Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO: INGABE UNKULUNKULU UNONYA?

Kungani Abantu Bethi UNkulunkulu Unonya?

Kungani Abantu Bethi UNkulunkulu Unonya?

Ingabe uyakumangaza umbuzo othi, “Ingabe UNkulunkulu Unonya?” Abanye siyabethusa, kodwa abantu abaningi namuhla bayazibuza ukuthi uNkulunkulu unonya yini—noma bavele baphethe ngokuthi unalo. Kungani?

Abanye abasinda ezinhlekeleleni zemvelo bayabuza: “Kungani uNkulunkulu evumela lezi zinto ukuba zenzeke? Ingabe akanandaba? Noma ingabe unonya?”

Ukufunda izindaba ezinjengekaNowa noZamcolo eBhayibhelini kwenza abanye bakhathazeke, bazibuze, ‘Kungani uNkulunkulu onothando abulala abantu abaningi kangaka? Ingabe unonya?’

Nawe uke uzibuze yini leyo mibuzo? Noma uke ukuthole kunzima yini ukuphendula abantu abazibuza ukuthi ingabe uNkulunkulu unonya? Kunoma ikuphi, cabanga ngombuzo ohlukile ongase ukusize.

KUNGANI SILUZONDA UNYA?

Kalula nje, siyaluzonda unya ngoba sinomuzwa wokulungile nokungalungile. Leso isici esisenza sihluke kakhulu ezilwaneni. UMdali wethu wasenza “ngomfanekiso wakhe.” (Genesise 1:27) Kusho ukuthini lokho? Wasenza sakwazi ukubonakalisa izimfanelo zakhe nesimilo, umuzwa wokulungile nokungalungile. Cabanga ngalokhu: Uma umuzwa wokulungile nokungalungile siwuthole kuNkulunkulu futhi siluzonda unya, ingabe lokho akubonisi ukuthi noNkulunkulu uyaluzonda?

IBhayibheli liyavumelana nale ndlela yokucabanga ngoba kulo uNkulunkulu uyasiqinisekisa: “Izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.” (Isaya 55:9) Uma sithi uNkulunkulu unonya, siyobe siphikisana nalokho okushiwo iBhayibheli. Ngamanye amazwi siyobe sithi izindlela zethu ziphakeme kunezakhe. Ngokuqinisekile kuyoba ukuhlakanipha ukuhlola wonke amaqiniso ngaphambi kokufinyelela kuleso siphetho. Esikhundleni sokumane sithi uNkulunkulu unonya, kufanele sibuze ukuthi kungani ezinye izenzo zakhe zingase zibonakale sengathi zinonya. Ukuze sithole impendulo, ake sibone ukuthi igama elithi “unya” lisho ukuthini ngempela.

Lapho sithi umuntu unonya, sisuke sikhuluma ngezisusa zakhe. Umuntu ononya uyakujabulela ukubona abanye behlupheka noma angabi nandaba nokucindezeleka kwabo. Ngakho, ubaba ojezisa indodana yakhe ngoba ekujabulela ukuyibona izwa ubuhlungu usuke enonya. Kodwa ubaba oyijezisa ngoba eyifundisa umthetho noma eyivikela ungubaba omuhle. Kulula ukungaziqondi izisusa zabanye, mhlawumbe nawe ukhona oke wakwahlulela kabi engaziqondi izisusa zakho.

Ake sixoxe ngezizathu ezimbili ezenza abanye bacabange ukuthi uNkulunkulu unonya—izinhlekelele zemvelo esizibona namuhla nezahlulelo zikaNkulunkulu esifunda ngazo eBhayibhelini. Ingabe ngempela amaqiniso abonisa ukuthi uNkulunkulu unonya?