngokuthi kufanele ukuba ukhona uMdali.”

Ukufuna ukwazi ukuthi siphilelani, kwenza u-Alexei wafunda iBhayibheli. Kamuva, umkakhe ongudokotela futhi owayengakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, naye watadisha iBhayibheli. Wayefuna ukubonisa umyeni wakhe ukuthi lokho ayesekukholelwa kwakuyiphutha! Kodwa manje, bobabili bayakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, futhi bayazi ukuthi wabadalelani abantu njengoba kuchazwa eBhayibhelini.

USOSAYENSI UDKT HUABI YIN. UHuabi Yin wafunda isayensi futhi wachitha iminyaka eminingi ecwaninga ngelanga.

UHuabi uthi, “Thina esingososayensi, lapho sicwaninga ngemvelo sihlale sithola ukuthi ihleleke kakhulu futhi ilawulwa imithetho ethile. Ngangizibuza, ‘Yavelaphi le mithetho? Ubani owenza imithetho elawula ilanga, ngoba ngisho nomlilo omncane wokupheka udinga othile ozowulawula?’ Ngokuhamba kwesikhathi, ngaphetha ngokuthi impendulo enengqondo yale mibuzo itholakala evesini lokuqala leBhayibheli elithi: ‘Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.’”—Genesise 1:1.

Kuyiqiniso ukuthi isayensi isinika izimpendulo zemibuzo eminingi mayelana nokuthi izinto zenzeka kanjani. Njengombuzo othi: Ingqondo isebenza kanjani? Nothi: Ilanga likukhipha kanjani ukukhanya nokushisa? Kodwa njengoba u-Alexei kanye noHuabi bathola, iBhayibheli lisinikeza izimpendulo zemibuzo eminingi emayelana nokuthi kungani izinto ezithile zenzeka. Njengemibuzo ethi: Kungani kukhona amazulu nomhlaba? Kungani kunemithetho elawula indlela izinto ezisebenza ngayo? Kungani siphila?

Mayelana nomhlaba, iBhayibheli lithi: ‘UNkulunkulu akazange awudalele ize nje, kodwa wawubumba ukuze uhlalwe ngisho nokuhlalwa.’ (Isaya 45:18) Yebo, kunezizathu ezenza uNkulunkulu wadala umhlaba futhi njengoba sizobona esihlokweni esilandelayo, lezo zizathu zihlobene eduze nethemba lethu ngekusasa.