Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Manje Sengiyamazi UNkulunkulu Engimkhulekelayo

Manje Sengiyamazi UNkulunkulu Engimkhulekelayo

Savakashelwa umvangeli wesonto likaMoya okwakuthiwa unamandla okuphulukisa. Lapho engithinta ngawa phansi ngaquleka, “ngivukwe umoya.” Lapho ngiphaphama, kwabonakala sengathi ngase ngikutholile engangikufuna—amandla okuphulukisa. Yini eyangiholela kulesi simo futhi sakuthinta kanjani ukuphila kwami? Ngaphambi kokuba nginixoxele le ndaba, ake ngichaze umlando wami.

NGAZALELWA e-Ilocos Norte, ePhilippines, ngo-December 10, 1968, ngiyingane yesi-7 kweziyishumi. Njengabantu abaningi basePhilippines, sakhula singamaKatolika. Ngaqeda isikole ngo-1986, futhi ngangifisa ukuba umhlengikazi. Nokho, ngenxa yokuthi ngangenwa isifo esibi, angikwazanga ukufeza lelo phupho. Eqinisweni, ngangicabanga ukuthi ngizofa. Ngiphelelwe ithemba, ngacela ukuba uNkulunkulu angisize futhi ngamthembisa ukuthi uma ngilulama, ngiyomkhonza ukuphila kwami konke.

Kwathatha isikhathi eside ukuba ngilulame, ngemva kwalokho ngakhumbula isithembiso engasenza kuNkulunkulu. Ngakho ngo-June 1991, ngabhalisa esikoleni seBhayibheli sesonto likaMoya. Uhlelo lwesikole kwakuthiwa luhlanganisa nokuthola “isipho sesihle somoya ongcwele.” Ngangifuna ukuba namandla okuphulukisa. Esikoleni basifundisa ukuthi singawathola uma sizila ukudla futhi sithandaza. Ngelinye ilanga ngifuna bacabange ukuthi “nginesipho,” ngacasha ngabe sengilalela omunye umfundi ethandaza ekhoneni ngenkathi yomthandazo. Lapho esezoqeda, ngokushesha ngabuyela lapho engangiguqe khona. Ngemva kwalokho, ngamtshela lokho ayekucelile emthandazweni, futhi wakholwa ukuthi ngase ‘nginesipho sesihle’!

Njengoba ngiqhubeka nezifundo zami esikoleni, nganginemibuzo eminingi. Ngokwesibonelo, uMathewu 6:9 ukhuluma ‘ngoBaba’ ‘negama’ lakhe. Ngangibuza imibuzo enjengokuthi, “Ubani uBaba uJesu akhuluma ngaye?” nothi “Elikabani igama okufanele lingcweliswe?” Izimpendulo zabefundisi bami zazingacacile futhi zinganelisi. Bakhuluma ngoZiqu-zintathu futhi bathi uyimfihlakalo. Lokhu kwakungidida kakhulu. Naphezu kwalokho, ngaqhubeka nokuqeqeshelwa ukuba umfundisi.

Ukuhlangana NoFakazi BakaJehova

Esikoleni seBhayibheli safundiswa ukuthi oFakazi BakaJehova bagqugquzela uhlobo olubi kakhulu lwenkolo yamanga. Babephinde babizwe ngokuthi omphik’ukristu. Ngaqala ukuyizonda le nkolo.

Phakathi nonyaka wesibili ngisesikoleni, ngavakashela ekhaya lapho izikole zisavaliwe. Omunye wodadewethu abadala, uCarmen, wezwa ukuthi ngisekhaya naye wabe eseza ezovakasha. Wayeseyisikhonzi sesikhathi esigcwele esibhapathiziwe soFakazi BakaJehova. Lapho ezama ukungifundisa ngoNkulunkulu, ngamphendula ngithukuthele: “Ngiyamazi uNkulunkulu engimkhonzayo!” Ngemva kokumedelela,  ngamchiliza futhi angibange ngisamnikeza elinye ithuba lokuba akhulume nami.

Sengibuyele esikoleni seBhayibheli, uCarmen wangithumelela incwajana ethi Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu? * Ngavele ngayinyomfoza ngayiphosa emlilweni. Ngangisamthukuthelele.

Ukubekwa Njengomfundisi

Ngesikhathi ngithweswa iziqu zobufundisi

Njengoba ngangiqhubeka nezifundo zami esikoleni seBhayibheli, ngakwazi ukuguqula abathile. Ngaziqhenya kakhulu lapho umama nomfowethu bengena esontweni likaMoya.

