Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ingabe izono zethu zingathethelelwa?

Akunzima kakhulu ukuba sithole ukwamukelwa uNkulunkulu

IBhayibheli lithi bonke abantu bayizoni. Kulula kithi ukwenza isono ngenxa yofuzo esaluthola kumuntu wokuqala u-Adamu. Ngakho, ngezinye izikhathi senza izinto ezimbi esizisolayo ngazo kamuva. INdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, yakhokhela izono zethu ngokusifela. Umhlatshelo wayo wesihlengo wasenza sakwazi ukuthola intethelelo. Uyisipho esivela kuNkulunkulu.—Funda amaRoma 3:23, 24.

Abanye abantu baye benza izono ezimbi kakhulu futhi bayazibuza ukuthi uNkulunkulu angabathethelela yini. Siyajabula ngoba iZwi likaNkulunkulu lithi: “Igazi likaJesu iNdodana yakhe lisihlanza kuso sonke isono.” (1 Johane 1:7) UJehova uzimisele ukuthethelela ngisho nezono ezinkulu uma nje sinesimo sengqondo esifanele futhi siphenduka.—Funda u-Isaya 1:18.

Yini okumelwe siyenze ukuze sithethelelwe?

Uma sifuna uJehova uNkulunkulu asithethelele, kudingeka sifunde ngaye—siqonde izindlela zakhe, izeluleko nezimfuneko zakhe. (Johane 17:3) UJehova ubathethelela ngokukhululekile labo abaphendukayo ekuziphatheni kwabo okubi futhi bazame ukushintsha.—Funda IzEnzo 3:19.

Akunzima kakhulu ukuba sithole ukwamukelwa uNkulunkulu. UJehova uyabuqonda ubuthakathaka bethu. Unesihe nomusa. Ingabe umusa wakhe wothando awukwenzi ufune ukufunda okwengeziwe ngendlela ongamjabulisa ngayo?—Funda iHubo 103:13, 14.