Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umusa—Ubalulekile Emehlweni KaNkulunkulu

Umusa—Ubalulekile Emehlweni KaNkulunkulu

INSIZWA yaseJapane yathintwa umusa wekhehla elithile. Kwase kuyiminyaka leli khehla eliyisithunywa sevangeli lingahlali kuleli zwe lase-Asia futhi lalingakakwazi ukukhuluma kahle isiJapane. Noma kunjalo, isonto ngalinye lalivakashela le nsizwa kubo ukuze baxoxe ngeBhayibheli. Laphendula imibuzo eminingi yalo mfundi osemusha limomotheka ngobungane futhi libonisa umusa.

Le nsizwa ayisoze yawulibala umusa walesi sithunywa sevangeli esase sikhulile. Yacabanga ‘Uma iBhayibheli lenza umuntu abe nomusa nothando kangaka, kufanele nakanjani ngifunde ngalo.’ Lokhu kwayinika ugqozi eyayiludinga ukuze ifunde into eyayiyintsha kuyo. Yebo, umusa uthinta inhliziyo, ukhulume nayo, futhi ezikhathini eziningi, unamandla kunamazwi.

Imfanelo KaNkulunkulu

Kungokwemvelo ngathi ukubonisa umusa kulabo abahlobene nathi eduze ngoba umusa usho uthando olwakhiwa ukuhlobana kwabantu. Noma kunjalo, umusa uyimfanelo kaNkulunkulu. UJesu wathi uYise osezulwini unomusa ‘nakwabangabongiyo,’ hhayi kulabo abamthandayo kuphela. UJesu wanxusa abalandeli bakhe ukuba balingise uNkulunkulu kulesi sici: “Nibe ngabaphelele, njengoba noYihlo wasezulwini ephelele.”—Luka 6:35; Mathewu 5:48; Eksodusi 34:6.

Njengoba abantu bedalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, bayakwazi ukubonisa le mfanelo yomusa. (Genesise 1:27) Yebo, singamlingisa uNkulunkulu siwubonise nakwabanye umusa, singagcini ngalabo esihlobene nabo. IBhayibheli lichaza umusa ngokuthi uyisici sesithelo esifiselekayo somoya ongcwele kaNkulunkulu, noma amandla akhe asebenzayo. (Galathiya 5:22) Ngenxa yalokho, umuntu angawuhlakulela umusa njengoba efunda okwengeziwe ngoNkulunkulu, uMdali, futhi esondela kuye.

Njengoba umusa ungagcini ngokuba ubuntu kodwa futhi uNkulunkulu ewazisa kakhulu, yingakho kufaneleka ukuba athi ‘masibe nomusa komunye nomunye.’ (Efesu 4:32) Siphinde sikhunjuzwe: “Ningakukhohlwa ukungenisa izihambi.”—Hebheru 13:2.

Kuleli zwe lanamuhla elingenamusa nelingabongiyo, kungenzeka yini ukuba sibe nomusa kwabanye, ngisho nakubantu esingabazi? Yini engasisiza sibe nomusa? Empeleni, kungani kufanele sikukhathalele nokukukhathalela ukubonisa umusa?

Ubalulekile Phambi KukaNkulunkulu

Ngemva kokukhuluma ngokubonisa umusa kubantu esingabazi, umphostoli uPawulu wathi: “Abanye, bengazi, babungaza izingelosi.” Cabanga nje ukuthi ungazizwa kanjani uma unganikezwa ithuba lokubungaza izingelosi? Kodwa uPawulu waqala ngegama elithi “bengazi.” Ngamanye amazwi, iphuzu lakhe liwukuthi uma sijwayele ukubonisa umusa kwabanye, kuhlanganise nabantu esingabazi, singavuzwa ngezindlela esingazilindele.

Izinguqulo zeBhayibheli eziningi ezinezikhombo zihlobanisa amazwi kaPawulu nendaba ka-Abrahama noLoti ekuGenesise izahluko 18 no-19. Kuzo zombili lezi zindaba, sifunda ngezingelosi ezafika kubo zingabantu abangaziwa ababephethe umyalezo obalulekile. Endabeni ka-Abrahama, umyalezo wawuphathelene nokugcwaliseka kwesithembiso  sikaNkulunkulu sokuzalwa kwendodana, endabeni kaLoti umyalezo wawuphathelene nokusindiswa ekubhujisweni kwemizi yaseSodoma naseGomora.—Genesise 18:1-10; 19:1-3, 15-17.

Uma ufunda le miBhalo ekhonjwe ngenhla, uzophawula ukuthi bobabili u-Abrahama noLoti babonisa umusa kubantu abangabazi ababezidlulela nje. Yiqiniso, ezikhathini zeBhayibheli ukungenisa izihambi kubantu abadlulayo—kungakhathaliseki ukuthi abangane, izihlobo noma abantu ongabazi—kwakuyisiko nesibopho. Eqinisweni, uMthetho KaMose wawuthi ama-Israyeli angazizibi izidingo zabangewona ama-Israyeli ezweni lawo. (Duteronomi 10:17-19) Noma kunjalo, kuyacaca ukuthi u-Abrahama noLoti benza okungaphezu kwalokho okwaba imfuneko yomthetho kamuva. Benza umzamo omkhulu ukuze babonise umusa kubantu abangabazi, futhi babusiswa ngokwenza kanjalo.