Ngo-March 1994, ngaphothula izifundo zami esikoleni seBhayibheli sesonto likaMoya. Njengoba ngishilo ekuqaleni, ngaleso sikhathi kwakuvakashe umvangeli. Sonke esasithweswe iziqu sasifuna ukuba naye ngoba sikholelwa ukuthi unesiphiwo sokuphulukisa. Saya kuye esiteji, sigxumagxuma futhi sishaya izandla sihambisana nomculo. Umuntu ngamunye ayemthinta wayevele awe phansi “avukwe umoya.” * Lapho nami engithinta, ngawa ngaquleka. Lapho ngiphaphama, ngangethukile, kodwa ngaba nomuzwa wokuthi senginamandla okuphulukisa, ngakho ngajabula.

Ngokushesha ngemva kwalokho, ngasebenzisa lawo mandla ngaphulukisa ingane eyayiphethwe umkhuhlane omubi. Lapho ngithandaza, ngokushesha le ngane yaqala ukujuluka futhi umkhuhlane waphela. Ekugcineni, ngaba nomuzwa wokuthi sengizokwazi ukufeza isithembiso engasenza kuNkulunkulu. Nokho, ngazizwa ngingenelisekile kahle ngaphakathi. Ekujuleni kwenhliziyo, ngangikholelwa ukuthi kunoNkulunkulu oyedwa, kodwa ngangingazi ngempela ukuthi ungubani. Nganginongabazane olubeleselayo ngezimfundiso eziningi zesonto.

Ngasebenzisa la mandla ukuphulukisa ingane eyayiphethwe umkhuhlane omubi

Izinto Ezashintsha Ukucabanga Kwami

Ngemva kwalezo zenzakalo, inzondo enganginayo ngoFakazi BakaJehova yakhula nakakhulu. Nomaphi lapho ngithola izincwadi zoFakazi ngangizishisa. Kwabe sekwenzeka into engangingayilindele. Ngethuswa ukuthola ukuthi umama wayengasayifuni inkolo yethu. UCarmen wayesemfundela iBhayibheli! Ngamthukuthelela nakakhulu udadewethu.

Ngabe sengithola i-Phaphama! endlini kamama futhi ngokuvamile ngangiyoyishisa. Kodwa ngoba nganginesithakazelo kulokho ayekufunda, ngaphenya amakhasi ayo. Ngazithela phezu kwesihloko esikhuluma ngomuntu owayekholelwa ngokuqinile kulokho isonto elalikufundisa. Nokho, lapho eqala ukufunda izincwadi zoFakazi neBhayibheli, waqiniseka ukuthi imfundiso kaZiqu-zintathu, isihogo somlilo nomphefumulo ongafi ayisekelwe emiBhalweni. Inhliziyo yami yathinteka. Yizo kanye lezi zinto engangifuna ukuziqonda. Kusukela lapho, ngalangazelela isikhathi lapho ngiyowaqonda khona amaqiniso eBhayibheli.

Ngemva kokufunda enye indaba yokuphila kumagazini i-Phaphama! ngomuntu owayewumlutha wotshwala nezidakamizwa owenza izinguquko ezinkulu ngenxa yokufunda  iBhayibheli, ngaqala ukufunda izincwadi ezengeziwe zoFakazi. Ngathola ikhophi yencwajana ethi IGama Laphezulu Eliyohlala Phakade. * Ngokufunda leyo ncwajana ngathola ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova. Kwangijabulisa kakhulu ukufunda iqiniso ngowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso!—Duteronomi 4:39; Jeremiya 10:10.

Kwangijabulisa kakhulu ukufunda iqiniso ngowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso!

Ngaqhubeka ngizifundela ngasese amaqiniso engeziwe eBhayibheli. Ngokwesibonelo, esikoleni sesonto likaMoya ngafundiswa ukuthi uJesu unguNkulunkulu, kodwa iBhayibheli langifundisa ukuthi ‘uyiNdodana kaNkulunkulu ophilayo.’—Mathewu 16:15, 16.

Ukushintsha Kwenhliziyo

Lapho ngiphinda ngibona uCarmen, wamangala lapho ngimcela ikhophi yencwajana ethi IGama Laphezulu Eliyohlala Phakade nezinye izincwadi. Ngangichithe iminyaka eminingi esikoleni seBhayibheli, kodwa abangifundisanga iqiniso, ngangiphuphuthekisiwe. Inhliziyo yami yayichichima injabulo ngenxa yamaqiniso engangiwafunda eBhayibhelini. Ngalizwa ithonya lamazwi kaJesu: “Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” (Johane 8:32) Lawo maqiniso ayeseqala ukushintsha ukuphila kwami.