Izenzo zomusa zika-Abrahama azigcinanga ngokulethela yena yedwa izibusiso ngokuthi athole indodana, kodwa nathi sabusiswa. Kanjani? U-Abrahama nendodana yakhe u-Isaka baba nendima ebalulekile ekufezekeni kwenjongo kaNkulunkulu. Baba abantu abayinhloko ozalweni olwaluzoveza uMesiya, uJesu. Futhi inkambo yabo yokwethembeka yafanekisela indlela insindiso yesintu eyayizotholakala ngayo ngenxa yothando lukaNkulunkulu nomusa ongafanelwe.—Genesise 22:1-18; Mathewu 1:1, 2; Johane 3:16.

Lezo zindaba zibonisa lokho uNkulunkulu akulindele kubantu abathandayo nokuthi uyazisa kangakanani imfanelo yomusa. Ukubonisa umusa akuyona into esingayenza uma sithanda kodwa kubalulekile emehlweni kaNkulunkulu.

Ukubonisa Umusa Kusisiza Simazi Kangcono UNkulunkulu

IBhayibheli lithi esikhathini sethu abaningi bayoba “abangabongiyo, abangathembeki, abangenalo uthando.” (2 Thimothewu 3:1-3) Cishe uhlangana nabantu abanjalo nsuku zonke. Noma kunjalo, lesi akusona isizathu sokungababonisi nhlobo umusa abanye. AmaKristu ayakhunjuzwa: “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. Yenzani izinto ezinhle emehlweni abo bonke abantu.”—Roma 12:17.

Singawenza umzamo wokubonisa umusa futhi sibe nesandla esivulekile. IBhayibheli lithi: “Wonke umuntu onothando . . . uzuza ulwazi ngoNkulunkulu,” futhi indlela esibonisa ngayo uthando ibonakala ngokuba nomusa kwabanye. (1 Johane 4:7; 1 Korinte 13:4) Yebo, ngokubonisa abanye umusa, simazi kangcono uNkulunkulu, futhi lokho kusenza sijabule kakhulu. UJesu washo la mazwi eNtshumayelweni YaseNtabeni: “Bayajabula abanomusa—ngoba bayothola umusa.  Bayajabula abahlanzekile enhliziyweni—ngoba bayobona uNkulunkulu.”—Mathewu 5:7, 8, Young’s Literal Translation.

Lapho ungaqiniseki ngokufanele ukwenze noma ukusho, yenza noma usho into ewumusa

Cabanga ngesibonelo sika-Aki, umama osemusha waseJapane ongasebenzi, onamadodana amabili. Ngemva kokushonelwa unina ngokuzumayo, wacindezeleka kakhulu. Ngezinye izikhathi kwakuba kubi kuze kudingeke abone udokotela. Kwabe sekuthuthela umndeni othile ngakwakhe. Wawusanda kushonelwa ubaba wekhaya engozini futhi umama wasala nezingane ezincane ezinhlanu. U-Aki wawudabukela kakhulu lo mndeni, wayesenza umzamo wokuba umngane wawo. Njengoba ayenza konke angakwenza ukuze asize lo mndeni—ewupha ukudla, ewambulela nezingubo nokunye—u-Aki walulama. Wabona ukuba yiqiniso kwala mazwi eBhayibheli: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Yebo, ukubonisa abanye umusa kungaba into enhle kakhulu ongayenza lapho uzwa umoya wakho uphansi.

“Uboleka UJehova”

Ukubonisa umusa kwabanye kufana ‘nokuboleka uJehova’

Ukubonisa umusa akubizi ngempela. Akuxhomekile nasekhonweni lakho noma ezikhwepheni zakho. Ukumomotheka, amazwi anozwela, ukunikeza usizo, isipho esincane esicatshangelwe kahle noma ukumane udedele abanye babe ngaphambi kwakho emgqeni, kungasho lukhulu. Lapho ungaqiniseki ngokufanele ukusho noma ukwenze esimweni esithile, yisho noma wenze into ewumusa. Insizwa okukhulunywe ngayo ekuqaleni kwalesi sihloko yathintwa umusa wesithunywa sevangeli, owanqoba ukungezwani ngolimi. Yingakho nje uNkulunkulu ethi abakhulekeli bakhe ‘abathande umusa’!—Mika 6:8.

Isisho saseMpumalanga sithi “izwi elilodwa lomusa lingenza izinyanga ezintathu zobusika zifudumale.” Njengoba lesi sisho sisho, isenzo esincane somusa singafeza lukhulu. Uma senziwa ngesisusa esifanele, futhi ikakhulukazi lapho sihambisana nothando ngoNkulunkulu, singenza izinhliziyo zabo bonke abathintekayo zifudumale. Ngisho noma kungekho obongayo, akusho ukuthi usuke udlale ngesikhathi. UNkulunkulu uyasazisa leso senzo. IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi umusa oboniswa kwabanye empeleni ‘uwukuboleka uJehova.’ (IzAga 19:17) Kungani ungacingi amathuba okubonisa umusa kulabo abaseduze kwakho?