La maqiniso ayeseqala ukushintsha ukuphila kwami

Isikhathi esithile ngangicabanga ukuthi ngizomkhulekela ngasese uJehova uNkulunkulu ngiqhubeke ngingumfundisi. Ngokushesha ngaqaphela ukuthi ngangingeke ngisakwazi ukufundisa izimfundiso eziningi zesonto. Nakuba kunjalo, ngangesaba. Ngangizoziphilisa ngani uma ngiyeka ukuba umfundisi? Kwakuyoba ihlazo elikhulu esontweni ukuthi omunye wabefundisi balo usengomunye woFakazi BakaJehova! Ngakho, ngaqhubeka ngingumfundisi, kodwa ngizigwema izimfundiso zesonto ezingamanga.

UPrecious ungifundela iBhayibheli

Lapho ngiphinda ngihlangana nodadewethu uCarmen, wangicela ukuba ngiye emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Njengoba ngangivame ukuya ekomkhulu lesonto lethu eLaoag City, ngasese ngafuna iHholo LoMbuso, indawo oFakazi abahlangana kuyo. Bangixhumanisa no-Alma Preciosa Villarin owayaziwa ‘ngelikaPrecious,’ isikhonzi sesikhathi esigcwele kulelo bandla. Nakuba ngangingabathandisisi kahle oFakazi ngavuma ukuba angifundele iBhayibheli.

Udadewethu wayenesineke lapho engifundisa amaqiniso eBhayibheli. Manje ngase ngibona umoya ofanayo nakuPrecious. Wangisiza kakhulu ukuba ngiliqonde iBhayibheli, nakuba ngangicikeka, ngizame ukumphikisa, ngezinye izikhathi ngize ngiphakamise nezwi, ngiphikelela ezintweni engangizifundiswe esontweni. Ukukhathalela, ukuthobeka nobumnene okwaboniswa uPrecious nabanye oFakazi  kwangithinta inhliziyo. Lokhu kwangishukumisela ukuba ngifune ukukhulekela uJehova.

Ngo-July 1995, ngaqaphela ukuthi ukuze ngijabulise uNkulunkulu akukho engangingakwenza ngaphandle kokushiya isikhundla sami njengomfundisi. Ngani? IsAmbulo 18:4 sikhuluma ngenkolo yamanga ngendlela engokomfanekiso sithi: “Phumani kulo, bantu bami, uma ningafuni ukuhlanganyela nalo ezonweni zalo, futhi ningafuni ukwamukela ingxenye yezinhlupho zalo.” Ngangizoziphilisa ngani? AmaHebheru 13:5 angifundisa ukuthi uma senza intando kaNkulunkulu, uyasithembisa: “Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.”

Ngesikhathi mina nomama sibhapathizwa

Nakuba ubaba nomfowethu babengiphatha ngokhahlo, sekusele amasonto amabili ukuba ngibhapathizwe njengoFakazi, ngaqunga isibindi ngaya ekhaya futhi ngashisa zonke izinto engangizisebenzisa ngisengumfundisi. Ngemva kwalokho, ngaphawula ukuthi amandla akhethekile enganginawo ayengasekho. Phambilini uma ngilele ngangizwa sengathi kunento ethile engicindezelayo. Nalokho kwakungasekho. Izithunzi engangivame ukuzibona efasiteleni lekamelo lami aziphindanga zavela. Ukutadisha iBhayibheli kwangifundisa ukuthi noma yini namuhla ebizwa ngokuthi izipho, njengamandla okuphulukisa, akuveli kuNkulunkulu kodwa emimoyeni emibi. Ngijabula kakhulu ngokuthi ngagqashula ethonyeni layo, njengoba kwenza intombazane uPawulu ayikhulula ‘edemonini lokubhula.’—IzEnzo 16:16-18.

Ngiyisikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova

Yeka injabulo okwakuyiyo lapho mina nomama sibhapathizwa njengoFakazi BakaJehova ngo-September 1996! Ngemva kokubhapathizwa ngangenela inkonzo yesikhathi esigcwele yoFakazi BakaJehova futhi ngajabulela iminyaka eminingi kule nkonzo.

Manje sengishade noSilver umyeni wami. Sobabili sisebenza kanzima ekuqeqesheni indodakazi yethu ngamaqiniso eBhayibheli. Ezinye izingane zakithi sezihlanganyela nathi ekukhonzeni uJehova. Nakuba ngizisola ngeminyaka eminingi engayichitha ngingamazi uJehova, ngijabula kakhulu ngokuthi manje sengiyamazi uNkulunkulu engimkhulekelayo.

Nginomyeni wami, indodakazi yethu kanye nezihlobo zami eziningi ezikanye nathi ekukhulekeleni kweqiniso

^ isig. 10 Yayinyatheliswa oFakazi BakaJehova kodwa manje ayisanyatheliswa.

^ isig. 13 ‘Ukuvukwa umoya’ kubhekisela esenzakalweni esiyisimangaliso esenzeka kwezinye izinkolo lapho kuthiwa “umoya” ufikela ikholwa ngamandla amakhulu kangangokuthi lize liwe phansi.

^ isig. 18 Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.